Skip to Content

"ubaba"

128 occurrences in ZUL

Kanjalo naye uBaba osezulwini uyakwenza kini , uma ningathetheleli ngezinhliziyo zenu kube yilowo nalowo umfowabo.

Enkulu yayisithi kwencane : Ubaba usemdala ; akukho ndoda ezweni engangena kithi njengokwenza komhlaba wonke.

Woza simphuzise ubaba iwayini, silale naye ukuba sizizuzele inzalo kubaba.

Mhlawumbe ubaba uyakungiphatha, ngibe ngokhohlisayo emehlweni akhe, ngizilethele isiqalekiso, kungabi yisibusiso.

Naye wenza isilovela, wasiyisa kuyise; wathi kuyise: Ubaba makavuke, adle inyamazane yendodana yakhe ukuba umphefumulo wakho ungibusise.

U-Esawu wayesemzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusise ngaso; u-Esawu wathi enhliziyweni yakhe : Izinsuku zokulilela ubaba sezisondele ; khona ngiyakumbulala umfowethu uJakobe.

Ngokuba yonke ingcebo uNkulunkulu amamuke yona ubaba ingeyethu neyabantwana bethu; manje konke uNkulunkulu akutshele khona, kwenze.

Bathi-ke: Inceku yakho ubaba isaphila , isekhona. Bamkhothamela, bamkhonza.

Kwathi sesikhuphukele encekwini yakho ubaba, samlandisa amazwi enkosi.

Wathi ubaba: Buyelani, nisithengele ukudlana.

Yayisithi kithi inceku yakho ubaba : Niyazi ukuthi umkami wangizalela amadodana amabili.

Kalokhu nxa ngifika encekwini yakho ubaba , umfana engenathi , lokhu inhliziyo yakhe ibambelele enhliziyweni yomfana,

kuzakuthi lapho ebona ukuthi umfana akakho , afe, izinceku zakho zibe zehlisela endaweni yabafileyo izimvi zenceku yakho ubaba ngosizi.

Ngokuba ngingakhuphukela kanjani kubaba , umfana engenami , funa ngibone okubi okuzakumehlela ubaba, na?

Wathi uJosefa kubafowabo : NginguJosefa; ubaba usekhona na ? Abafowabo babengenakumphendula, ngokuba bashaqeka ebusweni bakhe.

Niyakumlandisa ubaba yonke inkazimulo yami eGibithe , nakho konke enikubonileyo, nisheshe nehlise ubaba, nimlethe lapha.

UJosefa wayesengena, wamtshela uFaro, wathi: Ufikile ubaba nabafowethu, nezimvu zabo , nezinkomo zabo , nakho konke abanakho , bephuma ezweni laseKhanani; bheka, sebesezweni laseGosheni.

ubaba wangifungisa wathi : Bheka, ngiyafa; ethuneni engizimbele lona ezweni laseKhanani uzakungingcwaba kulo . Ngalokho ake ngikhuphuke , ngimmbele ubaba, bese ngibuya.

Ubaba wafela ehlane ; wayengekho phakathi kweviyo labahlanganyela uJehova kulo iviyo likaKora; kepha wafa ngesakhe isono engenamadodana.

OPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseTheselonika elikuNkulunkulu uBaba , naseNkosini uJesu Kristu : Makube kini umusa nokuthula. UPawulu ubonga ukuqala kwabo okuhle ekukholweni; wethemba ukukhethwa kwabo ngevangeli eliqinisileyo abalamukele

Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. UPawulu ubabaza ukukholwa kukaFilemoni

Wena uyakuphendula, uthi phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho: Ubaba wayengumAramu ozulayo , wehlela eGibithe , wagogobala khona nabantu abayingcosana; waba yisizwe khona, esikhulu, nesinamandla, nesiningi;

nisindise ubaba , nomame, nabafowethu, nawodadewethu, nabo bonke abanabo, nophule imiphefumulo yethu ekufeni.

ngokuba ubaba wanilwela wazidela , wanophula esandleni sabakwaMidiyani;

UmkaSamsoni wakhala phambi kwakhe , wathi: Uyangizonda kuphela , awungithandi; unikile abakithi imfumbe, awungitshelanga yona. Wathi kuye: Bheka, angibatshelanga ubaba nomame, ngiyakukutshela wena na?

Sebefikile ezweni laseSufi , uSawule wathi kuyo inceku yakhe eyayinaye : Woza sibuye, funa ubaba aziyeke izimbongolo, enqene ngathi.

