NgokukaMathewu Chapter 13
1
Ngalolo suku uJesu waphuma endlini, wahlala phansi ngaselwandle.
2
Kwase kubuthana kuye izixuku eziningi, waze wangena emkhunjini, wahlala phansi, uquqaba lonke lumi ogwini.
3
Wakhuluma kubo okuningi ngemifanekiso , wathi: Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela.
4
Ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni ; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda.
5
Kepha enye yawela edwaleni , lapho yayingenamhlabathi omningi khona ; yamila masinyane, ngokuba ingenamhlabathi ojulileyo.
6
Kodwa seliphumile ilanga, yahwamuka; nangokuba ingenampande, yabuna.
7
Kepha enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa.
8
Kepha enye yawela emhlabathini omuhle ; yathela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu.
9
Onezindlebe makezwe.
10
Kwase kufika abafundi bakhe , bathi kuye : Ukhulumelani kubo ngemifanekiso na?
11
Waphendula-ke, wathi kubo: Nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu; kodwa bona kabakuphiwanga.
12
Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa , kuvame; kodwa lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho.
13
Kungalokhu ngikhuluma kubo ngemifanekiso , ngokuba noma bebon a, kababoni, noma bezwa, kabezwa, kabaqondi.
14
Kugcwaliseka kubo isiprofetho sika -Isaya sokuthi: Ngokuzwa niyakuzwa, ningaze naqonda; ngokubona niyakubona, ningaze nabonisisa;
15
ngokuba inhliziyo yalesi sizwe isiyaba lukhuni , bezwa kanzima ngezindlebe, amehlo abo bawacimezile, funa mhlawumbe babone ngamehlo , bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphulukise.
16
Kodwa abusisiwe amehlo enu, lokhu ebona, nezindlebe zenu, lokhu zizwa.
17
Ngokuba ngiqinisile ngithi kini : Baningi abaprofethi na balungileyo ababefisa ukubona enikubonayo , abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo , abakuzwanga.
18
Yizwani-ke nina umfanekiso womhlwanyeli.
19
Yilowo nalowo olizwa izwi lombuso engaliqondi ufikelwa ngomubi ohlwitha okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe . Yilowo ohlwany elwe ngasendleleni.
20
Ohlwanyelwe edwaleni nguye olizwa izwi , alamukele masinyane ngokuthokoza;
21
kepha kanampande phakathi kwakhe , kodwa uhlala isikhashana nje , kuthi sekuvele ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke masinyane.
22
Futhi-ke ohlwanye lwe emeveni nguye olizwa izwi , kepha iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, abe ngongatheliyo.
23
Kepha ohlwanyelwe emhlabathini omuhle nguye olizwa izwi , aliqonde, athele impela isithelo , omunye aveze ngekhulu , omunye ngamashumi ayisithupha, omunye ngamashumi amathathu.
24
Omunye umfanekiso wawubeka kubo , wathi: Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe;
25
kepha abantu besalele , kwafika isitha sakhe , sahlwanyela ukhula phakathi kwamabele, samuka.
26
Kwathi ukuba likhule ikhaba, kuthele isithelo, khona kwabonakala nokhula.
27
Kwase kufika izisebenzi zomnumzane, zathi kuye: Nkosi, awuhlwanyelanga imbewu enhle ensimini yakho na? Pho, ilutholephi ukhula na?
28
Wathi kuzo : Lokhu kwenziwe ngumuntu oyisitha . Izisebenzi zathi kuye : Uthanda ukuba siye ukulubutha na?
29
Kodwa wathi : Qha, funa nithi , nxa nibutha ukhula , nisiphule amabele kanye nalo.
30
Yekani kukhule kokubili ndawonye , kuze kuvunwe; ngesikhathi sokuvuna ngiyakuthi kwabavunayo: Buthani kuqala ukhula, nilubophe izinyanda ukuba lushiswe, nibuthele amabele engotsheni yami.
31
Omunye umfanekiso wawubeka kubo , wathi: Umbuso wezulu ufana nenhlamvu yesinaphi ayithatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe;
32
yona kambe incinyane kunazo zonke izimbewu , kepha u ma isikhulile , inkulu kunezilimo , iba ngumuthi , kuze kufike izinyoni zezulu , zakhele emagatsheni awo.
33
Wabatshela omunye umfanekiso wathi : Umbuso wezulu ufana nemvubelo ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila konke.
34
Konke lokho uJesu wakukhuluma ezixukwini ngemifanekiso ; ngaphandle komfanekiso kakhulumanga lutho kubo,
35
ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi : Ngizakuvula umlomo wami ngemifanekiso , ngiphimisele okufihlakeleyo , selokhu kwasekelwa umhlaba.
36
Khona wazishiya izixuku , weza endlini . Basondela kuye abafundi bakhe , bathi: Sichasisele umfanekiso wokhula ensimini.
37
Wayesephendula, ethi kubo : Ohlwanyela imbewu enhle yiNdodana yomuntu;
38
insimu yizwe ; imbewu enhle yibo abangabantwana bombuso ; kodwa ukhula ngabantwana bomubi;
39
kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi.
40
Ngakho-ke njengokuba ukhula luyabuthwa , lushiswe emlilweni, kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe.
41
INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo , zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi,
42
zibaphonse eziko lomlilo ; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
43
Khona abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise wabo . Onezindlebe makezwe.
44
Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini , yafunyanwa ngumuntu, wayithukusa; ngokuthokoza kwakhe uyahamba , athengise ngakho konke anakho, athenge leyo nsimu.
45
Futhi umbuso wezulu ufana nomthengi ofuna amaparele amahle;
46
eselifumene iparele linye elinenani elikhulu , waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga.
47
Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa elwandle , lihlanganisa zonke izinhlobo;
48
lithe seligcwele , balidonsela ogwini , bahlala phansi , babuthela ezinhle ezitsheni, kepha ezimbi bazilahla.
49
Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe; kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi nabalungileyo,
50
zibaphonse eziko lomlilo ; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
51
Nikuqondile konke lokho na? Bathi kuye: Yebo.
52
Wayesethi kubo : Ngakho-ke yilowo nalowo mbhali ofundiselwe umbuso wezulu ufana nomuntu , umnumzane, okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala. UJesu udelelwa emzini wakubo (Mark. 6:1; Luk. 4:16)
53
Kwathi uJesu eseqedile leyo mifanekiso, wamuka lapho.
54
Esefikile emzini wakubo wabafundisa esinagogeni labo , baze bamangala, bathi: Lo ukuthathaphi lokhu kuhlakanipha nalawa mandla na?
55
Lo akasiyo indodana yombazi na ? Unina kathiwa uMariya , nabafowabo asithi oJakobe, noJosefa, noSimoni, noJuda na?
56
Nawodadewabo abakho yini bonke lapha kithi na ? Pho, lo ukuthathaphi konke lokhu na?
57
Bakhubeka ngaye . Kepha uJesu wathi kubo : Umprofethi kadelelwa ngaphandle kwasezweni lakubo nasendlini yakwabo.
58
Akenzanga lapho imisebenzi eminingi yamandla ngenxa yokungakholwa kwabo.