Umhlaba wawonakele ebusweni bukaJehova ; umhlaba wagcwala ubudlwangudlwangu.
UNkulunkulu wathi kuNowa : Ukuphela kwenyama yo nke kufikile phambi kwami, ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabantu ; bheka, ngiyakubachitha kanye nomhlaba.
Ukwelelesa kwakhe k ubuyela ekhanda lakhe ; ubudlwangudlwangu bakhe behlela okhakhayini lwakhe.
UJehova uyamhlola olungileyo ; kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu umphefumulo wakhe uyamzonda.
Bachithe, Nkosi, uphambanise ulimi lwabo , ngokuba ngibonile ubudlwangudlwangu nokuxabana emzini.
Izibusiso zisekha nda lolungileyo , kepha umlomo wababi uyafihla ubudlwangudlwangu.
Umlomo wolungileyo ungumthombo wokuphila , kepha umlomo wababi ufihla ubudlwangudlwangu.
Umuntu uyadla okuhle ngesithelo somlomo wakhe , kepha umphefumulo wabambuluzayo uyadla ubudlwangudlwangu.