Wayesethi uJonathani : Ubaba uhluphile izwe ; ake nibone ukuthi amehlo ami aseqabukile, ngokuba ngizwe ingcosana yalezi zinyosi.

UJonathani wamtshela uDavide, wathi: USawule ubaba ufuna ukukubulala ; ngalokho ake uxwaye kusasa, uhlale esitha, ucashe;

Wathi kuye : Makube kude lokho ; awuyikufa; bheka, ubaba akenzi lutho olukhulu noma oluncane engakwambuleli kimi; pho, ubaba ubeyakungifihlela le nto na? Akuyikuba njalo.

UJonathani wathi kuDavide : Jehova Nkulunkulu ka -Israyeli, nxa ngimphenya ubaba ngalesi sikhathi kusasa noma ngomhlomunye, bheka, uma kukuhle kuDavide, ngiyakuthumela kuwe, ngikwambulele kuwe.

UDavide wasuka khona , waya eMispa lakwaMowabi , wathi enkosini yakwaMowabi: Ake beze ubaba nomame , bahlale kini , ngize ngazi ukuthi uNkulunkulu uyakwenzani kimi.

Wathi kuye : Ungesabi, ngokuba isandla sikaSawul e ubaba asiyikukufumana; wena uyakuba yinkosi phezu kuka -Israyeli, mina ngikwelame; noSawule ubaba uyakwazi lokho.

Ngalokho, kuphila kukaJehova ongiqinisileyo , wangibeka esihlalweni sobukhosi sikaDavide ubaba , wangenza indlu njengokukhuluma kwakhe ; namhla nje uyakubulawa u-Adoniya.

Inkosi yathi ku -Abiyathara umpristi : Hamba uye e -Anathoti emasimini akho, lokhu ungowokufa , kepha angiyikukubulala namuhla , ngokuba wawuwuthwala umphongolo weNkosi uJehova phambi kukaDavide ubaba , wahlupheka ngakho konke ubaba ahlupheka ngakho.

UJehova uya kulibuyisela igazi lakhe ekhanda lakhe , ngokuba wasukela amadoda amabili alungileyo amahle kunaye , wawabulala ngenkemba, ubaba uDavide engazi: u-Abineri indodana kaNeri, induna yempi yakwa-Israyeli, no- Amasa indodana kaJetheri, induna yempi yakwaJuda.

Inkosi yathi futhi kuShimeyi: Wena uyazi konke okubi okwaziwa yinhliziyo yakho, owakwenza kuDavide ubaba; ngalokho uJehova uyakubuyisela ububi bakho ekhanda lakho.

USolomoni wathi : Wenzele inceku yakho uDavide ubaba umusa omkhulu njengokuhamba kwakhe phambi kwakho ngeqiniso , nangokulunga, nangobuqotho benhliziyo kuwe , wamgcinela futhi lowo musa omkhulu , wamnika indodana ukuba ihlale esihlalweni sakhe sobukhosi , njengokuba kunjalo namuhla.

Manje, Jehova Nkulunkulu wami, ubekile inceku yakho inkosi esikhundleni sikaDavide ubaba ; ngingumntwana omncane nje , angikwazi nokungena nokuphuma.

Wena uyazi ukuthi uDavide ubaba wayengenakwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wakhe indlu ngenxa yezimpi ezazimzungeza nxazonke, uJehova waze wazibeka phansi kwamathe ezinyawo zakhe.

Bheka, sengicabanga ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu, njengalokho uJehova akhuluma kuDavide ubaba , ethi: Indodana yakho, engiyakuyibeka esihlalweni sakho sobukhosi esikhundleni sakho, yona iyakwakhela igama lami indlu.

Yathi: Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli owakhuluma ngomlomo wakhe kuDavide ubaba, ukugcwalisile ngesandla sakhe, ethi:

Kwakusenhliziyweni kaDavide ubaba ukwakhela i gama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu.

Kepha uJehova wathi kuDavide ubaba : Njengokuba kwakusenhliziyweni yakho ukwakhela igama lami indlu , wenza kahle , ngokuba kwakusenhliziyweni yakho lokho;

UJehova uliqinsisile izwi alikhulumayo , ngokuba mina ngivelile esikhundleni sikaDavide ubaba, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli njengokusho kukaJehova , ngakhele igama likaJehova uNkulunkulu ka - Israyeli indlu.

ogcine nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo ; yebo, owakukhuluma ngomlomo wakho ukugcwalisile ngesandla sakho njengokuba kunjalo namuhla.

