Skip to Content

UNehemiya Chapter 4

1 Kepha kwathi lapho uSanibalati esezwile ukuthi sabe siluv usa ugange , wathukuthela, wavutha ulaka, waklolodela abaJuda. 2 Wakhuluma phambi kwabafowabo nempi yaseSamariya, wathi: Benzani laba baJuda abangenamandla na? Bayekwe bebodwa na? Bahlabe yini? Bakuqede ngosuku na? Bavuse amatshe emfuthumfuthwini yamabibi lokhu eshisiwe na? 3 UThobiya wakwa-Amoni wayengakuye, wathi: Yebo, nalokho abakwakhayo, uma kukhuphuka impungushe, iyakulubhidliza ugange lwamatshe abo. 4 Ngase ngikhuleka ngathi : Yizwa, Nkulunkulu wethu , ngokuba sidelelekile, ubuyisele inhlamba yabo phezu kw amakhanda abo , ubanikele ukuba baphangwe ezweni lokuthunjwa; 5 ungalisibekeli icala labo, masingesulwa isono sabo phambi kwakho, ngokuba bakucunulile ngaphambi kwabakhi. 6 Sase sivusa -ke ugange; lonke ugange lwahlanganiswa kwaze kwagamanxa , ngokuba abantu babenenhliziyo yokusebenza. 7 Kepha kwathi oSanibalati , noThobiya, nabase-Arabiya, nabakwa-Amoni, nabase-Ashidodi sebezwa ukuthi ukulungiswa kwezingange zaseJerusalema kuyaqhubeka, nokuthi izimfa seziqale ukuvalwa, bathukuthela kakhulu, 8 benza ugobe ukuba baye ukulwa neJerusalema, balilimaze. 9 Kepha sakhuleka kuNkulunkulu wethu , sabamisela abalindi imini nobusuku ngenxa yabo. 10 UJuda wathi : Amandla abathwalayo aphelile ; amabibi maningi ; asisenakuluvusa ugange. 11 Abamelene nathi bathi : Abayikwazi, abayikubona s ize sifike phakathi kwabo, sibabulale, sivimbe umsebenzi. 12 Kwathi lapho abaJuda ababehlala eceleni kwabo sebefika , bathi kithi kayishumi, bevela ezindaweni zonke: Buyelani kithi. 13 Ngase ngimisa ngenzansi ezindaweni ezisemva kogange nakwezisobala abantu ngemindeni yabo, benezinkemba zabo, nemikhonto yabo, neminsalo yabo. 14 Lapho sengibhekile, ngasuka ngathi kwabakhulu nakubabusi nakwabanye abantu: Ningabesabi; khumbulani iNkosi enkulu neyesabekayo , nilwele abafowenu, namadodana enu , namadodakazi enu , nawomkenu, nezindlu zenu. 15 Kwathi izitha zethu sezizwile ukuthi kwazeke kithi nokuthi uNkulunkulu wayeshafisile icebo labo , sabuyela sonke ogangeni , kwaba yilowo nalowo emsebenzini wakhe. 16 Kusukela kulolo suku inxenye yezinceku zami yasebenza emisebenzini , nenxenye yazo yaphatha imikhonto , nezihlangu, neminsalo, namabhantshi ensimbi; ababusi babe semva kwendlu yonke yakwaJuda. 17 Abavusayo ugange nabathwalayo imithwalo bazithwesa benza umsebenzi ngesinye isandla, nangesinye baphatha izikhali zabo; 18 nabakhi bonke babe nenkemba ibhincwe ezinkalweni zabo , bakha kanjalo. Owabetha icilongo wayengaseceleni kwami. 19 Ngokuba ngangithe kwabakhulu nakubabusi nakwabanye abantu : Umsebenzi mkhulu, ubanzi, sahlukene ogangeni, omunye ukude nomunye. 20 Noma kuyiphi indawo lap ho nizwa khona ukubethwa kwecilongo , buthanani khona, nize kithi; uNkulunkulu wethu uyakusilwela. 21 Sase senza nathi umsebenzi wethu , inxenye iphethe imikhonto , kusukela ekuqaleni kokusa kuze kuphume izinkanyezi. 22 Kanjalo ngaleso sikhathi ngathi kubantu : Yilowo nalowo kahlale nenceku yakhe phakathi kweJerusalema ukuba zibe ngabalindi bethu ebusuku , zisebenze emini. 23 Mina nabafowethu , nezinceku zami , nabalindi abangilandelayo , kwakungekho kithi owakhumula izingubo zakhe ; yilowo nalowo wayenesikhali esandleni sakhe.