Skip to Content

KuThithu Isahluko 2

1 Kepha wena khuluma lokhu okufanele isifundiso esiphilileyo 2 sokuthi: Amadoda amadala mawabe ngazithibayo , azothileyo, aqondileyo, aphilile ekukholweni, nasothandweni, nasekubekezeleni; 3 kanjalo nabesifazane abadala baziphathe ngokufanele abangcwele , bangabi ngabahlebi, bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe ngabafundisi bokuhle, 4 ukuze bafundise abesifazane abasha ukuthanda amadoda abo , bathande nabantwana babo; 5 babe ngabaqondileyo, abamhlophe, abaphatha kahle amakhaya, abamnene, abathobela amadoda abo ukuba izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa. 6 Ngokunjalo ubayale abesilisa abasha ukuba babe ngabaqondileyo, 7 uzibonakalise kukho konke ube yisibonelo semisebenzi emihle , nasekufundiseni kwakho ubonakalise ukungonakali, ube nesizotha, 8 ukhulume okuqondileyo okungasolekiyo , ukuze omelana nathi abe namahloni, engenalutho olubi angalukhuluma ngathi. 9 Yala izinceku ukuba zithobele amakhosi azo , zikholeke ezintweni zonke , zingaphiki nkani, 10 zingantshontshi, zibonakalise konke ukwethemba okuhle , ukuze zihlobise isifundiso sikaNkulunkulu uMsindisi wethu ezintweni zonke. 11 Ngokuba umusa kaNkulunkulu wokusindisa ubonakalisiwe kubantu bonke; 12 uyasifundisa ukuba sidele ukungakholwa nezinkanuko zezwe , sihambe ngokuqonda, nangokulunga, nangokumesaba uNkulunkulu kulesi sikhathi samanje, 13 sibheke ithemba elibusisiweyo nokuvela kwenkazimulo kaNkulunkulu omkhulu noMsindisi wethu uJesu Kristu 14 owazinikela ngenxa yethu , ukuze asihlenge ebubini bonke , asihlambulule isizwe esingesakhe, sishisekele imisebenzi emihle. 15 Khuluma lokho, uyale, ukhuze ngamandla onke. Ungadelelwa muntu.