Ngalokho, Jehova Nkulunkulu ka -Israyeli, gcina nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo ukuthi : Akuyikunqunywa muntu kuwe emehlweni ami ukuhlala esihlalweni sobukhosi sakwa -Israyeli, uma kuphela abantwana bakho beqaphela indlela yabo ukuba bahambe phambi kwami , njengalokho wena uhambe phambi kwami.

Ngalokho, Nkulunkulu ka -Israyeli, maliqiniseke izwi lakho owalikhuluma encekwini yakho uDavide ubaba.

Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo , mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngiyakunishaya ngawofezela.

yakhuluma kubo njengesiluleko sezinsizwa ngokuthi : Ubaba walenza ijoka lenu lasinda , mina ngiyakwenezela ejokeni lenu ; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngiyakunishaya ngawofezela.

Wayeseshiya izinkabi , wagijima wamlandela u -Eliya, wathi: Ake ngange ubaba nomame , bese ngikulandela . Wathi kuye: Hamba, ubuyele emuva, ngokuba ngenzeni kuwe na?

UBeni Hadadi wayesethi kuye : Imizi ubaba ayithatha kuyihlo ngiyakuyibuyisa, uzenzele izitaladi eDamaseku njengokwenza kukababa eSamariya. U-Ahabi wathi : Ngalesi sivumelwano ngiyakukuvumela ukuba uhambe. Wayesenza isivumelwano naye, wamvumela ukuba ahambe. U-Ahabi usolwa ngumprofethi

UDavide wayesebonga uJehova phambi kwebandla lonke ; uDavide wathi: Mawubongwe wena Jehova Nkulunkulu ka -Israyeli ubaba kuze kube phakade.

Wayesethi uSolomoni kuNkulunkulu : Umenzele uDavide ubaba umusa omkhulu, wangibeka inkosi esikhundleni sakhe.

Ngalokho, Jehova Nkulunkulu , maliqiniswe izwi lakho kuDavide ubaba , ngokuba ungibeke inkosi phezu kwabantu abangangothuli lomhlabathi ngobuningi.

USolomoni wathume la kuHiramu in kosi yaseTire , wathi: Njengalokho wakwenza kuDavide ubaba , wathuma kuye imisedari , azakhele ngayo indlu ukuba ahlale kuyo, yenze njalo nakimi.

Ngalokho mawuthume kimi umuntu oyingcweti yokusebenza ngegolide , nangesiliva, nangethusi, nangensimbi, nangokububende, nangokubomvu, nangokuluhlaza, owazi ukuqopha yonke imiqopho kanye nezingcweti ezinami kwaJuda naseJerusalema, ezamiswa nguDavide ubaba.

Yathi: Makabongwe uJehova uNkulunkulu ka -Israyeli owakhuluma ngomlomo wakhe kuDavide ubaba, ukugcwalisile ngesandla sakhe, ethi:

Kwakusenhliziyweni kaDavide ubaba ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu.

Kepha uJehova wathi kuDavide ubaba : Njengokuba kwakusenhliziy weni yakho ukwakhela igama lami indlu , wenza kahle, ngokuba kwakusenhliziyweni yakho lokho;

UJehova uliqinisile izwi alikhulumayo , ngokuba mina ngivelile esikhundleni sikaDavide ubaba, ngihlezi esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli njengokusho kuka Jehova , ngakhele igama likaJehova uNkulunkulu ka - Israyeli indlu.

ogcine nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo ; yebo, owakukhuluma ngomlomo wakho usukugcwalisile ngesandla sakho njengokuba kunjalo namuhla.

Ngalokho, Jehova Nkulunkulu ka -Israyeli, gcina nenceku yakho uDavide ubaba lokho owakusho kuyo ukuthi : Akuyikunqunywa muntu kuwe emehlweni ami ukuhlala esihlalweni sobukhosi sakwa -Israyeli, uma kuphela abantwana bakho beqaphela indlela yabo uk uba bahambe e mthethweni wami, njengalokho wena uhambe phambi kwami.

Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo , mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngawofezela.

yakhuluma kubo njengesiluleko sezinsizwa ngokuthi : Ubaba walenza ijo ka lenu lasinda , mina ngiyakwenezela kulo ; ubaba wanishaya ngesiswebhu , mina ngawofezela.

Ngokuba ubaba nomame bangishiyile, kodwa uJehova uzakungamukela.

