IzAga Chapter 20
1
Iwayini liyisideleli , uphuzo olunam andla lungumxokozeli ; bonke abaduka ngalo abahlakaniphile.
2
Ingebhe ngenkosi injengokubhonga kwengonyama; oyithukuthelisayo wona umphefumulo wakhe.
3
Kuludumo kumuntu ukuhlala kude nokuxabana , kepha zonke iziwula ziyaphikisana.
4
Ngenxa yobusika ivila ali yikulima; ngalokho uyakuthekela ngesikhathi sokuvuna, kungekho lutho.
5
Isiluleko enhliziyweni yomuntu sinjengamanzi ajulileyo , kepha umuntu oqondileyo uyakusikhipha.
6
Abantu abaningi bayamemezela , kube yilowo nalowo umusa wakhe , kepha ngubani ongafumana umuntu othembekileyo na?
7
Olungileyo ohamba ekupheleleni kwakhe , babusisiwe abantwana bakhe emva kwakhe.
8
Inkosi ehlezi esihlalweni sokwahlulela ihlakaza konke okubi ngamehlo ayo.
9
Ngubani ongasho ukuthi : Ngihlanzile inhliziyo yami , sengihlambulukile ezonweni zami, na?
10
Izisindo ezimbili nama-efa amabili, kokubili kuyisinengiso kuJehova.
11
Naye umntwana uyaziwa ngezenzo zakhe , uma isenzo sakhe sihlanzekile , noma siqotho.
12
Indlebe ezwayo neso elibonayo, uJehova wenzile kokubili.
13
Ungathandi ubuthongo , funa ufikelwe ngubumpofu ; vula amehlo akho , uyakusutha ngesinkwa.
14
Kubi, kubi, kusho umthengi; kepha esehambile uyazigabisa.
15
Kukhona igolide namarubi amaningi , kepha ukwazi kwezindebe kuyigugu elinqabileyo.
16
Thatha ingubo yoyisibambiso somfokazi, umbambe abe yisibambiso omela abezizwe.
17
Isinkwa samanga simnandi kumuntu , kepha ngasemuva umlomo wakhe uyakugcwaliswa ngohlalwane.
18
Amacebo onke ayaqiniswa ngokululekana; yilwa impi ngamasu.
19
Ohamba encetheza uyambula izimfihlakalo ; ngalokho ungahlangani naye ovula kakhulu umlomo wakhe.
20
Oqalekisa uyise nonina, isibani sakhe siyakucimeka esigayegayeni.
21
Imfuyo ingatholwa ngokushesha ekuqaleni , kepha ukuphela kwayo akuyikubusiswa.
22
Ungasho ukuthi : Ngiyakuphindisela okubi , yethemba kuJehova , uyakukusindisa.
23
Izisindo ezimbili ziyisinengiso kuJehova , nesilinganiso senkohliso asilungile.
24
Izinyathelo zomuntu zingezikaJehova ; pho, umuntu angaqonda kanjani indlela yakhe na?
25
Kulugibe ukusho ngamawala ukuthi : Kungcwele, abesebuya acabange emva kwezithembiso zakhe.
26
Inkosi ehlakaniphileyo iyahlakaza ababi , iphindisele phezu kwabo ukushinga kwabo.
27
Umoya womuntu uyisibani sikaJehova , siphenya konke okuphakathi komuntu.
28
Umusa neqiniso kuyalonda inkosi ; isihlalo sayo sobukhosi sisekelwa ngomusa.
29
Udumo lwabasha lungamandla abo, nesivunulo sabadala singubumpunga.
30
Imivimbo elimazayo ihlanza ububi, nezishayo okuphakathi komuntu.