NgokukaMathewu Chapter 15
1
Khona abaFarisi nababhali bafika kuJesu bevela eJerusalema, bathi:
2
Yini ukuba abafundi bakho beqe isiko labadala na ? Ngokuba abahlambi izandla nxa bedla isinkwa.
3
Kepha waphendula , wathi kubo : Nani, yini ukuba neqe umyalo kaNkulunkulu ngenxa yesiko lenu na?
4
Ngokuba uNkulunkulu wathi: Yazisa uyihlo nonyoko, nokuthi: Othuka uyise noma unina makafe nokufa.
5
Kepha nina nithi: Oshoyo kuyise noma kunina ukuthi : Kungumnikelo lokho ongabe usizwe yimi ngakho,
6
akayikwazisa uyise noma unina ; kanjalo nilenze laba yize izwi likaNkulunkulu ngesiko lenu.
7
Bazenzisi, waprofetha kahle ngani u-Isaya, ethi:
8
Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo , kepha inhliziyo yaso ikude nami;
9
kodwa bangikhonza ngeze befundisa izifundiso eziyimiyalo yabantu.
10
Wayesebabiza abantu, wathi kubo: Yizwani, niqonde.
11
Akusikho okungena emlonyeni okungcolisa umuntu ; kepha okuphuma emlonyeni lokhu kungcolisa umuntu.
12
Khona kwasondela abafundi bakhe , bathi kuye : Uyazi ukuthi abaFarisi bathe bezwa lelo zwi, bakhubeka na?
13
Kepha waphendula wathi : Yileso naleso sithombo esingatshalwanga nguBaba wasezulwini siyakusishulwa.
14
Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe; kepha nxa impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.
15
UPetru waphendula, wathi kuye: Sichasisele lo mfanekiso.
16
Wayesethi: Kanti nani nisengabangaqondiyo na?
17
Anikaqondi yini ukuthi konke okungena emlonyeni kuya esiswini , kuze kulahlelwe ngaphandle na?
18
Kepha okuphuma emlonyeni kuvela enhliziyweni ; lokho-ke kuyamngcolisa umuntu.
19
Ngokuba enhliziyweni kuvela izizindlo ezimbi , ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza.
20
Yilezo zinto ezimngcolisayo umuntu ; kodwa ukudla ngezandla ezingahlanjiwe akumngcolisi umuntu. Owesifazane waseKhanani (Mark. 7:24)
21
UJesu ephuma lapho wamuka, waya emaphandleni aseTire naseSidoni.
22
Bheka, kwavela emikhawulweni yakhona owesifazane waseKhanani , wakhala wathi : Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide ! Indodakazi yami ikhwelwe kabi yidemoni.
23
Kepha akamphendulanga ngazwi . Base besondela kuye abafundi bakhe , bamncenga, bathi: Mmukise ngokuba uyakhala emva kwethu.
24
Kodwa waphendula wathi: Angithunyelwanga kwabanye, kuphela ezimvini ezilahlekileyo zendlu yakwa-Israyeli.
25
Kepha wayeseza, wakhuleka kuye wathi: Nkosi ngisize.
26
Waphendula wathi : Akukuhle ukuthatha isinkwa sabantwana , usiphonse ezinjaneni.
27
Yena wathi: Yebo, Nkosi; kepha nezinjana zidla imvuthuluka ewa etafuleni labaninizo.
28
Khona uJesu waphendula , wathi kuye : O mame , kukhulu ukukholwa kwakho; makube kuwe njengokuthanda kwakho. Indodakazi yakhe yasinda kusukela kuleso sikhathi. UJesu uphulukisa iziguli; usuthisa amadoda ayizinkulungwane ezine (Mark. 7:31; 8:1)
29
Wasuka lapho uJesu , wafika ngaselwandle lwaseGalile , wenyukela entabeni, wahlala phansi khona.
30
Kwase kusondela kuye izixuku eziningi zinezinyonga , nezimpumputhe, nezimungulu, nezilima, nabanye abaningi, zababeka ngasezinyaweni zakhe ; wabaphulukisa,
31
baze bamangala abantu bebona izimungulu zikhuluma , izilima zisindile , izinyonga zihamba, izimpumputhe zibona ; bamdumisa uNkulunkulu ka - Israyeli.
32
UJesu wayesebabiza abafun di bakhe , wathi: Ngiyasihawukela isixuku , ngokuba sekuyizinsuku ezintathu sihlezi kimi , singenanto yokudla ; angithandi ukubamukisa belambile , funa mhlawumbe baphele amandla endleleni.
33
Bathi kuye abafundi : Singazitholaphi ehlane izinkwa ezingaka zokuba kusuthe isixuku esingaka na?
34
Wathi kubo uJesu : Ninezinkwa ezingaki na ? Bathi: Eziyisikhombisa, nezinhlanzana eziyingcosana.
35
Wayala isixuku ukuba sihlale phansi;
36
wazithabatha izinkwa eziyisikhombisa nezinhlanzi, wabonga, wazihlephula, wanika abafundi, abafundi baphakela izixuku.
37
Badla bonke , basutha, babutha imvuthuluka eseleyo , amaqoma ayisikhombisa agcwele.
38
Kepha abadlayo babe yizinkulungwane ezine zamadoda ngaphandle kwabesifazane nabantwana.
39
Esezimukisile izixuku wangena emkhunjini , wafika emik hawulweni yaseMagadana.