Kepha bathi : Asiyikuphuza iwayini , ngokuba uJonadaba , indodana kaRekabi ubaba , wasiyala wathi : Aniyikuphuza iwayini , nina namadodana enu, kuze kube nini,

Sililalele izwi likaJonadaba indodana kaRekabi ubaba kukho konke asiyala ngakho ukuba singaphuzi iwayini zonke izinsuku zethu , thina nawomkethu, namadodana ethu, namadodakazi ethu,

Kepha sihlale ematendeni , salalela, senza njengakho konke uJonadaba ubaba asiyala ngakho.

Khona uDaniyeli wangeniswa phambi kwenkosi . Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: Wena unguDaniyeli lowo ongowabathunjwa bakwaJuda , abalethwa yinkosi ubaba, bevela kwaJuda na?

Asinaye ubaba munye thina sonke ? Asidalwanga nguNkulunkulu munye na? Sikhohlisanelani, kube yilowo nomfowabo , sisingcolisa isivumelwano sawobaba na?

Kodwa omunye w abafundi bakhe wathi kuye : Nkosi, ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.

UJesu waphendula, wathi kuye: Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu kodwa uBaba osezulwini.

Wayesethi komunye : Ngilandele. Wathi yena: Ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.

nanjengokuba uBaba engimisele umbuso, nami nginimisela wona

Kodwa isikhathi siyeza , sesikhona namanje , lapho abakhulekayo abaqinisileyo beyakukhuleka kuBaba ngomoya nangeqiniso ; ngokuba uBaba ufuna abakhuleka kuye abanjalo.

Kepha wabaphendula wathi : UBaba usebenza kuze kube manje , nami ngiyasebenza.

Kepha nginabo ubufakazi obukhulu kunobukaJohane , ngokuba imisebenzi uBaba anginike yona ukuba ngiyifeze , yona le misebenzi engiyenzayo , iyangifakazela ukuthi uBaba ungithumile.

UJesu wayesethi kubo : Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini : Kwakungesiye uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini , kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini.

Konke angipha khona uBaba kuyakuza kimi; ozayo kimi angisoze ngamlahlela ngaphandle.

Akakho ongeza kimi , uma uBaba ongithumileyo engamdonsi ; mina-ke ngiyakumvusa ngomuhla wokuphela.

Akusikho ukuthi ukhona oke wambona uBaba , kuphela ovela kuNkulunkulu; nguyena ombonile uBaba.

Njengalokho uBaba ophilayo ungithumile , nami ngiphila ngoBaba , lowo ongidlayo naye uyakuphila ngami.

Wayesethi uJesu : Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu , khona-ke nizakwazi ukuthi nginguye nokut hi angenzi lutho ngokwami , kodwa ngikhuluma lokhu njengokuba uBaba engifundisile.

Baphendula, bathi kuye : Ubaba ngu -Abrahama. UJesu wathi kubo : Uma beningabantwana baka-Abrahama; beniyakwenza imisebenzi ka-Abrahama.

UJesu waphendula wathi: Anginademoni, kepha ngidumisa uBaba; nina-ke niyangidumaza.

njengalokhu uBaba uyangazi , nami ngiyamazi uBaba ; ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu.

Ngalokho uBaba uyangithand a, ngokuba ngidela ukuphila kwami ukuba ngibuye ngikuthabathe.

UBaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke ; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba.

Kepha uma ngiyenza , nakuba ningakholwa yimi , kholwani yimisebenzi , ukuze nazi, niqonde ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuBaba.

Uma umuntu engikhonza , akangilandele; nalapha ngikhona mina , soba khona nesikhonzi sami. Uma umuntu engikhonza, uBaba uyakumazisa lowo.

Ngokuba mina angikhulumanga ngokwami , kodwa uBaba ongithumileyo nguye onginike umyalo wokuba ngizakuthini, ngikhulumeni.

Ngiyazi ukuthi umyalo wakhe ungukuphila okuphakade . Ngakho-ke lokho engikukhulumayo ngikukhuluma njengalokho uBaba angitshela khona.

UJesu wathi kuye : Isikhathi esingaka nginani , awukangazi, Filiphu, na? Ongibonile mina ubonile uBaba; usho kanjani ukuthi: Sikhombise uYihlo, na?

Awukholwa ukuthi ngikuBaba , noBaba ukimi , na? Amazwi engiwakhulumayo mina kini angiwakhulumi ngokwami; kepha uBaba ohlezi kimi wenza imisebenzi yakhe.

Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni.

UJesu waphendula, wathi kuye: Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.

Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona.

Nizwile ukuthi nganitshela ngathi : Ngiyamuka, kepha ngiyabuyela kini . Uma beningithanda , beniyakujabula, ngokuba ngiya kuBaba , lokhu uBaba mkhulu kunami.

kodwa kungukuba izwe lazi ukuthi ngiyamthanda uBaba nokuthi ngenza njengokuba uBaba engiyalile. Sukumani simuke lapha.

Mina ngingumvini owonawona, uBaba ungumlimi.

UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi , nibe ngabafundi bami.

Njengalokho uBaba engithandile , nami nginithandile ; hlalani othandw eni lwami.

Lokhu-ke bayakukwenza ngokuba bengamazanga uBaba nami;

Konke uBaba anakho kungokwami ; ngalokho-ke ngithe uyakuthatha kokwami, anibikele. Ukumuka nokubuya kukaJesu

ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngavela kuNkulunkulu.

Bhekani, isikhathi siyeza , yebo, sesifikile sokuba nihlakazeke , yilowo nalowo aye kokwakhe , ningishiye ngingedwa ; nokho angingedwa , lokhu uBaba unami.

Khona uJesu wathi kuPetru : Faka inkemba emgodleni wayo ; angiyikusiphuza kanti isitsha anginike sona uBaba na? Ukuthethwa kwecala likaJesu (Math. 26:57; Mark. 14:53; Luk. 22:54)

Khona uJesu wabuye wathi kubo : Ukuthula makube kinina . Njengokuba uBaba engithume mina, nami ngiyanithuma nina.

Wathi kubo : Akusikho okwenu ukwazi izikhathi noma imizuzu uBaba akumisele ngamandla akhe;

kubo bonke abathandiweyo bakaNkulunkulu abaseRoma , ababiziweyo, abangcwele: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. Isifiso sikaPawulu ukushumayela ivangeli eRoma

futhi abe nguyise wabasokileyo , kungabi ngowabasokileyo kuphela, kepha nowabo abahamba emkhondweni wokukholwa ubaba u -Abrahama ayenakho engakasoki.

Makube ki ni umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.

Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. UPawulu ubonga uNkulunkulu ngenduduzo nangokusindiswa kwakhe ezingozini

Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba w ethu naseNkosini yethu uJesu Kristu

owazinikela ngenxa yezono zethu , ukuze asophule kuleli zwe elibi lamanje ngokwentando kaNkulunkulu uBaba wethu;

Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. UPawulu udumisa uNkulunkulu ngenxa yensindiso asenzela yona ngoKristu

Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu. UPawulu ubonga uNkulunkulu ngabo, abakhulekele

kubo abaseKolose , abangcwele nabazalwane abakholwayo kuKristu ; makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu. UPawulu ubonga ukukholwa nothando lwabaseKolose

OPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseThesalonika elikuNkulunkulu, uBaba wethu, naseNkosini uJesu Kristu:

Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu. UPawulu ubonga ukuthuthuka kwevangeli phakathi kwebandla

Kepha iNkosi yethu uJesu Kristu uqobo , noNkulunkulu uBaba wethu owasithanda nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle,

kuThimothewu, umntanami ngesiminya ekukholweni: Makube kuwe umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu. UPawulu ukhumbuza uThimothewu ukuba alwe nesifundiso samanga e-Efesu

kuThimothewu, umntwana othandekayo: Makube kuwe umusa , nobubele, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu. UPawulu umvusa uThimothewu ukuba aqine ekulweleni ivangeli

kuThithu, umntanami ngempela ngokokukholwa esikuhlanganyele sonke : Makube kuwe umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu uMsindisi wethu. UPawulu ukhumbuza uThithu ngomsebenzi eKrethe wokuhlela amabandla nokulwa nabafundisi bamanga

Ukukhonza okumhlophe okungenabala phambi kukaNkulunkulu uBaba yilokhu ukuhambela izintandane nabafelokazi osizini lwabo nokuzigcina kungabi yicala lokwezwe.

U-Abrahama ubaba wayengalungisiswa yini ngemisebenzi enikela ngendodana yakhe u-Isaka e-altare na?

Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sithiwe singabantwana bakaNkulunkulu; futhi siyibo. Ngalokho izwe alisazi, ngokuba alimazanga yena.

Kuzakuba nathi umusa, nesihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuye uJesu Kristu iNdodana kaYise ngeqiniso nangothando. Ukuyala ngothando