IzAga Chapter 18
1
Ozahlukanisayo ufuna esakhe isifiso, uphika konke ukuhlakanipha.
2
Isiwula asithokozi ngokuqonda , kuphela ngokuveza okusenh liziyweni yakhe.
3
Lapho kufika omubi, kufika nokudelela; kanye nehlazo kukhona inhlamba.
4
Amazwi omlomo womuntu anjengamanzi ajulileyo , nomfula ogobhozayo , nomthombo wokuhlakanipha.
5
Ukukhetha ubuso bomubi ukuba olungileyo aphambukiswe ekwahlulelweni akukuhle.
6
Izindebe zesiwula ziletha ukuxabana, nomlomo waso ubiza imivimbo.
7
Umlomo wesiwula ungukubhujiswa kwaso , nezindebe zaso zilugibe lomphefumulo waso.
8
Amazwi omncethezi anjengezibiliboco; ayehlela kokuphakathi komuntu.
9
Ovilapha emsebenzini wakhe yena ungumfowabo wochithayo.
10
Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla ; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.
11
Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla ; injengogange oluphakemeyo emicabangweni yaso.
12
Ngaphambi kokubhujiswa inhliziyo yomuntu iyaziqhen ya; ukuthobeka kwandulela udumo.
13
Obuyisa izwi engakezwa, kungubuwula nehlazo kuye.
14
Umoya womuntu uyasekela ubuthakathaka bakhe , kepha ngubani ongathwala umoya owaphukileyo na?
15
Inhliziyo yoqondileyo iyazuza ukwazi , nezindlebe zabalungileyo ziyafuna ukwazi.
16
Isipho somuntu siyamenzela indawo, simholele kwabakhulu.
17
Ongowokuqala ecaleni lakhe usengathi ulungile , kepha umakhelwane wakhe ufika, amphenye.
18
Inkatho iyaqeda ukuxabana, yahlukanise phakathi kwabanamandla.
19
Umzalwane owoniweyo ulukhuni ku nomuzi onamandla , nokuxabana kunjengemigoqo yenqaba.
20
Isisu somuntu siyasutha ngesithelo somlomo wakhe , saneliswe ngokuthela kwezindebe zakhe.
21
Ukufa nokuphila kusemandleni olimi , nabaluthandayo bayakudla izithelo zalo.
22
Ofumana umfazi uthola okuhle; uzuzile isisa kuJehova.
23
Ompofu ukhuluma ngokuncenga, kepha isicebi siphendula kalukhuni.
24
Umuntu wabangane uyazilimaza , kepha kukhona abangane ababambelela kuneselamani.