NgokukaMathewu Chapter 14
1
Ngaleso sikhathi uHerode umtetrarki waluzwa udumo lukaJesu,
2
waze wathi ezincekwini zakhe : Lo nguJohane uMbhapathizi ; yena uvukile kwabafileyo; kungalokho lawa mandla asebenza kuye.
3
Ngokuba uHerode wayembambile uJohane , wambopha, wamfaka etilongweni ngenxa kaHerodiya umkaFiliphu umfowabo,
4
lokhu uJohane wayethe kuye: Awuvunyelwe ube naye.
5
Kuthe efuna ukumbulala, wesaba abantu, ngokuba bathi ungumprofethi.
6
Kepha ngosuku lokuzalwa kukaHerode indod akazi kaHerodiya yasina phambi kwabo, yamjabulisa uHerode,
7
kwenzeka ukuba ayithembise ngesifungo ukuyipha lokho engakucela.
8
Yona isifundisiwe ngunina yathi : Ngiphe lapha ngoqwembe ikhanda likaJohane uMbhapathizi.
9
Inkosi yadabuka, kepha ngenxa yezifungo zayo nangenxa yababehlezi nayo ekudleni yayaleza ukuba inikwe,
10
yathuma yamnquma uJohane ikhanda etilongweni.
11
Ikhanda lakhe lalethwa ngoqwembe, lanikwa intombazana; yaliyisa kunina.
12
Kwafika abafundi bakhe, bathabatha isidumbu, basimbela; baya bambikela uJesu. UJesu usuthisa amadoda ayizinkulungwane eziyisihlanu (Mark. 6:30; Luk. 9:12; Joh. 6:1)
13
Wathi uJesu esekuzwile lokho , wamuka lapho ngomkhumbi , waya endaweni eyihlane eyedwa. Kepha izixuku zathi sezikuzwile , zamlandela ngezinyawo ziphuma emizini.
14
Waphuma, wabona isixuku esikhulu ; waba nesihe ngaso , waphulukisa abagulayo babo.
15
Selishonile, abafundi bakhe beza kuye , bathi: Le ndawo iyihlane, isikhathi sesihambile; mukisa izixuku ukuba ziye emizaneni, zizithengele ukudla.
16
Kepha uJesu wathi kubo : Akuswelekile ukuba bamuke ; bapheni nina ukudla.
17
Bathi kuye : Asinalutho lapha , kuphela izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili.
18
Wayesethi: Ziletheni lapha kimi.
19
Wayeseyala izixuku ukuba zihlale phansi etshanini , wazithabatha izinkwa eziyisihlanu n ezinhlanzi ezimbili , wabheka ngasezulwini , wazibusisa, wazihlephula, wabanika abafundi izinkwa, abafundi baphakela izixuku.
20
Badla bonke, basutha, babutha imvuthuluka eseleyo, iziqabetho eziyishumi nambili ezigcwele.
21
Kepha abadlayo kwakungathi amadoda a yizinkulungwane eziyisihlanu ngaphandle kwabesifazane nabantwana. UJesu uhamba phezu kolwandle (Mark. 6:45; Joh. 6:16)
22
Wayesecindezela masinyane abafundi ukuba bangene emkhunjini , bamandulele ukuya phesheya, aze amukise izixuku.
23
Esezimukisile izixuku wenyukela entabeni eyedwa ukuyokhuleka ; sekuhlwile, wayeyedwa lapho.
24
Kepha umkhumbi wawususukile amastadiyu amaningi emhlabathini , ushukunyiswa ngamaza, ngokuba umoya wawuphambene nabo.
25
Ngomlindo wesine wobusuku weza kubo ehamba phezu kolwandle.
26
Kepha abafundi sebembonile ehamba phezu kolwandle bashaywa luvalo , bethi yisithunzi; bakhala ngokwesaba.
27
Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane , wathi: Yimani isibindi; yimina, ningesabi.
28
UPetru wayesephendula , wathi kuye : Nkosi, uma kunguwe , yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi.
29
Wayesethi: Woza. Wehla-ke uPetru emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, weza kuJesu.
30
Kepha ebona umoya wesaba ; eseqala ukushona wakhala wathi : Nkosi, ngisindise!
31
Masinyane uJesu welula isandla , wambamba, wathi kuye : Awu, wena onokukholwa okuncinyane, ungabazeleni na?
32
Sebekhwele emkhunjini, umoya wanqamuka.
33
Abasemkhunjini bakhuleka kuye , bathi: Ngempela uyiNdodana kaNkulunkulu.
34
Sebewelile bafika ezweni laseGenesaretha.
35
Athi ukumazi amadoda aleyo ndawo , athuma izigijimi kul o lonke izwe langakhona; baletha kuye bonke abagulayo.
36
Bamncenga ukuba bathinte nje umphetho wengubo yakhe ; bonke abawuthinta basindiswa.