UJobe Chapter 14
1
Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele ukuyaluza.
2
Uyavela njengembali, abune; ubaleka njengethunzi, angemi.
3
Konje uvulela onjalo amehlo akho, ungingenise ekwahluleweni nawe, na?
4
Ngubani ongaveza okuhlambulukileyo kukh o okungcolileyo na ? Kakho noyedwa.
5
Uma imihla yakhe inqunyiwe , umumo wezinsu ku zakhe ukuwe , ubekile umkhawulo wakhe, aze angadluli,
6
ungambheki, aphumule, ukuze athokoze ngosuku lwakhe njengomqashwa.
7
Ngokuba kukhona ithemba emthini : uma unqunywa , ungabuye uhlume , nehlumela lawo aliyikuphela.
8
Noma impande yawo iguga emhlabathini, nesiphunzi sawo sifela othulini,
9
ngephunga lamanzi uyakuhluma, uveze izingatsha njengesithombo.
10
Kepha umuntu ofileyo uphelile; umuntu ogqabukileyo uphi na?
11
Njengamanzi anyamalele elwandle, nomfula oshileyo ome,
12
kanjalo umuntu ulala phansi , angabe esavuka ; lize lingabikho izulu abayikuvuka, bangaphaphanyiswa ebuthongweni babo.
13
Sengathi ungangifihla endaweni yabafileyo , ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho, unginqumele isikhathi, ungikhumbule.
14
Uma umuntu efa , uyakubuye aphile na ? Bengiyakulinda zonke izinsuku zomshikashika wami, kuze kufike ukumuka kwami.
15
Ubuyakubiza, mina ngiphendule; ubuyakulangazelela umsebenzi wezandla zakho,
16
yebo, khona ubuyakubala izinyathelo zami, ungaqapheli isono sami.
17
Isiphambeko besiyakuvalelwa esikhwameni, besewusibekela ukona kwami.
18
Impela intaba iyawa, idilike; idwala liyasuswa endaweni yalo;
19
amanzi ayagubha amatshe ; ukuphuphuma kwawo kuyakhukhula uthuli lomhlaba; kanjalo uyachitha nethemba lomuntu.
20
Uyamsukela kuze kube phakade , amuke; uyaguqula ubu so bakhe , ummukise.
21
Amadodana akhe ayadunyiswa, engazi yena; ayeyiswa, engakuqondi.
22
Inyama yakhe iyezwa ubuhlungu bayo kuphela ; umphefumulo wakhe uzidabukela wona kuphela.