Skip to Content

UJobe Chapter 16

1 Wayesephendula uJobe, wathi: 2 Ngizwile izinto eziningi ezinjalo; nina nonke ningabaduduzi ababi. 3 Amazwi angumoya nje awayikuphela yini ? Ucunulwa yintoni ukuba uphendule na? 4 Nami ngingakhuluma njengani ; uma imiphefumulo yenu ibisesikhundlen i somphefumulo wa mi, bengiyakuhlanganisa amazwi ngani , ngininikinele ikhanda lami. 5 Benginganiqinisa ngomlomo, induduzo yezindebe zami inidambise. 6 Noma ngikhuluma, ubuhlungu bami abudanjiswanga; noma ngiyeka, kuyini okumuka kimi na? 7 Kepha manje ungikhathazile, uyichithile yonke indlu yami. 8 Ungicindezele, kungubufakazi; ukonda kwami kuyangivukela , kufakaze ebusweni bami. 9 Ulaka lwakhe luyangidwengula, lungizingele; uyangigedlela amazinyo; isitha sami singicijisela amehlo aso. 10 Bangikhamisela imilomo yabo , bangimukula e sihlathini ngenhlamba , bangihlanganyela. 11 UNkulunkulu uyanginikela kubantu abonakeleyo , angiphonse esandleni sababi. 12 Ngangihlezi kahle, wangichoboza; wangibamba ngentamo, wangiphahlaza; wangimisa ngibe yisigcibisholo. 13 Abacibishelayo bakhe bangihaqa ; uyaqhekeza izinso zami engenasihawu ; uchithela inyongo yami emhlabathini. 14 Uyangidiliza nokudiliza futhifuthi, angidumele njengeqhawe. 15 Ngithungile indwangu yamasaka phezu kwesikhumba sami . ngingcolisile uphondo lwami othulini. 16 Ubuso bami bubomvu ngok ukhala; ezinkosheni zami kukhona ithunzi lokufa, 17 noma kungekho ubudlova ezandleni zami nokukhuleka kwami kulungile. 18 Mhlaba, ungathukusi igazi lami; ukukhala kwami makungabi nandawo. 19 Namanje bheka , ufakazi wami usezulwini ; ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo. 20 Abangane bami bayangiklolodela; iso lami liphophoza izinyembezi kuNkulunkulu 21 ukuba amphikele umuntu kuNkulunkul u nendodana yomuntu kumakhelwane wayo. 22 Ngokuba iyingcosana iminyaka eyakubalwa , ngingakahambi indlela engingayikubuya kuyo.