"icala"
64 occurrences in ZUL
Kepha kwathi isiphuma leyo nceku , yafumana enye yezinceku ezikanye nayo enecala kuyo lawodenariyu abayikhulu , yayibamba, yayiklinya, yathi: Khokha icala lakho.
USarayi wathi ku -Abrama: Okubi okwenziwe kimi akube phezu kwakho . Mina nganikela incekukazi yami esifubeni sakho; kepha nxa isibonile ukuthi ikhulelwe, ngase ngideleleka emehlweni ayo ; uJehova makahlulele icala phakathi kwami nawe.
U-Abimeleki wayesembiza u -Abrahama, wathi kuye : Wenzeni kithi na ? Ngoneni kuwe ukuba ungilethele mina nombuso wami icala elingaka na ? Wenze kimi okungafanele ukwenziwa.
U-Abimeleki wayesethi : Kuyini okwenzile kithina na ? Bekulula ukuba kufike omunye wabantu, alale nomkakho; ubususibangele icala.
Base bethi omunye komunye : Impela sitholile icala ngomfowethu , njengokuba sabona usizi lwenhliziyo yakhe, esincenga, kasamlalela; ngalokho lolu sizi selufike phezu kwethu.
Izinceku zakho aziphiwanga tshani ; nokho bathi kithi : Bumbani izitini . Futhi bheka, izinceku zakho ziyashaywa, kepha icala likubantu bakho.
uma kungumpristi ogcotshiweyo owone kanjalo , aze ehlisele abantu icala , wonikela kuJehova ngesono sakhe one ngaso iduna elingenasici , kube ngumnikelo wesono,
engayilethanga emnyango wetende lokuhlangana ukunikela ngayo ibe ngumnikelo kaJehova ngaphambi kwetabernakele likaJehova , lowo muntu wobalelwa icala legazi ; uchithile igazi; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.
bangabethwesi ububi obutholisa icala , lapho bedla izinto zabo ezingcwele ; ngokuba nginguJehova obangcwelisayo. Imithetho yemihlatshelo
uyakuvuma isono sakhe asenzileyo , alikhokhe icala lakhe ngokupheleleyo , athasisele kukho okwesihlanu, akunike lowo abenecala kuye.
Kepha uma umuntu engenasihlobo elingakhokhelwa kuso icala , inkokhelo yecala eyenzelwa uJehova iyakuba ngeyompristi , ngaphandle kwenqama yokubuyisana ayakwenzelwa ukubuyisana ngayo.
Uma kukhona ukuxabana phakathi kwabantu , baye ukwahlulelwa , kuthethwe icala labo, bayakuyekela olungileyo, balahle onecala,
Ngokuba bonke abenza kanjalo , bonke abenza ukungalungi, bayisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho. Icala lama-Amaleki
Uyakuhlala kulowo muzi aze eme phambi kwenhlangano ukuba kuthet hwe icala, kuze kufe umpristi omkhulu okhona ngalezo zinsuku , andukuba umbulali abuye, afike kowakhe umuzi, nakweyakhe indlu, yebo, kulowo muzi abaleka kuwo.
Kuyakuthi lapho oyise noma abanewabo befika ukuphikisana nathi , sithi kubo: Sinikeni wona ngomusa, ngokuba asithathanga, kwaba yilowo nalowo umkakhe empini, futhi anibanikanga wona; khona ngabe nitholile icala.
UDavide wabaleka eNayoti eRama , weza, wathi phambi kukaJonathani : Ngenzeni na? Liyini icala lami na? Siyini isono sami phambi kukayihlo ukuba afune ukuphila kwami na?
Ake uthethelele icala lencekukazi yakho , ngokuba uJehova uyakuyenzela nokuyenzela inkosi yami indlu eqinileyo impela , lokhu inkosi yami ilwa izimpi zikaJehova; ububi abuyikufunyanwa kuwe zonke izinsuku zakho.
U-Abineri wathukuthela kakhulu ngenxa yalawo mazwi ka -Ishi Bosheti , wathi: Ngiyikhanda lenja engeyakwaJuda na ? Namuhla ngiyayenzela indlu kaSawule uyihlo umusa , abafowabo nabangane bayo , angikunikelanga esandleni sikaDavide; nokho ungibeka icala namuhla ngalowo wesifazane.
Owesifazane waseThekhowa wathi enkosini: Nkosi yami, nkosi, icala malibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa, inkosi nesihlalo sayo sobukhosi kube msulwa.
U-Abisalomu wathi kuJowabe: Bheka, ngithumele kuwe, ngithi: Woza lapha ukuba ngikuthume enkosini ukuyothi : Ngisukeleni eGeshuri na ? Ngabe kungcono kimi ukuba bengisekh ona lapho . Ngalokho mangibone ubuso benkosi; uma kukhona icala kimi, mayingibulale.
