Skip to Content

UHezekeli Chapter 36

1 Wena ndodana yomuntu , profetha ngezintaba zakwa -Israyeli, uthi: Nina zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi likaJehova. 2 Isho kanj e iNkosi uJehova , ithi: Ngokuba isitha sisho kuwe , sithi: Ashila, nokuthi: Izindawo eziphakemeyo zamandulo seziyifa lethu, 3 ngalokho profetha , uthi: Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngokuba, yebo, ngokuba banenza incithakalo, banigwinya nxazonke ukuba nib e yifa lezizwe eziseleyo, futhi niphathwa ngezindebe zezideleli nangokuhleba kwabantu, 4 ngalokho, zintaba zakwa-Israyeli, zwanini izwi leNkosi uJehova lokuthi: Isho kanje iNkosi uJehova kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi, nakuzo izi ndawo ezichithekileyo , nakuyo imizi eshiyiweyo , osekuyimpango nenhlekiso yezizwe eziseleyo ezikhona nxazonke, 5 yebo, ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Impela ngomlilo womhawu wami ngikhulumile ngensali yezizwe nangawo wonke u-Edomi, ababeke izwe lami libe yifa labo ngentokozo yenhliziyo yabo yonke nangamafundululu omphefumulo, ukuze lilahlwe libe yimpango; 6 ngalokho profetha ngezwe lakwa -Israyeli, uthi kuzo izintaba nakuwo amagquma, kuyo imifula nakuzo izigodi : Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Bhekani, ngikhulume ngomhawu wami nangokufutheka kwami , ngokuba nithwele ihlazo labezizwe. 7 Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngiphakamisile isandla sami ngokuthi: Impela abezizwe abakini nxazonke bayakuthwala ihlazo labo. 8 Kepha nina zintaba zakwa -Israyeli niyakuveza amagatsha enu , nithelele abantu bami izithelo zenu, ngokuba sebeseduze ukubuya. 9 Ngokuba bhekani , nginani; ngiyakuphendukela kini , niyakulinywa, nihlwanyelwe. 10 Ngiyakwandisa abantu phezu kwenu , yonke indlu yakwa -Israyeli, yonke yayo; imizi iyakuhlalwa, nezindawo ezichithekileyo ziyakwakhiwa. 11 Ngiyakwandisa phezu kwenu abantu nezilwane ; kuyakwanda, kuzale; ngiyakwenza ukuba nihlalwe njengakuqala, kube kuhle kini kunakuqala, nazi ukuthi nginguJehova. 12 Ngiyakuhambisa abantu phezu kwenu , abantu bami u -Israyeli; bayakukuzuza, ube yifa labo; awusayikubaphuca abantwana. 13 Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Ngokuba bathi kuwe : Wena ungodlayo abantu, waphucile abantwana besizwe sakini, 14 ngalokho awusayikudla abantu , ungasaphuci abantwana besizwe sakini, isho iNkosi uJehova. 15 Angisayikukuzwisa ihlazo labezizwe , ungasathwali amahloni abantu , ungasakhubekisi isizwe sakini, isho iNkosi uJehova. 16 Izwi likaJehova lafika kimi, lathi: 17 Ndodana yomuntu, indlu yakwa-Israyeli isahlala ezweni layo balin gcolisa ngezindlela zabo nangezenzo zabo ; indlela yabo yayingcolile phambi kwami njengowesifazane ekungcoleni kwakhe. 18 Ngase ngithulula ukufutheka kwami phezu kwabo ngenxa yegazi ababelichithe ezweni, nangokuba babelingcolisile ngezithombe zabo. 19 Ngabahlakazela phakathi kwezizwe , basabalaliselwa emazweni ; ngabahlulela njengendlela yabo nezenzo zabo. 20 Nxa sebefika ezizweni lapho beya khona , balihlambalaza igama lami elingcwele, lapho kwakuthiwa ngabo : Laba bangabantu bakaJehova, kepha nokho baphumile ezweni lakubo. 21 Kodwa ngalihawukela igama lami elingcwele eyayilingcolisile indlu yakwa - Israyeli phakathi kwezizwe, lapho yaya khona. 22 Ngalokho yisho kuyo indlu yakwa -Israyeli, uthi: Isho kanje iNkosi , uJehova, ithi: Angikwenzi lokho ngenxa yenu nina ndlu yakwa-Israyeli, kepha ngenxa yegama lami elingcwele enilihlambalazile phakathi kwezizwe , lapho naya khona. 23 Ngiyakulingcwelisa igama lami elikhulu elihlanjalaziwe phakathi kwezizwe, enilihlambalazile phakathi kwazo , izizwe zazi ukuthi nginguJehova , isho iNkosi uJehova, lapho ngiyakungcweliseka ngani emehlweni abo. 24 Ngiyakunithabatha ezizweni, nginibuthe emazweni onke, nginiyise ezweni lakini. 25 Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo , nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zon ke izithombe zenu. 26 Ngiyakuninika inhliziyo entsha , ngifake phakathi kwenu umoya omusha , ngikhiphe inhliziyo yetshe enyameni yenu, ngininike inhliziyo yenyama. 27 Ngiyakufaka umoya wami phakathi kwenu , ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; niyakugcina izahlulelo zami, nizenze. 28 Niyakuhlala ezweni engalinika oyihlo , nibe ngabantu bami , mina ngibe nguNkulunkulu wenu. 29 Ngiyakunisindisa kukho konke ukungcola kwenu , ngibize amabele, ngiwandise, ngingabeki indlala phezu kwenu. 30 Ngiyakwandisa izithelo zomuthi nokudla komhlabathi , ningabe nisamukeliswa ihlazo lendlala phakathi kwezizwe. 31 Seniyakukhumbula izindlela zenu ezimbi nezenzo zenu ezingezinhle , ninengeke emehlweni enu ngenxa yobubi benu nangenxa yezinengiso zenu. 32 Angikwenzi lokhu ngenxa yenu , isho i Nkosi uJehova ; makwaziwe kini ; jabhani, nibe namahloni ngenxa yezindlela zenu nina ndlu yakwa-Israyeli. 33 Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Mhla nginihlambulula ebubini benu bonke, ngiyakwenza ukuba imizi ihlalwe, zakhiwe izindawo ezichithekileyo. 34 Izwe e laliyize liyakulinywa esikhundleni sokuba yincithakalo emehlweni abo bonke abadlulayo. 35 Bayakuthi: Leli zwe ekade laliyize selinjengensimu yase -Edene, nemizi echithekileyo neyayiyincithakalo nediliziweyo isibiyelwe, iyahlalwa. 36 Seziyakwazi izizwe ezisel e nxazonke zenu ukuthi mina Jehova ngakhile izindawo ezidiliziweyo , ngatshala lokhu okukade kwakuyincithakalo; mina Jehova ngikhulumile, ngiyakukwenza. 37 Isho kanje iNkosi uJehova , ithi: Nangalokhu ngiyakucelwa yindlu yakwa - Israyeli ukuba ngiyenzele: ngiyakuyandisela abantu njengezimvu. 38 Njengomhlambi ongcwelisiweyo , njengomhlambi waseJerusalema emikhosini yalo emisiweyo , kanjalo imizi echithekileyo iyakugcwala imihlambi yabantu, bazi ukuthi nginguJehova.