NgokukaMathewu Chapter 2
1
UJesu esezelwe eBetlehema laseJudiya emihleni kaHerode inkosi , bheka, kwafika izazi eJerusalema, zivela empumalanga, zithi:
2
Uphi lowo ozelwe eyinkosi yabaJuda na? Ngokuba sibonile inkanyezi yakhe kwelasempumalanga, size ukukhuleka kuye.
3
UHerode inkosi esekuzwile lokho wakhathazeka neJerusalema lonke kanye naye.
4
Wabutha bonke abapristi abakhulu nababh ali besizwe, wabuza kubo ukuthi uKristu uzakuzalelwaphi.
5
Bathi kuye : EBetlehema laseJudiya , ngokuba kulotshiwe kanjalo ngomprofethi ukuthi:
6
Nawe Betlehema, lizwe lakwaJuda, kawusiye omncane nakanye kubabusi bakwaJuda, ngokuba kuyakuvela kuwe umbus i oyakwalusa isizwe sami u - Israyeli.
7
Khona uHerode, ezibizile izazi ngasese, wabuzisisa kuzo isikhathi inkanyezi ebonakele ngaso,
8
wazithuma eBetlehema, wathi: Hambani nibuzisise ngomntwana; kuyakuthi nxa nimfumene, ningitshele ukuba nami ngiye ngikhuleke kuye.
9
Seziyizwile inkosi , zamuka; bheka, inkanyezi ezayibona kwelasempumalanga yahamba phambi kwazo , yaze yafika yema phezu kwalapho umntwana ekhona.
10
Zathi ukuyibona inkanyezi, zathokoza ngokuthokoza okukhulu kakhulu.
11
Zase zingena endlini , zabona umntwa na noMariya unina , zawa phansi , zakhuleka kuye, zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide namakha nenhlaka.
12
Kwathi ziyaliwe nguNkulunkulu ngephupho ukuba zingabuyeli kuHerode , zabuyela ezweni lakubo ngenye indlela.
13
Sezimukile, bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala kuJosefa ngephupho , ithi: Vuka uthabathe umntwana nonina , ubalekele eGibithe, uhlale khona, ngize ngikutshele; ngokuba uHerode uzakumfuna umntwana ukuba ambhubhise.
14
Wavuka-ke, wathabatha umntwana nonina ebusuku , wamuka waya eGibithe,
15
wahlala khona, waze wafa uHerode , ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa yiNkosi ngomprofethi ukuthi: Ngayibiza indodana yami iphume eGibithe. Ukubulawa kwabantwana baseBetlehema
16
Khona uHerode , esebonile ukuthi izazi zimphambile , wathukuthela kakhulu, wathumela wabulala bonke abantwana besilisa baseBetlehema nasendaweni yonke yangakhona , abaminyaka mibili nangaphansi njengesikhathi abesibuzisisile kuzo izazi.
17
Khona kwagcwaliseka okwakhulunywa ngoJeremiya umprofethi ukuthi:
18
Kwezwakala izwi eRama , ukukhala nokulila okukhulu, uRakheli ekhalela abantwana bakhe, engavumi ukududuzwa, ngokuba abasekho. Ukubuya kukaJosefa eGibithe nokuhlala kwakhe eNazaretha
19
Kepha uHerode esefile , bheka, ingelosi yeNkosi yabonakala ngephupho kuJosefa eGibithe, yathi:
20
Vuka uthab athe umntwana nonina , uye ezweni lakwa -Israyeli; ngokuba sebefile ababezingela ukuphila komntwana.
21
Wasuka-ke, wathabatha umntwana nonina, wafika ezweni lakwa-Israyeli.
22
Kepha ezwa ukuthi sekubusa u -Arkelawu eJudiya esikhundleni sikaHerode uyise, wesaba ukuya khona; eseyaliwe nguNkulunkulu ngephupho wamuka waya kwelaseGalile;
23
wafika wakha emzini othiwa iNazaretha ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa ngabaprofethi ukuthi: Uyakubizwa ngokuthi umNazaretha.