Skip to Content

IzAga Chapter 10

1 Nazi izaga zikaSolomoni: Indodana ehlakaniphileyo ithokozisa uyise, kepha indodana eyisiwula ilusizi kunina. 2 Ingcebo yobubi ayisizi lutho, kepha ukulunga kophula ekufeni. 3 UJehova akavumi ukuba olu ngileyo alambe , kepha isifiso somubi uyasihlohloloza. 4 Isandla esinobudenge siveza ubumpofu , kepha isandla sokukhuthala siyacebisa. 5 Obutha ehlobo uyindodana ehlakaniphileyo ; olele ubuthongo ngesikhathi sokuvuna uyindodana ehlazisayo. 6 Izibusiso zisekha nda lolungileyo , kepha umlomo wababi uyafihla ubudlwangudlwangu. 7 Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisekile, kepha igama lababi liyabola. 8 Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakwamukela imiyalo , kepha isiwula esiphoshozayo siyakuwiswa. 9 Ohamba ngobuqotho uhamba ngoku londeka, kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa. 10 Oqwayiza iso ubanga usizi, kepha osola ubuso nobuso uveza ukuthula. 11 Umlomo wolungileyo ungumthombo wokuphila , kepha umlomo wababi ufihla ubudlwangudlwangu. 12 Inzondo iyabanga ukuxabana , kepha u thando luyasibekela iziphambeko zonke. 13 Ezindebeni zoqondileyo kufunyanwa ukuhlakanipha , kepha uswazi lungolomhlane wongenangqondo. 14 Abahlakaniphileyo bayabekelela ukwazi , kepha umlomo wesiwula uyincithakalo eseduze. 15 Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla; incithakalo yabampofu ingubumpofu babo. 16 Umsebenzi wolungileyo ungowokuphila; inzuzo yababi ingeyokona. 17 Onaka ukulaywa usendleleni yokuphila , kepha owenqaba ukusolwa uyaduka. 18 Ofihla inzondo unezindebe zamanga; ophumisa inhlebo uyisiwula. 19 Lapho amazwi emaningi khona, akuphuthi ukuphambeka; obamba umlomo wakhe uhlakaniphile. 20 Ulimi lolungileyo luyisiliva elikhethekileyo; ingqondo yababi iyinto encane. 21 Izindebe zolungileyo ziyondla abaningi , kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo. 22 Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso. 23 Ukwenza okubi kunjengokudlala kuso isiwula ; kunjalo ukuhlakanipha kumuntu onengqondo. 24 Akwesabayo omubi kuyamehlela, nabakufisayo abalungileyo bayakuphiwa. 25 Lapho sidlula isivunguvungu , akasekho omu bi, kepha olungileyo uyisisekelo esingunaphakade. 26 Njengoviniga emazinyweni nomusi emehlweni , linjalo ivila kwabalithumileyo. 27 Ukumesaba uJehova kuyandisa izinsuku , kepha iminyaka yababi iyancishiswa. 28 Ithemba labalungileyo liyakuba yintokozo , kepha abakwethembayo ababi kuyakubhubha. 29 Indlela kaJehova iyinqaba kopheleleyo, kepha incithakalo ikubenzi bokona. 30 Olungileyo akayikunyakaziswa kuze kube phakade , kepha ababi abayikuhlala ezweni. 31 Umlomo wolungileyo uyathela ukuhlakanipha , kepha ulimi oluphambeneyo luyakunqunywa. 32 Izindebe zolungileyo ziyakwazi okuhle , kepha umlomo wababi okuphambeneyo.