"azo"
51 occurrences in ZUL
Amasango akho ayakuvuleka njalo , awayikuvalwa imini nobusuku , ukuze imfuyo yezizwe ilethwe kuwe, amakhosi azo eqhutshwa eboshiwe.
UJehova uNkulunkulu wabumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu , waziyisa kumuntu ukuba abone ukuthi umuntu angaziqamba ngokuthini, ukuze kuthi, njengalokhu umuntu eziqamba zonke izilwane eziphilayo, lokhu kube ngamagama azo.
UMose wathi : Lokhu kuzakwenzeka , lapho uJehova eyakuninika inyama kusihlwa ukuba nidle , nasekuseni isinkwa ukuze nisuthe ; ngokuba uJehova uyezwa izinkonono zenu enikhonona ngaye ng azo; thina siyini? Izinkonono zenu azingathi, zingoJehova.
Othini lwezibani kuyakuba khona izim bizana ezine ezifaniswa nezimbali zemi-alimondi, amasumpa azo nezimbali zazo,
Kwakukhona othini lwezibani izimbizana ezine ezifana nezimbali zemi- alimondi, zinamasumpa azo nezimbali zazo,
Wathatha onke amanoni aphezu kwezibilini , namanoni aphezu kwesibindi, nezinso zombili namanoni azo, uMose wakushisa e-altare.
Wawathatha amanoni , nomsila ononileyo , nawo onke amanoni aphezu kwezibilini, namanoni aphezu kwesibindi , nezinso zombili namanoni azo , nomlenze wokunene,
Kepha izibulo lenkomo , noma izibulo lemvu , noma izibulo lembuzi , awuyikulihlenga, lingcwele; uyakufafaza i -altare ngegazi lazo , ushise amanoni azo abe ngumnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.
UNkulunkulu wamkh ipha eGibithe ; unjengezimpondo zenyathi kubo ; uyakuqeda izizwe , izitha zakhe , aphule amathambo azo , azigwaze ngemicibisholo yakhe.
Uyakuwanikela amakhosi azo esandleni sakho, wena uqede igama lawo phansi kwezulu ; akuyikubakho muntu ongema phambi kwakho , uze uzichithe.
Awuyikwenze njalo kuJehova uNkulunkulu wakho , ngokuba zenzile konkulunkulu bazo konke okuyisinengiso kuJehova akuzondayo , lokhu ziwashisela ngomlilo onkulunkulu bazo amadodana azo namadodakazi azo.
Zimiseleni amadoda amathathu izizwe ngezizwe ; ngiyakuwathuma ukuba asuke ahambe ezweni, alilobe njengamafa azo, aze afike kimi.
Manje thathani nilungise inqola entsha nezinkomo ezimbili ezincelisayo okungafikanga joka phezu kwazo , nizibophele izinkomo enqoleni, nibuyisele ekhaya amankonyane azo,
Abantu benze njalo ; bathatha izinkomo ezimbili ezincelisayo , bazibophela enqoleni, bazivalela amankonyane azo ekhaya,
UNabali waziphendula izinceku zikaDavide , wathi: Ngubani uDavide na ? Ngubani indodana kaJese na ? Namuhla kukhona izinceku eziningi ezeqa emakhosini azo.
Zase zibhinca izindw angu zamasaka ezinkalweni zazo , nezintambo emakhanda azo, zaya enkosini yakwa-Israyeli, zathi: Ithi inceku yakho uBeni Hadadi: Ake ungiyeke , ngiphile. Yayisithi: Usekhona na ? Ungumfowethu yena.
Bheka, kwehle umlilo ezulwini , waqeda izinduna zamashumi ayisihlanu ezimbili zokuqala zinamashumi ayisihlanu azo; kepha manje makube yigugu emehlweni akho ukuphila kwami.
zanikelela isikhwama somsebenzi njengokwamandla azo amadarike ayizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nanye egolide , namamane ayizinkulungwane eziyisihlanu esiliva, nezambatho zabapristi eziyikhulu.
Waxosha abezizwe phambi kwabo ; edabula izwe wababela ifa , wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.
Bheka, njengamehlo ezinceku ekuzo izandla zamakhosi azo , namehlo encekukazi ekuso isandla senkosikazi yayo , kanjalo amehlo ethu akuye uJehova uNkulunkulu wethu, aze abe nomusa kithi.
Izimbongolo zasendle ziyema emadulini angenalutho , zihogela umoya njengamakhanka; amehlo azo ayaphela, ngokuba kungekho tshani.
uziyale ukuba zithi emakhosini azo : U sho kanje uJehova Sebawoti , uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Niyakusho kanje emakhosini enu, nithi:
Amalunga endodakazi yaseSiyoni ahlezi emhlabathini, athule; athele uthuli emakhanda awo , abhince indwangu yamasaka . Izintombi zaseJerusalema zithobisela phansi amakhanda azo.
Zazinezandla zomuntu phansi kwamaphiko azo ezinhlangothini zazo zozine . Ubuso namaphiko alezi ezine kwakunje:
amaphiko azo ayehlangene , elinye nelinye ; aziphendukanga ekuhambeni kwazo, yileso naleso sahamba ngokuqonda kobuso baso.
Babunjalo ubuso bazo . Amaphiko azo ayahlukene phezulu ; kuleso naleso amabili ayehlangene, elinye nelinye; amabili ayembesa imizimba yazo.
Phezu kwamakhanda ezidalwa kwakukhona kungathi umkhathi unjengekristalu elimangalisayo, owenekwe phezu kwamakhanda azo phezulu.
Phansi komkhathi amaphiko azo ayeqondene , elinye nelinye, yileso naleso sinamabili embesa imizimba yazo ngalapha, sinamabili embesa ngalapha.
Ekuhambeni kwazo ngezwa umsindo wamaphiko azo njengomsindo wamanzi amaningi njengezwi likaSomandla , nomsindo wesidu mo njengomsindo wempi; ekumeni kwazo zawehlisa amaphiko azo.
Phezu komkhathi owawuphezu kwamakhanda azo kwakunjengokungathi isihlalo sobukhosi , isimo saso s injengetshe lesafire . Phezu kokwakunjengesihlalo sobukhosi kwakukhona okufana nomuntu phezu kwaso ngaphezulu.
Ngakwenza ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa emehlweni ezizwe ababephakathi kwazo , nengazazisa emehlweni azo kubo ngokubakhipha ezweni laseGibithe.
Nokho ngabuyisa isandla sami , ngakwenza ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa emehlweni ezizwe engabakhipha emehlweni azo.
ukhuphukele ukulwa nabantu bami u -Israyeli njengefu lokusibekela izwe ; kuyakuthi ngezinsuku ezizayo ngikuyise kubantu bami ukuze izizwe zingazi, lapho ngizingcwelisa ngawe Gogi emehlweni azo.
Ohlangothini lwasentshonalanga yizingalo eziyizinkulungwane ezine namakhulu ayisihlanu, namasango azo amathathu: elinye yisango lakwaGadi, elinye yisango lakwa-Asheri, elinye yisango lakwaNafetali.
Usho kanje uJehova Sebawoti , uthi: Ngalezo zinsuku amadoda ayishumi azo zonke izilimi zabezizwe ayakubamba umphetho womuntu wakwaJuda ngokuthi: Siyakuhamba nani, ngokuba sizwile ukuthi uNkulunkulu unani.
Zase zingena endlini , zabona umntwa na noMariya unina , zawa phansi , zakhuleka kuye, zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide namakha nenhlaka.
Kepha abaningi kubo ababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke ; bahlanganisa amanani azo , bafumana ukuthi ayizinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu.