U-Isaya Isahluko 46
1
UBeli uyaguqa , uNebo uyakhothama; izithombe zabo zingezezilwane nezezinkomo; enibathweleyo bangumthwalo , banzima ezilwaneni eziyethileyo.
2
Ziyakhothama, ziguqa kanyekanye , azinakuwukhulula umthwalo ; nabo uqobo baya ekuthunjweni.
3
Ngilalele wena ndlu kaJakobe , yonke insali yendlu yakwa -Israyeli engiyithwesiweyo kwasesiswini, yabekwa phezu kwami kwasesizalweni.
4
Noze niguge , nginguye, yebo, noze nibe yizimpunga , ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu , futhi ngiyakunetshatha , yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.
5
Niyakungifanisa, ningilinganise nobani , ningiqathanise nobani ukuba sifanane na?
6
Abathulula igolide esikhwameni yini , balinganise isiliva esilinganisweni , baqashe umkhandi wes iliva ukuba enze unkulunkulu , bese bekhothama , bakhuleke, na?
7
Bamthwala ehlombe, bametshathe, bambeke endaweni yakhe ukuba eme khona, angabe esasuka endaweni yakhe ; kepha uma umuntu ekhala kuye , akayikumphendula, angamsindisi osizini lwakhe.
8
Khumbulani lokhu, nime niqinile , nibuye nicabange ezinhliziyweni zenu nina benzi bokubi.
9
Khumbulani izinto zakuqala zamandulo , ngokuba nginguNkulunkulu , akakho omunye, yebo, nginguNkulunkulu, akakho onjengami,
10
engimemezela ngaphambili okuyakuza , nasendulo izinto ezingakenziwa, ngokuthi: Icebo lami liyakuma, ngiyakwenza yonke intando yami,
11
mina engibiza inqe empumalang a nomuntu wecebo lami ezweni elikude ; yebo, ngikhulumile, ngiyakukufikisa; nginqumile, ngiyakukwenza.
12
Ngilaleleni nina enilukhuni ngenhliziyo, enikude nokulunga.
13
Ngiyakusondeza ukulunga kwami , akukude, insindiso yami ayiyikulibala ; ngibeka insindiso eSiyoni nodumo lwami kwa-Israyeli.