Skip to Content

UJeremiya Chapter 30

1 Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi: 2 Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli, uthi: Loba encwadini onke amazwi engiwakhulume kuwe. 3 Ngokuba bheka , izinsuku ziyeza , usho uJehova , lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami o -Israyeli noJuda, usho uJehova, ngibabuyisele ezweni engalinika oyise ukuba balidle. 4 Nanka amazwi uJehova awakhulumayo ngo-Israyeli nangoJuda. 5 Ngokuba usho kanje uJehova , uthi: Sizwile izwi lokuthuthumela , elokwesaba kungengelokuthula. 6 Ake nibuze, nibone, uma owesilisa wake wabeletha na? Ngibonelani onke amadoda enezandla zawo ezinkalweni njengobelethayo, ubuso bonke buphaphathekile, na? 7 Maye, lukhulu lolo suku , alukho olunjengalo ! Kuyisikhathi sokuhlupheka kukaJakobe, kepha uyakusindiswa kukho. 8 Kuyakuthi ngalolo suku, usho uJehova Sebawoti, ngilaphule ijoka entanyeni yabo, ngigqabule izibopho zabo, abafokazi bangabe besabakhonzisa, 9 kepha bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo , noDavide inkosi yabo engiyakubavusela yena. 10 Ungesabi wena Jakobe , nceku yami , usho uJehova , U ngapheli amandla, Israyeli, ngokuba bheka , ngiyakukusindisa usekude , nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo; uJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke, angesatshiswa muntu. 11 Ngokuba mina nginawe , usho uJehova , U kuba ngikusindise , ngokuba ngiyakuqeda ngokupheleley o zonke izizwe engikuhlakazele kuzo , kepha wena angiyikukuqeda , kodwa ngiyakukulay a ngokwahlulela, ngingakwenzi ube ngongenacala. 12 Ngokuba usho kanje uJehova , uthi: Ukulimala kwakho akunakuphulukiswa, nesilonda sakho sinzima. 13 Akakho omela icala lakho ukuba uboshwe; umuthi wokuphilisa awunawo. 14 Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe , azisakufuni, ngokuba ngikushayile ngokushaywa kwezitha, ngokulaywa kononya , ngenxa yobuningi bokona kwakho, nangokuba izono zakho zandile. 15 Ukhalelani ngokulimala kwakh o ukuthi ubuhlungu bakho abunakuphulukiswa na? Ngenxa yobuningi bokona kwakho nangokuba izono zakho zandile ngenze lokho kuwe. 16 Ngalokho bonke abakudlayo bayakudliwa , nabo bonke abamelene nawe bayakuthunjwa bonkana , nabakuphangayo bayakuphangwa , nabo bonke abakwamukayo ngiyakubanikela ukuba bamukwe. 17 Ngokuba ngiyakubuyisela ukuphila kuwe , ngelaphe izilonda zakho , usho uJehova, ngokuba bakubize ngokuthi Oxoshiwey o neSiyoni elingafunwa muntu. 18 Usho kanje uJehova , uthi: Bheka, ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwamatende kaJakobe, ngiwahawukele amakhaya akhe; umuzi uyakwakhiwa edumeni lawo, indlu yamakhosi ihlale njengokufaneleyo. 19 Kuyakuphuma kubo udumiso nezwi labathokozayo ; ngiyakubenza babe baningi, bangabi ngabayingcosana, ngibadumise, bangeyiswa. 20 Abantwana b akhe bayakuba njengakuqala , ibandla lakhe lime phambi kwami, ngijezise bonke abamcindezelayo. 21 Isikhulu sakhe siyakuba ngesiphuma kuye , nombusi wakhe uyakuvela phakathi kwakhe ; ngiyakumsondeza, asondele kimi , ngokuba ngubani oke waba nesibindi sokusondela kimi na? usho uJehova. 22 Niyakuba ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu. 23 Bheka, isivunguvungu sikaJehova ! Ukufutheka kwakhe kuphumile , isivunguvungu esichithayo; siyakwehlela phezu kwamakhanda ababi. 24 Ukufutheka okuvuthayo kukaJehova akuyiku buya, aze enze , aze afeze umgomo wenhliziyo yakhe; ezinsukwini zokugcina niyakukuqonda.