Skip to Content

2 kwabaseThesalonika Chapter 2

1 Kepha siyanxusa , bazalwane, mayelana nokufika kweNkosi yethu uJesu Kristu nokubuthanela kwethu kuyo, 2 ukuba ningasheshi ninyak aziswe engqondweni yenu , ningethuswa noma ngomoya, noma ngezwi, noma ngencwadi ngokungathi ivela kithi , sengathi usuku lukaKristu selufikile. 3 Makungabikho muntu onikhohlisayo nangayiphi indlela ; ngokuba aluyikufika, kungaveli kuqala ukuhlubuka , kwambulwe umuntu ongenamthetho, indodana yokulahlwa, 4 omelana nakho konke , nozikhukhumeza phezu kwakho konke okuthiwa uNkulunkulu noma into ekhonzwayo , aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu ezishaya uNkulunkulu. 5 Anikhumbuli yini ukuthi ngisekhona kini nganitshela lokho na? 6 Senikwazi okumbambezelayo, ukuze ambulwe ngesikhathi sakhe. 7 Ngokuba imfihlakalo yokungabi namthetho isiyasebenza , kuphela ukuze kudediswe yena obambezelayo manje. 8 Lapho-ke uzakwambulwa lowo ongenamthetho , eyakumqeda iNkosi uJesu Kristu ngomoya womlomo wayo, imchithe ngokubonakala kokufika kwayo, 9 lowo okufika kwakhe kungokokusebenza kukaSathane ngawo onke amandla, nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga, 10 nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo , ngenxa yokuba bengavumanga ukuthanda iqiniso, ukuze basindiswe. 11 Ngalokho-ke uNkulunkulu ubathumela amandla okuduka , baze bakholwe ngamanga, 12 ukuba bonke abangakholwanga yiqiniso benamela ukungalungi balahlwe. Ukubonga nokunxusa kukaPawulu 13 Kepha thina simelwe ukubonga uNkulunkulu n jalo ngani bazalwane abathandwa yiNkosi , ngokuba kwasekuqaleni uNkulunkulu wanikhethela ukusindiswa ngokungcwelisa kukaMoya nangokukholwa yiqiniso 14 anibizela kukho ngevangeli lethu , nize nizuze inkazimulo yeNkosi yethu uJesu Kristu. 15 Ngalokho-ke, bazalwane, yimani niqinile , nibambelele kuwo amasiko enawafundiswa noma ngezwi noma ngencwadi yethu. 16 Kepha iNkosi yethu uJesu Kristu uqobo , noNkulunkulu uBaba wethu owasithanda nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle, 17 makaduduze izinhliziyo ze nu, aniqinise emisebenzini yonke nasemazwini onke amahle.