Skip to Content

NgokukaMathewu Chapter 19

1 Kwathi uJesu eseqedile lawo mazwi , wamuka eGalile, weza emikhawulweni yaseJudiya phesheya kweJordani. 2 Izixuku ezinkulu zamlandela, waziphulukisa khona. 3 Kwase kusondela kuye abaFarisi , bamlinga bathi : Kuvunyelwe yini ukuba indoda ilahle umkayo noma ngaliphi icala na? 4 Waphendula, wathi kubo : Anifundanga yini ukuthi owadala ekuqaleni wabenza owesilisa nowesifazane, 5 wathi: Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina , anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye, na? 6 Ngakho abasebabili , kodwa banyamanye . Ngakho-ke lokho akuhlanganisileyo uNkulunkulu, umuntu makangakwahlukanisi. 7 Bathi kuye : Pho, uMose wayalelani ukuthi makanikwe incwadi yesahlukaniso, alahlwe, na? 8 Wathi kubo : Ngenxa yobulukhuni benhliziyo ye nu uMose wanivumela ukwahlukana nabo omkenu, kepha kusukela kwasekuqaleni kwakungenjalo. 9 Namanje ngithi kini : Yilowo nalowo olahla umkakhe kungengokuphinga , aganwe ngomunye, uyaphinga; noganwa ngolahliweyo uyaphinga. 10 Abafundi bathi kuye : Uma injalo ind aba yomuntu nomkakhe , akukuhle ukuganwa. 11 Kepha wathi kubo : Akusibo bonke abangalamukela leli zwi , kuphela abakunikiweyo. 12 Ngokuba kukhona abathenwa abazalwa benjalo kwasesiswini sikanina ; kukhona nabathenwa abathenwe ngabantu ; kukhona futhi abathenwa abazithenileyo ngenxa yombuso wezulu. Ongakwamukela lokho akwamukele. Ukubusiswa kwabantwana (Mark. 10:13; Luk. 18:15) 13 Khona kwalethwa kuye abantwanyana ukuba abeke izandla phezu kwabo , akhuleke; kepha abafundi babakhuza. 14 UJesu wayesethi : Vumelani abantw ana, ningabenqabeli ukuza kimi , ngokuba umbuso wezulu ungowabanjalo. 15 Wayesebeka izandla phezu kwabo; wamuka lapho. Insizwa enothileyo (Mark. 10:17; Luk. 18:18) 16 Bheka-ke, kwasondela kuye othile , wathi: Mfundisi, ngiyakwenzantoni enhle ukuba ngibe nokuphila okuphakade na? 17 Wathi kuye : Ungibuzelani ngokuhle na ? Munye ongomuhle . Kepha uma uthanda ukungena ekuphileni, gcina imiyalelo. 18 Wathi kuye: Miphi na? UJesu wathi: Yile: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga; 19 yazisa uyihlo nonyoko ; wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena. 20 Insizwa yathi kuye: Konke lokho ngikugcinile; ngisasilalelweni na? 21 UJesu wathi kuye: Uma uthanda ukuphelela, hamba uthengise ngempahla yakho, uphe abampofu, khona uzakuba negugu ezulwini; uze ungilandele. 22 Yathi insizwa ukuba izwe leli zwi , yamuka idabukile , ngokuba yayinengcebo enkulu. 23 Kepha uJesu wathi kubafundi bakhe : Ngiqinisile ngithi kini : Onothileyo uyakungena kalukhuni embusweni wezulu. 24 Futhi ngithi kini : Kulula ukuba ikamela lingene ngentunja yosungulo kunokuba onothileyo angene embusweni kaNkulunkulu. 25 Sebezwile lokho abafundi bethuka kakhulu, bathi: Pho, kungasindiswa bani na? 26 Kepha uJesu ebabheka wathi kubo : Kubantu akunakwenzeka ; kepha kuNkulunkulu kungenzeka konke. Umvuzo wokuzidela (Mark. 10:28; Luk. 18:28) 27 Khona uPetru wathatha wathi kuye : Bheka, thina sishiye konke , sakulandela. Pho, siyakutholani na? 28 Wathi kubo uJesu : Ngiqinisile ngithi kini : Nina eningilandeleyo , ngokuphindukuzalwa lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihl alweni senkazimulo yayo , nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi eziyishumi nambili, nahlulele izizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli. 29 Nalowo oshiye izindlu , noma abafowabo, noma odadewabo, noma uyise, noma unina , noma abantwana, noma amazwe ngenxa yeg ama lami , uyakwamukeliswa okuphindwe kaningi, adle ifa lokuphila okuphakade. 30 Kepha abaningi abokuqala bayakuba ngabokugcina , nabokugcina babe ngabokuqala.