Skip to Content

IzAga Chapter 19

1 Ungcono ompofu ohamba ekupheleleni kwakhe kunophambene ngezindebe zakhe eyisiwula. 2 Futhi akulungile ukuba umphefumulo ungabi nakwazi ; oshesha ngezinyawo uyaduka. 3 Ubuwula bomuntu buchitha indlela yakhe , kepha inhliziyo yakhe iyamthukuthelela uJehova. 4 Imfuyo iyenezela abangane abaningi, kepha ompofu uyashiywa ngumngane wakhe. 5 Ufakazi wamanga akayekwa, nophafuza amanga akayikusinda. 6 Baningi abancenga izikhulu; bonke bangabangane bomuntu wezipho. 7 Bonke abazalwane bompofu bayamzonda ; kakhulu kangakanani abangane badedela kude naye; uyabaxosha ngamazwi, kepha awasekho. 8 Ozuza ukuqonda uthanda umphefumulo wakhe ; ogcina ingqondo uyakufumana okuhle. 9 Ufakazi wamanga akayekwa, nophafuza amanga uyakubhubha. 10 Ukutamasa akufanele isiwula ; kakhulu kangakanani akufanele ukuba inceku ibuse phezu kwezikhulu. 11 Ukuhlakanipha komuntu kubambezela intukuthelo yakhe ; kuludumo lwakhe ukudlula esiphambekweni. 12 Ukufutheka kwenkosi kunjengokubhonga kwengonyama, kepha isihhe sayo sinjengamazolo etshanini. 13 Indodana eyisiwula iyinhlupheko kayise , nokuxabana komfazi kungukuconsa njalonjalo. 14 Indlu nemfuyo kuyifa elivela koyise , kepha umfazi ohlakaniphileyo uvela kuJehova. 15 Ubuvila bushonisa ebuthongweni obunzima, nesidenge siyalamba. 16 Ogcina umyalo ulonda umphefumulo wakhe , kepha onganaki izindlela zakhe uyakufa. 17 Onomusa kompofu utshe leka uJehova, nomsebenzi wakhe uyawubuyisela kuye. 18 Yilaye indodana yakho , lisekhona ithemba ; ungabhekisi inhliziyo yakho ukuyibulala. 19 Onolaka olukhulu uyathweswa ihlawulo , ngokuba uma umophula, umelwe ukukuphinda. 20 Yizwa isiluleko, wamukele ukulaywa, ukuze uhlakaniphe ekugcineni. 21 Kukhona amacebo amaningi enhliziyweni yomuntu , kepha isiluleko sikaJehova siyakuma. 22 Ukuthandwa komuntu kubangwa ngumusa wakhe ; ompofu ungcono kunomuntu wamanga. 23 Ukumesaba uJehova kungokokuphila ; onakho uhlezi anelisi we, akahanjelwa ngububi. 24 Ivila liyafaka isandla salo esitsheni; alisibuyiseli nasemlonyeni walo. 25 Shaya isideleli , ongenalwazi uyakuthola ukuqonda ; sola oqondileyo , uyakuqonda ukwazi. 26 Ochitha uyise noxosha unina uyindodana ehlazisayo nebanga amahloni. 27 Yeka, ndodana yami, ukulalela ukulaywa, uyakuduka emazwini okwazi. 28 Ufakazi omubi uyadelela ukwahlulela; umlomo wababi uyagwinya ukona. 29 Izahlulelo zilungiselwa izideleli, nemivimbo umhlane weziwula.