Skip to Content

U-Eksodusi Chapter 21

1 Yilezi izahlulelo ozakuzimisa phambi kwabo. 2 Uma uthenga isigqila esingumHeberu, siyakusebenza iminyaka eyisithupha; ngowesikhombisa siyakuphuma sikhululekile ngesihle. 3 Uma singena sisodwa , siyakuphuma sisodwa ; uma siganiwe , umkaso uyakuphuma naso. 4 Uma inkosi yaso isinika umfazi , yena esizalela amadodana noma amadodakazi, umfazi nabantwana bakhe bayakuba ngabenkosi yakhe , sona siphume sodwa. 5 Uma isigqila siyakusho nokusho ukuthi : Ngiyathanda inkosi yami , nomkami, nabantwana bami, angiyikuphuma ngikhululekile, 6 khona inkosi yaso iyakusiyisa kuNkulunkulu , isimise emnyango noma ensikeni yomnyango , inkosi yaso ibhoboze indlebe yaso ngosungulo , size simkhonze kuze kube phakade. 7 Uma umuntu ethengisa ngendodakazi yakhe , ibe yisigqilakazi, ayiyikuphuma njengalokhu ziphuma izigqila. 8 Uma sisibi emehlweni enkosi yaso ezimisele sona, yovuma ukuba sihlengwe; ayiyukuba namandla okuthengisa ngaso kubo abafokazi , njengokuba isiphathe ngenkohliso. 9 Uma isimisela indodana yayo, yosiphatha njengamadodakazi. 10 Uma iyithathela esinye , ayiyikunciphisa ukudla kwaso , nezingubo zaso , namalungelo omshado. 11 Uma ingasenzeli lokho okuthathu , siyakuphuma ngesihle ngaphandle kwemali. 12 Oshaya umuntu aze afe, wobulawa nokubulawa. 13 Kepha uma ebengamqamekeli, uNkulunkulu emnikela nje esandleni sakhe, ngiyakukumisela indawo ayakubalekela kuyo. 14 Uma umuntu esukela umakhelwane wakhe , ambulale ngobuqili, womsusa nase-altare lami ukuba afe. 15 Oshaya uyise nonina wobulawa nokubulawa. 16 Oweba umuntu , athengise ngaye , noma efunyanwa esesesandleni sakhe , wobulawa nokubulawa. 17 Othuka uyise nonina wobulawa nokubulawa. 18 Nxa abantu belwa , omunye ashaye omunye ngetshe noma ngenqindi yakhe, angafi kepha alale embhedeni, 19 khona-ke, uma elulama , ahambahambe phandle ngenduku yakhe , owamshayayo uyakuyekelwa , amkhokhele nokho isikhathi sakhe esaphukileyo, elashwe nokwelashwa. 20 Uma umuntu eshaya isigqila sakhe noma isigqilakazi sakhe ngenduku , size sife phansi kwesandla sakhe, wojeziswa nokujeziswa. 21 Kepha uma sihlala usuku lube lunye noma zibe zimbili , akayikujeziswa, ngokuba siyimali yakhe. 22 Uma abantu belwa, balimaze owesifazane okhulelweyo , size siphuphume isisu sakhe, kungaveli enye ingozi kodwa, wohlawuliswa impela njengalokho indoda yomfazi iyakubeka kuye, akhokhe njengesinqumo sabahluleli. 23 Uma kuvela ingozi, wokwenana ukuphila ngokuphila: 24 iso ngeso, izinyo ngezinyo, isandla ngesandla, unyawo ngonyawo, 25 ukushiswa ngokushiswa, inxeba ngenxeba, umvimbo ngomvimbo. 26 Uma umuntu eshaya iso lesigqila sakhe noma iso lesigqilakazi sakhe , alibulale, wosikhulula ngenxa yeso laso. 27 Uma eshaya izinyo lesigqila sakhe noma izinyo lesigqilakazi sakhe , wosikhulula ngenxa yezinyo laso. 28 Uma inkabi iqhubukusha owesilisa noma owesifazane baze bafe , inkabi yokhandwa ngamatshe impela , inyama yayo ingadliwa ; kepha umnininkabi uyakuyekelwa. 29 Kepha uma inkabi ibizinge ihlaba nangaphambili , futhi lokhu kufakaziwe kumniniyo, engayigcinanga kodwa , inkabi isibulele owesilisa noma owesifazane, leyo nkabi yokhandwa, abulawe nomniniyo. 30 Uma kubekwa phezu kwakhe ihlawulo , uyakukhokha konke okubekwa phezu kwakhe, kube yisihlengo sokuphila kwakhe. 31 Noma iqhubukusha indodana noma iqhubukusha indodakazi, makwenziwe kuye njengaleso sahlulelo. 32 Uma inkabi iqhubukusha isigqila noma isigqilakazi , uyakunika inkosi yaso amashekeli angamashumi amathathu esiliva, inkabi ikhandwe ngamatshe. 33 Uma umuntu evula umgodi , noma emba umgodi engawusibekeli, kukhalakathele kuwo inkabi noma imbongolo, 34 umninimgodi uyakukhokha, amnike umniniyo imali, efileyo ibe ngeyakhe. 35 Uma inkabi yomuntu ihlaba eyomunye ize ife , bayakuthengisa ngenkabi ephilayo, bahlukaniselane imali yayo, bahlukaniselane nefileyo futhi. 36 Kodwa uma kwaziwa ukuthi inkabi ibizinge ihlaba nangaphambili , umniniyo engayigcinanga kodwa , uyakuyikhokha nokuyikhokha inkabi ngenkabi, efileyo ibe ngeyakhe.