"izahlulelo"
59 occurrences in ZUL
Ngokuba ngiyakudabula izwe laseGibithe ngalobo busuku, ngibulale onke amazibulo ezweni laseGibithe , abantu nezinkomo , ngenze izahlulelo kuzo zonke izithixo zaseGibithe; nginguJehova.
Ngalokho anogcina zonke izimiso zami , nazo zonke izahlulelo zami , nizenze ukuba izwe lapho nginiyisa khona ukuba nihlale kulo linganihlanzi.
Izwe liyakushiywa yibo , lithokoze ngamasabatha alo , lisahlezi lichithekile, lingenabo; bayakwamukela isijeziso sobubi b abo, ngokuba, yebo, ngokuba balahla izahlulelo zami nangokuba umphefumulo wabo wanengwa yizimiso zami.
Bafundisa uJakobe izahlulelo zakho , no-Israyeli umthetho wakho ; babeka impepho phambi kwamakhala akho , nomnikelo oshiswa wonke e -altare lakho.
Amadodana akhe ayengahambi ngezindlela zakhe , kepha aphambukela inzuzo embi, athengwa ngemivuzo, aphendukezela izahlulelo. Abakwa-Israyeli bafuna inkosi
Kumi kanje maqondana nale ndlu oyakhayo : uma uyakuhamba ngezimiso zami, wenze izahlulelo zami , ugcine yonke imiyalo yami ukuba u hambe ngayo, ngiyakugcwalisa kuwe izwi engalikhuluma kuDavide uyihlo:
Wehlela entabeni yaseSinayi , wakhuluma nabo usezulwini, wabanika izahlulelo ezilungileyo, nemithetho eqinisileyo, nezimiso, nemiyalo emihle;
Izindlela zakhe zithembekile iz ikhathi zonke ; izahlulelo zakho ziphakeme kakhulu kunokubona kwakhe; zonke izitha zakhe uyazidelela.
Ngomphefumulo wami ngikulangazelela ebusuku , yebo, ngomoya wami ophakathi kwami ngiyakufunisisa , ngokuba lapho izahlulelo zakho zisemhlabeni, abakhileyo bezwe bafunda ukulunga.
Nokho bangifuna izinsuku zonke , bathanda ukwazi izindlela zami ; njengesizwe esenza ukulunga, singashiyi ukwahlulela kukaNkulunkulu waso, babuza kimi izahlulelo zokulunga, bathanda ukusondela kuNkulunkulu.
Nonogolantethe emkhathin i uyazazi izikhathi zakhe ezimisiweyo , ihobhe, nenkonjane, nonohemu bagcina isikhathi sokufika kwabo, kepha abantu bami abazazi izahlulelo zikaJehova.
O, ndlu kaDavide, usho kanje uJehova , uthi: Yenzani izahlulelo ekuseni , nophule ophangiweyo esandleni somcindezeli , funa uku futheka kwami kuphume njengomlilo, kushise, kuze kungabikho owucimay o ngenxa yobubi bezenzo zenu.
Usho kanje uJehova , uthi: Yenzani izahlulelo nokulunga , nophule ophangiweyo esandleni somcindezeli , ningoni, ningadluzuli abafokazi , nezintandane, nabafelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo.
Uhlubukile izahlulelo zami ngokwenza okubi kunezizwe , nezimiso zami kunamazwe alihaqayo , ngokuba balahlile izahlulelo zami nezimiso zami , abahambanga ngazo.
Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngokuba nibanga umsindo kunezizwe ezinihaqayo , ningahambi ngezimiso zami , ningazigcinanga izahlulelo zami, ningenzanga ngemithetho yezizwe ezinihaqayo,
ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bheka, mina, yebo, mina ngimelene nawe ; ngiyakwenza izahlulelo phakathi kwakho emehlweni ezizwe.
Ngalokho oyise bayakudla abantwana babo phakathi kwakho , abantwana badle oyise , ngenze izahlulelo phakathi kwakho , ngihlakaze kuyo yonke imimoya yonke insali yakho.
Kuyakuba yihlazo , nesaga, nesifundiso, nesimangaliso kuzo izizwe ezikuhaqayo, lapho ngenza izahlulelo phakathi kwakho ngentukuthelo nangokufutheka nangezijeziso ezifuthayo. Mina Jehova ngikhulumile.
ukuba bahambe ngezimi so zami , bagcine izahlulelo zami , bazenze, babe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo.
Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Kakhulu kangakanani , lapho ngithuma eJerusalema izahlulelo zami ezine ezimbi, inkemba, nendlala, nezilwane ezesabekayo, nesifo ukuba nginqume kulo abantu nezilwane, na?
ehamba ngezimiso zami, egcina izahlulelo zami ukuba enze iqiniso, ulungile, uyakuphila nokuphila, isho iNkosi uJehova.
Ibuyisa isandla say o kwabampofu , ingamukeli inzalo nenzuzo , yenza izahlulelo zami, ihamba ngezimiso zami . Yona ayiyikufa ngokona kukayise , iyakuphila nokuphila.
Kepha indlu yakwa-Israyeli yangihlubuka ehlane; abahambanga ngezimiso zami, balahla izahlulelo zami umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza ; amasabatha ami bawona kakhulu; ngase ngithi ngiyakuthulula ukufutheka kwami phezu kwabo ehlane ukuba kubaqede.
ngokuba balahla izahlulelo zami , abahambanga ngezimiso zami , bawona amasabatha ami, ngokuba izinhliziyo zabo zalandela izithombe zabo.
Ngathi kuban twana babo ehlane : Ningahambi ngezimiso zawoyihlo , ningagcini izahlulelo zabo, ningazingcolisi ngezithombe zabo.
Kepha abantwana bangihlubuka , abahambanga ngezimiso zami , abagcinanga izahlulelo zami ukuba bazenze , umuntu ayakuphila ngazo uma ezenza; bawona amasabatha ami ; ngase ngithi ngiyakuthulu la ukufutheka kwami phezu kwabo, ngifeze intukuthelo yami kubo ehlane.
ngenxa yokuba bengenzanga izahlulelo zami, belahla izimiso zami, bewona amasabatha ami, amehlo abo elandela izithombe zawoyise.
Ngiyakufaka umoya wami phakathi kwenu , ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; niyakugcina izahlulelo zami, nizenze.
Washo kanje uJehova Sebawoti, wathi: Yahlulelani izahlulelo eziqinisileyo, nenze umusa nobubele, kube yilowo nalowo kumfowabo,
Yilezi zinto eniyakuzenza : khulumani iqiniso , kube yilowo nalowo nomfowabo, nahlulele izahlulelo zeqiniso nezokuthula emasangweni enu,
Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izahlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!