Skip to Content

IzAga Chapter 13

1 Indodana ehlakaniphileyo iyalaywa nguyise , kepha isideleli asilaleli ukukhuzwa. 2 Umuntu uyadla okuhle ngesithelo somlomo wakhe , kepha umphefumulo wabambuluzayo uyadla ubudlwangudlwangu. 3 Olinda umlomo wakhe ugcina ukuphila kwakhe ; okhamisa izindebe zakhe uyakuba nencithakalo. 4 Umphefumulo wevila uyafisa, ungatholi lutho , kepha imiphe fumulo yabakhutheleyo iyakhuluphaliswa. 5 Olungileyo uyazonda amazwi amanga , kepha omubi ubanga amahloni , ahlazise. 6 Ukulunga kuyamlondoloza ondlela yakhe iphelele , kepha ububi buyachitha isoni. 7 Kukhona ozishaya ocebileyo , engenalutho kodwa ; kukhona ozish aya ompofu, enemfuyo enkulu. 8 Ihlawulo lokuphila komuntu liyingcebo yakhe , kepha ompofu akezwa ukukhuzwa. 9 Ukukhanya kwabalungileyo kuyathokoza, kepha izibani zababi ziyacimeka. 10 Ngokuziqhenya kuvela ukuxabana kuphela , kepha kwabalulekwayo kukhona ukuhlakanipha. 11 Imfuyo etholakala kalula iyancipha , kepha obutha kancane kancane uyandiselwa. 12 Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo ; isifiso esigcwalisiweyo singumuthi wokuphila. 13 Odelela izwi uzehlisela ukubhujiswa, kepha owesaba imiyalo uyakuvuzwa. 14 Ukufundisa kohlakaniphileyo kungumthombo wokuphila , ukuze kudedwe ezihibeni zokufa. 15 Ukuqonda kahle kuveza umusa, kepha indlela yabambuluzayo ilukhuni. 16 Bonke abaqondileyo basebenza ngokwazi , kepha isiwula sihlakaza ubuwula. 17 Isithunywa esibi s iwela ebubini , kepha isigijimi esithembekileyo siyimpiliso. 18 Ubumpofu nehlazo kukuye onqaba ukulaywa , kepha onaka ukusolwa uyadunyiswa. 19 Isifiso esigcwalisiweyo simnandi emphefumulweni , kepha ukudeda ebubini kuyisinengiso kuzo iziwula. 20 Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo. 21 Ububi bulandela izoni, kepha abalungileyo bavuzwa ngokuhle. 22 Olungileyo ushiyela abantwana babantwana bakhe ifa , kepha ingcebo yesoni ibekelelwa olungileyo. 23 Emqathweni wabampo fu kukhona ukudla okuningi , kepha kukhona okuchithwa ngenxa yokungalungi. 24 Oyeka uswazi uyazonda indodana yakhe , kepha oyithandayo uyayilaya ngesineke. 25 Olungileyo uyadla uze usuthe umphefumulo wakhe , kepha isisu sababi siyaswela.