Skip to Content

EkaJakobe Isahluko 3

1 Ningabi ngabafundisi abaningi , bazalwane bami , nazi ukuthi siyakwamukeliswa ukwahlulelwa okukhulu. 2 Ngokuba sonke siyakhubeka ngokuningi; uma umuntu engakhubeki ngazwi, lowo uyindoda epheleleyo enamandla okubamba nomzimba wonke kungathi ngetomu. 3 Uma-ke sifaka am atomu emilonyeni yamahashi ukuba asilalele , siqondisa nomzimba wonke wawo. 4 Bhekani nemikhumbi , ingaka nje , iqhutshwa yimimoya enamandla , iqondiswa ngephini elincinyane, lapho umshayeli efuna ukuyiqondisa khona. 5 Lunjalo nolimi ; luyisitho esincane , kanti luyazigabisa kakhulu . Bhekani umlilo omncane uvuthisa ihlathi elingaka; 6 nolimi lungumlilo , ulimi lumi luyizwe lokungalungi phakathi kwezitho zethu, lungcolisa umzimba wonke , luthungela ukuphila konke , luthungelwa yisihogo. 7 Ngokuba yonke imvelo yezilwane , neyezinyoni, neyezikhasayo, neyeziselwandle iyathanjiswa, yebo, yathanjiswa ngemvelo yabantu; 8 kepha ulimi akakho kubantu onamandla okuluthambisa ; lungububi obuyaluzayo, lugcwele isihlungu esibulalayo. 9 Ngalo sibonga iNkosi uBab a, nangalo siqalekisa abantu abenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu; 10 emlonyeni munye kuphuma ukubusisa nokuqalekisa . Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube kanjalo. 11 Umthombo uyakhipha yini amnandi nababayo emgodini munye na? 12 Umkhiwane, bazalwane ba mi, ungaba namandla yini okuthela izithelo zomnqumo, noma umvini amakhiwane na ? Amanzi kasawoti angeveze amnandi. Ukuhlakanipha okuvela phezulu 13 Ngubani ohlakaniphileyo nowaziyo phakathi kwenu na ? Makakhombise ngenkambo enhle imisebenzi yakhe ngobumnene bokuhlakanipha. 14 Kepha uma ninomhawu obabayo nombango ezinhliziyweni zenu , ningazibongi, ningaliqambeli iqiniso. 15 Lokhu kuhlakanipha akusikho okwaphezulu kodwa kungokomhlaba , kungokwemvelo, kungokwamademoni; 16 ngokuba lapho kukhona umhawu nombango, kukhona isiyaluyalu nezenzo zonke ezimbi. 17 Kepha ukuhlakanipha okwaphezulu okokuqala kumhlophe , andukuba kube nokuthula, nokuva, nokulalela, kugcwele isihawu nezithelo ezinhle ; akunakungabaza, akunakuzenzisa. 18 Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuth ula kubo abakwenzayo ukuthula.