Skip to Content

NgokukaJohane Chapter 18

1 UJesu esekhulume lawo mazwi waphuma kanye nabafundi bakhe , waya phesheya komfudlana iKedroni, lapho kwakukhona insimu angena kuyo yena nabafundi bakhe. 2 NoJuda owamkhaphelayo wayeyazi leyo ndawo , ngokuba uJesu wayevama ukuhlangana khona nabafundi bakhe. 3 Khona uJuda, esethole isigaba samabutho nezikhonzi kubapristi abakhulu nabaFarisi, waya lapho, benezihlanti nezibani nezikhali. 4 Khona uJesu ekwazi konke okuyakumehlela waphuma , wathi kubo: Nifuna ubani na? 5 Bamphendula bathi : UJesu waseNazaretha . UJesu wathi kubo : Yimina. UJuda omkhaphelayo wayemi nabo. 6 Kuthe-ke ukuba athi kubo: Yimina, bahlehla nyovane, bawa phansi. 7 Waphinda wababuza wathi: Nifuna ubani na? Bathi: UJesu waseNazaretha. 8 UJesu waphendula wathi: Nginitshelile ukuthi yimina; uma-ke nifuna mina, bayekeni laba, bahambe, 9 ukuba ligcwaliseke izwi alishiloyo lokuthi : Kulabo ongiphe bona angilahlekelwanga namunye. 10 USimoni Petru enenkemba wayihosha , wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene. Igama lenceku lalinguMalkusi. 11 Khona uJesu wathi kuPetru : Faka inkemba emgodleni wayo ; angiyikusiphuza kanti isitsha anginike sona uBaba na? Ukuthethwa kwecala likaJesu (Math. 26:57; Mark. 14:53; Luk. 22:54) 12 Njalo-ke isigaba nenduna yenkulungwane nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha; 13 baqala bamyisa ku-Anase, ngokuba engumukhwe kaKayafase obengumpristi omkhulu walowo mnyaka. 14 UKayafase kamb e nguye owaluleka abaJuda ngokuthi kubalungele ukuba kufe umumtu abe munye ngenxa yesizwe. 15 USimoni Petru walandela uJesu nomunye umfundi. Lowo mfundi wayaziwa ngumpristi omkhulu, wangena noJesu egcekeni lompristi omkhulu; 16 kepha uPetru wayemi ngaphandle emnyango. Waphuma-ke lowo mfundi omunye owaziwa ngumpristi omkhulu , wakhuluma nomlindikazi womnyango, wamngenisa uPetru. Ukuphika kukaPetru (Math. 26:69; Mark. 14:66; Luk. 22:54) 17 Intombazana elinda emnyango yayisithi kuPetru : Imbala nawe awusiye owabafundi balowo muntu na? Wathi yena: Angisiye. 18 Kwakumi khona izinceku nezikhonzi zibasile umlilo wamalahle , ngokuba kwakumakhaza, zotha; noPetru wayenazo otha. 19 Kepha umpristi omkhulu wabuza uJesu ngabafundi bakhe nangemfundiso yakhe. 20 UJesu wamphendula wathi: Ngikhulumile obala ezweni. Ngezikhathi zonke bengifundisa esinagogeni nasethempelini , lapho abaJuda bonke bebuthana khona, angikhulumanga lutho ngasese. 21 Ubuzelani kimi na ? Buza kulabo abezwile lokho engakukhuluma kubo ; bheka, bona bayakwazi engakushoyo. 22 Esasho lokho , esinye isikhonzi esasimi khona sammukula uJesu , sathi: Uphendula umpristi omkhulu kanjalo na? 23 UJesu wasiphendula wathi : Uma ngikhulume kabi , fakaza ngalobo bubi ; kodwa uma kukuhle, ungishayelani na? 24 U-Anase wamthumela eboshiwe kuKayafase umpristi omkhulu. UJesu uphikwa nguPetru ngokwesibili nangokwesithathu 25 Kepha uSimoni Petru wayemi otha . Bathi-ke kuye: Imbala nawe awusiye owabafundi bakhe na? Waphika yena, wathi: Angisiye. 26 Enye yezinceku zompristi omkhulu, eyisihlobo salowo ondlebe yaso uPetru abeyinqumile, yathi: Angikubonanga yini mina ensimini unaye na? 27 Wabuye waphika uPetru; masinyane lakhala iqhude. UJesu ephambi kukaPilatu (Math. 27:11; Mark. 15:1; Luk. 23:1) 28 Base bekhipha uJesu kuKayafase , bemyisa endlini yokwa hlulela; kwakusekuseni. Kepha bona kabangenanga enqabeni ukuba bangangcoli kodwa babe nokudla iphasika. 29 Khona uPilatu waphumela kubo, wathi: Nimthwesa cala lini lo muntu na? 30 Baphendula, bathi kuye : Uma lona ebengesiye owenza okubi , nga singamlethanga kuwe. 31 Khona uPilatu wathi kubo : Mthatheni nina , nimahlulele ngomthetho wakini. Bathi kuye abaJuda: Asivunyelwe ukubulala umuntu, 32 ukuba kugcwaliseke izwi likaJesu alishilo lapha ebonisa ukuthi uyakufa ngokufa okunjani. 33 UPilatu wabuye wangena enqabe ni, wabiza uJesu , wathi kuye : Wena uyinkosi yabaJuda na? 34 UJesu waphendula wathi: Uzisholo lokhu wena, noma kusho abanye kuwe ngami na? 35 UPilatu waphendula wathi: Kanti ngingumJuda yini mina na? Isizwe sakini nabapristi abakhulu bakunikezele kimi; wenzeni na? 36 UJesu waphendula wathi : Umbuso wami awusiwo owaleli zwe . Uma umbuso wami ubungowaleli zwe , izikhonzi zami zaziyakulwa ukuba nginganikezelwa kubaJuda . Kepha kalokhu umbuso wami awusiwo owalapha. 37 Wayesethi uPilatu kuye : Kanti nokho uyinkosi na ? UJesu waphendula wathi: Usho khona . Ngiyinkosi; ngizalelwe lokho , ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami. 38 Wathi uPilatu kuye : Iqiniso liyini na ? Eseshilo lokho wabuye waphumela kubaJuda, wathi kubo: Angifumani cala kuye. 39 Kepha ninesiko lokuba nginikhululele omunye ngePhasika ; ngakho niyathanda ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na? 40 Khona babuye bamemeza bonke , bathi: Qha lona, kodwa uBaraba. Kepha uBaraba wayengumphangi.