Skip to Content

"ubuhlungu"

18 occurrences in ZUL

Wathi kowesifazane : Ngizakukubangela ubuhlungu obukhulu ekukhulelweni kwakho; uyakubeletha abantwana ngobuhlungu . Ukunxanela kwakho kuyakuba sendodeni yakho; yona iyakukubusa.

Izintombi zika-Esteri nezinduna zakhe zafika zamtshela lokho ; inkosikazi yazwiswa kakhulu ubuhlungu ; yathuma izingubo zokumembathisa uMoridekayi, yasusa kuye ingubo yakhe yamasaka; kepha akazamukelanga.

Ngokuba uma ezwisa ubuhlungu, ubuye abophe; uyalimaza, kepha izandla zakhe zibuye zelaphe.

ngiyesaba nokho bonke ubuhlungu bami , ngiyazi ukuthi awuyikungibheka nginjengongenacala.

Inyama yakhe iyezwa ubuhlungu bayo kuphela ; umphefumulo wakhe uzidabukela wona kuphela.

Noma ngikhuluma, ubuhlungu bami abudanjiswanga; noma ngiyeka, kuyini okumuka kimi na?

Ebusuku amathambo ami ayabhotshozwa , asuke kimi ; ubuhlungu obungigedlayo abuphumuli.

Ngabindela impela, ngathula nakukho okuhle; kwavuswa ubuhlungu bami.

Njengokhulelweyo osondela ukuba abelethe ezwiswa ubuhlungu, saba njalo phambi kobuso bakho, Jehova.

Kepha yazithwala izifo zethu , yabetshatha ubuhlungu bethu , kodwa thina sathi ijezisiwe, ishaywe nguNkulunkulu, ihlushiwe.

Yini ukuba ubuhlungu bam i bube khona n jalonjalo, nesilonda sami singapholiswa, sala ukuphulukiswa, na? Impela uyakuba ngamanzi aphuthayo kimi, amanzi angathembekile, na?

Ukhalelani ngokulimala kwakh o ukuthi ubuhlungu bakho abunakuphulukiswa na? Ngenxa yobuningi bokona kwakho nangokuba izono zakho zandile ngenze lokho kuwe.

IBabele seliwile ngokuzumayo , lachithwa; hhewulani ngalo , nithathele ubuhlungu balo ibhalisamu; mhlawumbe lingaphiliswa.

Akulutho kinina nonke enidlul a ngendlela na ? Bhekani, nibone ukuba kukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu bami engehlelwe yibo, uJehova angihluphe ngabo ngosuku lokufutheka kwentukuthelo yakhe.

UJehova ulungile , ngokuba ngihlubukile izwi lakhe . Ake nizwe , bantu bonke, nibone ubuhlungu bami . Izintombi zami nezinsizwa zami ziye ekuthunjweni.

Bheka, bamemeza bathi: Sinamsebenzi muni nawe Ndodana kaNkulunkulu? Uze lapha ukusizwisa ubuhlungu, kungakabi yiso isikhathi, na?

Owesifazane, nxa esabeletha , ulusizi, ngokuba sifik ile isikhathi sakhe ; kepha nxa esembelethile umntwana , akabe esakhumbula ubuhlungu ngenxa yentokozo yokuba kuzelwe umuntu ezweni.

ngokuba ngokubona nangokuzwa lona olungileyo , ehlala phakathi kwabo , wezwisa ubuhlungu umphefumulo wakhe olungileyo imihla ngemihla ngenxa yezenzo ezingenamthetho --