NgokukaLuka Chapter 7
1
Kwathi eseqede onke amazwi akhe ezindlebeni zabantu , wangena eKapernawume.
2
Inceku yenduna yekhulu ethile ethandekayo kuyo yayigula, isizakufa.
3
Isizwile ngoJesu yathuma amalunga abaJuda kuye , imcela ukuba eze ayisindise inceku yayo.
4
Esefikile kuJesu amncenga kakhulu, ethi: Ifanele ukuba uyenzele lokho,
5
ngokuba ithanda isizwe sakithi; yiyo esakhele isinagoge.
6
UJesu wayesehamba nawo . Kepha engasekude nendlu , induna yekhulu yathumela kuye abahlobo , bathi kuye : Nkosi, ungazihluphi, ngokuba angifanele ukuba ungene phansi kophahla lwami.
7
Ngakho angizibonanga ukuthi ngifanele ukuza kuwe ; kepha yisho izwi , khona inceku yami iyakusinda.
8
Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi , nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: Hamba, lihambe; nakwelinye: Woza, lize; nasencekwini yami: Yenza lokhu, ikwenze.
9
UJesu ekuzwa lokho wamangala ngayo , waphenduka, wathi esixukwini esimlandelayo: Ngithi kini : Angizange ngifumane ukukholwa okungaka nakwa-Israyeli.
10
Ababethunyiwe sebebuyele ekhaya bafumana inceku isindile. Indodana yomfelokazi waseNayini ivuswa ekufeni
11
Kwathi ngangomuso waya emzini othiwa iNayini; kwahamba naye abafundi bakhe nesixuku esikhulu.
12
Esesondela esangweni lomuzi , bheka, kwaphunyiswa ofileyo , indodana eyodwa kanina, yena engumfelokazi; nabantu abaningi bomuzi babe naye.
13
Yathi iNkosi isimbona, yamhawukela, yathi kuye: Ungakhali.
14
Yasondela, yathinta uhlaka ; abaluthweleyo base bema . Yayisithi: Nsizwa, ngithi kuwe: Vuka!
15
Ofileyo wavuka, waqala ukukhuluma; yamnika unina.
16
Bafikelwa ngukwesaba bonke , bamdumisa uNkulunkulu , bathi: Kuvele umprofethi omkhulu phakathi kwethu , nokuthi: UNkulunkulu ubahambele abantu bakhe.
17
Kwaphumela leli zwi ngaye kulo lonke iJudiya nakulo lonke langakhona. Ukufakaza kukaJesu kubafundi bakaJohane nakubantu (Math. 11:2)
18
Abafundi bakaJohane bambikela ngazo zonke lezo zinto.
19
UJohane wayesebiza ababili kubafundi bakhe , wabathumela eNkosini , wathi: Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?
20
Amadoda esefikile kuyo athi : UJohane uMbhapathizi usithumele kuwe , ethi: Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?
21
Ngalowo mzuzu yayiphulukisa abaningi e zifweni nasebuhlungwini nakomoya ababi; nezimpumputhe eziningi yazipha ukubona.
22
Yaphendula, yathi kuwo: Hambani nimlandise uJohane lokho enikubonile nenikuzwile ukuthi : Izimpumputhe ziyabona , izinyonga ziyahamba , abanochoko bayahlanjululwa , izithulu ziy ezwa, abafileyo bayavuswa , abampofu bayashunyayezwa ivangeli;
23
ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.
24
Sezimukile izithunywa zikaJohane , yaqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, ithi: Naphuma naya ehlane ukuyobonani na ? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na?
25
Kanti naphuma ukuyobonani na ? Umuntu owembethe izingubo ezinothonotho na ? Bhekani, abembethe okukhazimulayo , betamasa, basezindlini zamakhosi.
26
Kodwa naphuma ukuyobonani na ? Umprofethi na ? Yebo, ngithi kini : Odlula umprofethi.
27
Nguye okulotshwe ngaye uku thi: Bheka, ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakho esiyakulungisa indlela yakho phambi kwakho.
28
Ngithi kini : Kwabazelwe ngabesifazane akakho omkhulu kunoJohane ; kepha omncane embusweni kaNkulunkulu mkhulu kunaye.
29
Abantu bonke , yebo, nabathelisi sebezwile bamvuma uNkulunkulu , babhapathizwa ngombhapathizo kaJohane.
30
Kepha abaFarisi nezazimthetho balenza ize icebo likaNkulunkulu maqondana nabo bengabhapathizwanga nguye.
31
Pho-ke, abantu balesi sizukulwane ngiyakubafanisa nani na ? Bafana nani na?
32
Bafana nabantwana abahlezi esigcawini bememezana bethi : Sinibethele imitshingo, anisinanga; salilisela, anikhalanga.
33
Ngokuba uJohane uMbhapathizi ufikile engadli sinkwa , engaphuzi wayini; nithi-ke: Unedemoni.
34
Ifikile iNdodana yomuntu , idla, iphuza, senithi: Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umhlobo wabathelisi nezoni.
35
Kodwa ukuhlakanipha kuvunyiwe ngabantwana bakho bonke. Owesifazane oyisoni endlini yomFarisi
36
Omunye wabaFarisi wammema ukuba adle naye ; esengene endlini yomFarisi wahlala ekudleni.
37
Bheka, kwakukhona emzini owesifazane oyisoni ; wathi esazi ukuthi uhlezi ekudleni endlini yomFarisi, weza nomfuma wamafutha,
38
wema emuva ngasezinyaweni zakhe ekhala , waqala ukumatisa izinyawo zakhe ngezinyembezi , wazesula ngezinwele zekhanda lakhe , wazanga izinyawo zakhe, wazigcoba ngamafutha.
39
Kuthe umFarisi obemmemile ekubona , wazindla wathi : Uma lo ebengumprofethi, nga emazi lo wesifazane omphathayo ukuba ungubani nokuba unjani, ngokuba uyisoni.
40
UJesu waphendula, wathi kuye: Simoni, kukhona engifuna ukukukhuluma kuwe. Wathi: Khuluma-ke, Mfundisi.
41
Kwakukhona abantu ababili abanamacala kumtshelekisi othile ; icala lomunye lalingodenariyu abangamakhulu ayisihlanu , elomunye amashumi ayisihlanu.
42
Bengenanto yokukhokha , wabayekela bobabili . Ngumuphi kubo konje oyakumthanda kakhulu na?
43
USimoni waphendula wathi: Ngithi yilowo amyekela okukhulu. Wathi kuye: Unqume kahle.
44
Ephendukela kowesifazane wathi kuSimoni : Uyambona lo wesifazane na ? Ngingene endlini yakho , awunginikanga amanzi ezinyawo , kepha yena uzimatisile izinyawo zami ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zakhe.
45
Awunganganga, kepha lo , yilokhu ngingenile , akayekanga ukwanga izinyawo zami.
46
Ikhanda lami awuligcobanga ngamafutha , kepha lo uzigcobile izinyawo zami ngamafutha.
47
Ngenxa yalokho ngithi kuwe : Izono zakhe eziningi zithethelelwe , ngokuba uthandile kakhulu; kepha othethelelwa okuncane uthanda kancane.
48
Wayesethi kuye: Zithethelelwe izono zakho.
49
Ababehlezi naye ekudleni baqala ukusho phakathi kwabo ukuthi : Ngubani lo othethelela nezono na?
50
Kepha wathi kowesifazane : Ukukholwa kwakho kukusindisile ; hamba, ube nokuthula.