Wathi enkosini : Inkosi yami mayingangibaleli icala , futhi ungakhumbuli okubi okwenziwa yinceku yakho mhla inkosi yami , inkosi, iphuma eJerusalema, ukuba inkosi ikubeke enhliziyweni yayo.
bathi kubo : Ningabangenisi abathunjwa lapha , ngokuba nicabanga okuyakuba yicala lethu kuJehova ukuba kwenezele ezonweni zethu nasecaleni lethu, ngokuba icala lethu selilikhulu namanje ; ulaka olushisayo luphezu kuka-Israyeli.
Ngiyakuhamba, ngibuyele endaweni yami , baze bazithwese icala labo , bafune ubuso bami; osizini lwabo bayakungifunisisa.
ISamariya liyakuthwala icala lalo , ngokuba lihlubukile uNkulunkulu walo ; bayakuwa ng enkemba, izingane zabo zichotshozwe , abakhulelweyo babo baqaqwe.
Yeka, ukububula kwezilwane ! Imihlambi yezinkomo ikhungathekile , ngokuba ayinadlelo, yebo, nemihlambi yezimvu izithwese icala.
U-Ezra, umpristi, wasukuma, wathi kubo : Niphambukile nithathe abesifazane babezizwe ukwandisa icala lakwa-Israyeli.
ungalisibekeli icala labo, masingesulwa isono sabo phambi kwakho, ngokuba bakucunulile ngaphambi kwabakhi.
Ngasivuma isono sami kuwe , angisifihlanga isiphambeko sami ; ngathi: Ngizakuzivuma izono zami kuJehova, wena wathethelela icala lesono sami . Sela
Ngalokho isiqalekiso sidlile umhlaba , nabakhileyo kuwo batholiswa icala ; ngalokho abakhileyo emhlabeni bayashiswa , kusale abantu abayingcosana nje.
ababemtholisa umuntu icala ngezwi nje , bambekela ugibe yena owathetha amacala esangweni, bachezukisa olungileyo ngento engelutho.
U-Israyeli ungcwele kuJehov a, ululibo lwezithelo zakhe ; bonke abazidlayo bayathola icala, okubi kuyakubehlela, usho uJehova.
Bonke ababafumanayo babaqeda ; abamelene nabo bathi : Asitholi icala ; ngokuba bonile kuJehova, ikhaya lokulunga, ithemba lawoyise, uJehova.
Ngokuba o -Israyeli noJud a abashiywanga nguNkulunkulu wabo , uJehova Sebawoti, noma izwe labo ligcwele icala koNgcwele ka-Israyeli.
Noma wena Israyeli ufeba, uJuda makangazitholeli icala; ningayi eGiligali, ningenyukeli eBeti Aveni, ningafungi ngokuthi: Kuphila kukaJehova.
U-Efrayimi ucunulile ngokubabisayo ; icala lakhe legazi liyakuphonswa phezu kwakhe; iNkosi yakhe ibuyisele kuye ihlazo lakhe.
Lapho u-Efrayimi ekhuluma , kwavela ukuthuthume la; wayephakeme kwa - Israyeli, kepha wazitholela icala ngoBali, wafa.
Abafunga icala laseSamariya, bathi: Kuphila kukankulunkulu wakho, Dani, nokuthi: Kuphila kothandiw eyo wakho , Beri Sheba , bayakuwa, bangabe besavuka.
ezibathengi bazo bazihlaba, bengazithwesi icala bona kodwa, nezibathengisi bazo bathi : M akabongwe uJehova , ngokuba ngiceba njalo , nezibelusi bazo bangazihawukeli.
Kwase kusondela kuye abaFarisi , bamlinga bathi : Kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo noma ngaliphi icala na?
Ababhali nabaFarisi bamqaphelisisa ukuthi uyaphilisa yini ngesabatha , ukuze bathole ukumbeka icala.
Kwakukhona abantu ababili abanamacala kumtshelekisi othile ; icala lomunye lalingodenariyu abangamakhulu ayisihlanu , elomunye amashumi ayisihlanu.
Baqala ukumthwesa icala , bathi: Simfumene lo edukisa isizwe sakithi , enqaba ukuba kuthelwe imali kuKesari, ethi nguye onguKristu inkosi.
Wayesethi kubo ngokwesithathu : Kanti lo wenze bubi buni na ? Angifumananga kuye icala lokufa; ngakho ngiyakumshaya, ngimkhulule.
Yena esebiziwe, uTertulu waqala ukumbeka icala, ethi: Lokho ukuthi ngenxa yakho sitholile ukuthula okukhulu nangokubonelela kwakho lesi sizwe senzelwe okuhle okuningi