Skip to Content

AmaHubo Chapter 147

1 Haleluya! Ngokuba kuhle ukuhlabelela kuNkulunkulu wethu , yebo, kumnandi; ukudumisa kufanele. 2 UJehova uyalakha iJerusalema; abaxoshiweyo bakwa-Israyeli uyababutha. 3 Uyaphilisa abenhliziyo echobozekileyo; izilonda zabo uyazibopha. 4 Uyabala inani lezinkanyezi, azibize zonke ngamagama. 5 INkosi yethu inkulu , makhulu amandla ayo ; ukuqonda kwakhe akunakulinganiswa. 6 UJehova uyaphakamisa abathobekileyo ; ababi uyabawisa phansi emhlabathini. 7 Hubelani uJehova ngokubonga, nimdumise uNkulunkulu wethu ngehabhu, 8 osibekela izulu ngamafu , olungisela umhlaba imvula , ohlumisa utshani ezintabeni. 9 Unika izinkomo ukudla kwazo, namazinyane egwababa akhalayo. 10 Akathokozi ngamandla ehhashi, akajabuleli imilenze yomuntu. 11 UJehova uyathokoza ngabamesabayo, abathemba umusa wakhe. 12 Jerusalema, mbabaze uJehova; Siyoni, mdumise uNkulunkulu wakho. 13 Ngokuba uqinisile imigoqo yamasango ; ubusisile abantwana bakho phakathi kwakho. 14 Uyenza ukuthula emikhawulweni yakho; uyakusuthisa ngokolweni omuhle. 15 Uyathumela umyalo wakhe emhlabeni ; izwi lakhe ligijima ngejubane elikhulu. 16 Uyanika iqhwa njengoboya; uhlakaza isithwathwa njengomlotha. 17 Uyaphonsa isichotho sakhe njengezinhlamvu ; ngubani ongema ph ambi kwamakhaza akhe na? 18 Uyathuma izwi lakhe , likuncibilikise; uyavusa umoya wakhe , amanzi agobhoze. 19 Uyatshengisa izwi lakhe kuJakobe , izimiso zakhe nezahlulelo zakhe ku - Israyeli. 20 Akenzanga njalo kwesinye isizwe nesisodwa : izahlulelo zakhe asizazi . Haleluya!