Skip to Content

1 uSamuweli Chapter 22

1 UDavide wayesesuka khona , wabaleka, waya emhumeni wase -Adulamu; lapho abafowabo nabo bonke abendlu kayise bekuzwa, behlela khona kuye. 2 Kwabuthana kuye bonke abanosizi, nabo bonke abanesikwenetu, nabo bonke abanenhliziyo enomunyu , waba yinduna phezu kwabo ; kwakukhona naye kungathi abantu abangamakhulu amane. 3 UDavide wasuka khona , waya eMispa lakwaMowabi , wathi enkosini yakwaMowabi: Ake beze ubaba nomame , bahlale kini , ngize ngazi ukuthi uNkulunkulu uyakwenzani kimi. 4 Wabaletha phambi kwenkosi yakwaMowabi, bahlala kuye zonke izinsuku uDavide esenqabeni. 5 Umprofethi uGadi wathi kuDavide : Ungahlali enqabeni; hamba uye ezweni lakwaJuda. Wayesesuka uDavide, wafika ehlathini laseHereti. USawule ubulala abaseNobi 6 USawule wezwa ukuthi uDavide uyaziwa nabantu ababe naye ; uSawule wayehlezi eGibeya phansi komtamariske egqumeni ephethe umkhonto esandleni sakhe, zonke izinceku zimi ngakuye. 7 USawule wathi ezincekwini zakhe ezazimi ngakuye : Yizwani nina bakwaBenjamini; indodana kaJese iyakuninika nonke amasimu nezivini , inenze nonke nibe yizinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, 8 ngokuba ningenzele nonke ugobe , akwababikho ongitshelileyo lapho indodana yami yenza isivumelwano nendodana kaJese , akwababikho kini ongidabukelayo nongitshelayo ukuthi indodana yami ingivusele inceku yami ukuba ingiqamekele njenganamuhla. 9 UDowegi wakwa-Edomi owayemi ngakuzo izinceku zikaSawule waphendula wathi: Ngabona indodana kaJese iza eNobi ku -Ahimeleki indodana ka - Ahithubi. 10 Wambuzela kuJehova, wamnika umphako, wamnika nenkemba kaGoliyati umFilisti. 11 Inkosi yayisithumela ukubiza u -Ahimeleki umpristi, indodana ka-Ahithubi, nendlu yonke kayise, abapristi ababeseNobi; beza bonke enkosini. 12 USawule wathi: Yizwa-ke, wena ndodana ka-Ahithubi. Waphendula wathi: Ngilapha, nkosi. 13 USawule wathi kuye : Ningenzeleleni ugobe , wena nendodana kaJese , ngokuyinika isinkwa nenkemba , uyibuzele kuNkulunkulu ukuba ingivukele , ingiqamekele njenganamuhla, na? 14 U-Ahimeleki waphendula inkosi , wathi: Ngubani kuzo zonke izinceku zakho othembekile njengoDavide, umkhwenyana wenkosi, nenduna yabalindi bakho, nodumileyo endlini yakho, na? 15 Ngiqale namuhla yini ukumbuzela kuJehova na? Makube kude nami; inkosi mayingabeki cala encekwini yayo , nakuyo yonke indlu kaba ba, ngokuba inceku yakho ayazi lutho lwayo yonke le ndaba, oluncane noma olukhulu. 16 Inkosi yayisithi : Uyakufa nokufa , Ahimeleki, wena nayo yonke indlu kayihlo. 17 Inkosi yathi kuzo izigijimi ezazimi ngakuyo : Sondelani, nibulale abapristi bakaJehova, ngokuba nesandla sabo sinaye uDavide nangokuba bazi ukuthi uDavide wabaleka , bengakwambulelanga kimi . Kepha izinceku zenkosi azivumanga ukwelula isandla sazo ukuba zisukele abapristi bakaJehova. 18 Inkosi yathi kuDowegi : Sondela wena , usukele abapristi . UDowegi wabakwa-Edomi wasondela , wabasukela abapristi , wabulala ngalolo suku abantu abangamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu , abembethe ingubo yamahlombe yelineni. 19 INobi, umuzi wabapristi , walichitha ngosiko lwenkemba, abesilisa nabesifazane, izingane nabancelayo, izinkabi nezimbongolo nezimvu, ngosiko lwenkemba. 20 Omunye wamadodana ka -Ahimeleki indodana ka -Ahithubi ogama lakhe lingu-Abiyathara wabaleka, wamlandela uDavide. 21 U-Abiyathara wamtshela uDavide ukuthi uSawule ubulele abapristi bakaJehova. 22 UDavide wathi ku-Abiyathara: Ngazi ngalolo suku mhla uDowegi wakwa - Edomi elapho ukuthi uyakumtshela nokumtshela uSawule ; yimi engibangele ukuba bafe abantu bonke bendlu kayihlo. 23 Hlala kimi , ungesabi, ngokuba ofuna ukuphila kwami ufuna ukuphila kwakho, kepha uyakulondolozeka kimi.