Skip to Content

"ezinhliziyweni"

52 occurrences in ZUL

Bheka, mina ngimisile kanye naye u -Oholiyabe indodana ka -Ahisamaki, owesizwe sakwaDani; ezinhliziyweni zazo zonke eziyizingcweti ngenhliziyo ngifake ukuhlakanipha ukuba zikwenze konke engikuyale ngakho:

UMose wababiza oBesaleli no -Oholiyabe nabo bonke abahlakaniphile ngenhliziyo, uJehova abeke ukuhlakanipha ezinhliziyweni zabo , bonke abavuswa yizinhliziyo zabo ukuza emsebenzini ukuba bawenze.

Abaseleyo bakini ngiyakubehlisela itwetwe ezinhliziyweni zabo emazweni ezitha zabo ; ubuhashahasha beqabunga elinyakaziswayo buyakubaxosha , babaleke njengalokhu umuntu ebalekela inkemba , bawe bengaxoshwa muntu.

Ukuthula kukaKristu makubuse ezinhliziyweni zenu , enabizelwa futhi kukho emzimbeni munye; futhi yibani ngababongayo.

Izwi likaKristu alihlale phakathi kwenu, livame, nifundisane ngokuhlakanipha konke , niyalane ngamahubo , nangezihlabelelo, nangamaculo okomoya , nimhubele uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu ngokubonga.

Bhekani, namuhla ngiyahamba indlela yomhlaba wonke ; niyazi ezinhliziyweni zenu zonke nasemiphefumulweni yenu yonke ukuthi akuphuthanga nento eyodwa kuzo zonke izinto ezinhle azikhuluma uJehova uNkulunkulu wenu ngani; kwenziwa konke kini, akuphuthanga nento eyodwa kukho.

Wathi futhi uHushayi : Uyamazi uyihlo nabant u bakhe ukuthi bangamaqhawe nokuthi bacasukile ezinhliziyweni zabo njengebhere elaphucwe amazinyane alo endle ; uyihlo uyindoda yempi , akayikuhlala nabantu.

Abacabangi ezinhliziyweni zabo ukuthi ngiyakhumbula konke okubi kwabo; sebezungeziwe yizenzo zabo, ziphambi kobuso bami.

Kwathi lapho seziphelile izinsuku zedili lawo , uJobe wathuma wawangcwelisa, wavuka ekuseni , wanikela ngeminikelo yokushiswa njengomumo wawo onke ; ngokuba uJobe wathi : Mhlawumbe amadodana ami onile, amthukile uNkulunkulu ezinhliziyweni zawo . Wenze njalo uJobe imihla yonke.

bona abayikukufundisa yini, bakutshele, bakhiphe amazwi ezinhliziyweni zabo, na?

Ungangimukisi kanye nababi nabenza okub i abakhuluma ukuthula nabakhelwane babo, kanti kukhona okubi ezinhliziyweni zabo.

Jehova, yenza okuhle kubo abalungileyo nabaqotho ezinhliziyweni zabo.

Wenzile konke kube kuhle esikhathini sakho , ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo ; nokho umuntu ange fumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube sekupheleni.

Mabazisondeze, basitshele okuyakwenzeka ; izinto zakuqala ziyini na ? Mabasitshele zona ukuba sizibeke ezinhliziyweni zethu, sazi ukuphela kwazo, noma nisizwise okuzayo.

Khumbulani lokhu, nime niqinile , nibuye nicabange ezinhliziyweni zenu nina benzi bokubi.

Futhi abasho ezinhliziyweni zabo ukuthi: Ake sesabe uJehova uNkulunkulu wethu onika imvula eyokuqala neyamuva ngesikhathi sayo , asigcinele amasonto anqunyiweyo akuvuna.

Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo , lukhuluma inkohliso; bakhuluma kahle ngomlomo wabo kumakhelwane wabo , kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.

Lokhu koze kube nini ezinhliziyweni zabaprofethi abaprofetha amanga , bengabaprofethi benkohliso yenhliziyo yabo,

Kepha yilesi esiyisivumelwano engizakusenza nendlu ka -Israyeli emva kwalezo zinsuku , usho uJehova: ngiyakufaka umthetho wami ezibilinini zabo, ngiwulobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami;

Ngiyakwenza nabo isivumelwano esiphakade , ukuze ngingabuyi ekubalandeleni, ngibenzele okuhle, ngibeke ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.

Nina eniphunyukile enkembeni hambani , ningemi; khumbulani uJehova nisekude, iJerusalema lingene ezinhliziyweni zenu.

Okungenayo ezinhliziyweni zenu akuyikuba khona impela , lokhu enikushoyo ukuthi : Siyakuba njengezizwe , njengemindeni yamazwe , ukuba sikhonze umuthi namatshe.

Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu.

Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu.

Ake nibeke ezinhliziyweni zenu manje , kusukela kulolu suku nangaphambili, ukuthi kungakabekwa itshe phezu kwetshe ethem pelini likaJehova,

Ake nikubeke ezinhliziyweni zenu , kusukela kulolu suku nangaphambili , kwasosukwini lwamashumi amabili nane lwenyanga yesishiyagalolunye, kwasosukwini okwabekwa ngalo isisekelo sethempeli likaJehova , yebo, nikubeke ezinhliziyweni zenu.

ningacebi okubi ezinhliziyweni zenu, kube yilowo nalowo ngomakhelwane wakhe, ningathandi izifungo zamanga , ngokuba lezo zinto yilezo engizizondayo, usho uJehova.

UJesu ezazi izizindlo zabo wathi: Nizindlelani okubi ezinhliziyweni zenu na?

Ababusi bakwaJuda bayakusho ezinhliziyweni zabo ukuthi : Abakhileyo eJerusalema bangamandla ami kuJehova Sebawoti, uNkulunkulu wabo.

Kepha kwakukhona ababhali abathile behlezi khona, bezindla ezinhliziyweni zabo ngokuthi:

UJesu ekwazi masinyane emoyeni wakhe ukuthi bazindla kanjalo phakathi kwabo, wathi kubo: Nizindlelani ngalokhu ezinhliziyweni zenu na?

nabo bonke abazizwayo bazigcina ezinhliziyweni zabo , bethi: Kodwa lo mntwana uyakuba yini na? Isandla seNkosi sasinaye.

Abantu besabhekile, bezindla bonke ezinhliziyweni zabo ngoJohan e ukuthi ingabe unguKristu yini,

Kepha uJesu ezazi izizindlo zabo waphendula , wathi kubo : Nizindlani ezinhliziyweni zenu na?

Wayesethi kubo: Nikhathazekeleni na? Kuvelelani imizindlo ezinhliziyweni zenu na?

Nina bantamo zilukhuni , abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni , nimelana njalo noMoya oNgcwele; njengoyihlo ninjalo nani.

Kwathi bekuzwa lokho, bahlabeka ezinhliziyweni, bamgugudela amazinyo.

babonakalisa ukuthi umsebenzi womthetho ulotshiwe ezinhliziyweni zabo, nonembeza wabo uyafakaza naye , imicabango yabo imangalelana noma ivunana,

ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.

owasibeka nophawu nowas ipha isibambiso esinguMoya ezinhliziyweni zethu.

Nina niyi ncwadi yethu elotshwe ezinhliziyweni zethu , eyaziwa ifundwa ngabantu bonke,

Ngokuba uNkulunkulu owathi : Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye, nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu. Amandla avela evangelini ayaqinisa ezinhluphekweni nasezingozini

aninyinyekile kithi, kodwa ninyinyekile ezinhliziyweni zenu;

Sivuleleni indawo ezinhliziyweni zenu ; asonanga muntu , asonakalisanga muntu, asidlanga muntu.

Lokhu ningamadodana , uNkulunkulu uthumile uMoya weNdodana yakhe ezinhliziyweni zenu omemeza ethi: Aba, Baba!

uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa , ukuze nigxile, nisekelwe othandweni,

Ngokuba yilesi esiyisivumelwano engiyakusenza nendlu ka -Israyeli emva kwalezo zinsuku , isho iNkosi : ngiyakufaka imithetho yami engqondweni yabo, ngiyilobe ezinhliziyweni zabo, ngibe nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.

Yilesi sivumelwano engizakusenza nabo , emva kwalezo zinsuku , isho iNkosi: Ngiyakufaka imithetho yami ezinhliziyweni zabo , ngiyilobe engqondweni yabo,

Kepha uma ninomhawu obabayo nombango ezinhliziyweni zenu , ningazibongi, ningaliqambeli iqiniso.

kepha mngcweliseni uKristu abe yiNkosi ezinhliziyweni zenu , nihlale ningabalungele ukubaphendula bonke abanibuza isizathu sethemba elikini,

Sesinalo izwi lesiprofetho eliqinisekile kakhulu, enenza kahle ukuliqaphela kungathi liyisibani esikhanyayo endaweni emnyama kuze kuse , ikhwezi liphumele ezinhliziyweni zenu,

ngokuba uNkulunkulu ukufakile ezinhliziyweni zazo ukuba zenze umqondo wakhe, ziwenze umqondo munye, zinike isilo umbuso wazo, aze agcwaliseke amazwi kaNkulunkulu.