UNehemiya Chapter 5
1
Kwaba khona ukukhala okukhulu kwabantu nawomkabo ngabafowabo abaJuda.
2
Ngokuba babekhona abathi : Thina namadodana ethu namadodakazi ethu sibaningi; masithole amabele ukuba sidle, siphile.
3
Babe khona nabathi : Sibambisile ngamasimu ethu , nangezivini zethu , nangezindlu zethu; masithole amabele ngenxa yendlala.
4
Babe khona nabathi : Sitshelekile imali yokuthela enkosini ngamasimu ethu nangezivini zethu.
5
Nokho inyama yethu injengenyama yabafowethu , abantwana bethu banjengabantwana babo ; bheka, sithobisa amadodana ethu namadodakazi ethu, abe yizigqila; amanye amadodakazi ethu asethotshisiwe ; futhi awakho amandla ezandleni zethu , ngokuba amasimu ethu nezivini zethu sekungokwabanye.
6
Ngathukuthela kakhulu lapho ngizwa ukukhala kwabo nalawo mazwi.
7
Inhliziyo yami isicabangile , ngathethisana nabakhulu nababusi , ngathi kubo: Nina nonke nibiza inzalo omunye komunye . Ngase ngibiza ibandla elikhulu ngabo.
8
Ngathi kubo : Thina njengamandla esinawo sihlengile abafowethu abaJuda ababethengiselwe abezizwe ; seniyakuthengisa ngabafowenu , bathengiselwe kithi, na? Bathula, abafumananga zwi.
9
Ngathi futhi : Akukuhle enikwenzayo ; beningehambe yini ngokwesaba uNkulunkulu wethu ngenxa yokuthukwa kwethu ngabezizwe , izitha zethu, na?
10
Nami nabafowethu nezinceku zethu sibatsheleke imali namabele . Ake siyeke ukubiza le nzalo.
11
Ake nibuyisele namhlanje amasimu abo , nezivini zabo, neminqumo yabo, nezindlu zabo , nenxenye yekhulu yemali , neyamabele, neyewayini, neyamafutha enikubiza kubo kube yinzalo.
12
Base bethi : Sizakubuyisela kubo , singabizi lutho kubo ; sizakwenza njengokusho kwakho . Ngase ngibiza abapristi , ngabafungisa ukuba benze njengalelo zwi.
13
Ngavuthulula ingubo yami , ngathi: UNkulunkulu makavuthulule kanjalo bonke abantu abangagcini leli zwi ezindlini zabo nasemfuyweni yabo ; mabavuthululwe kanjalo , babe yize . Lonke ibandla lathi : Amen, ladumisa uJehova. Abantu base benza njengalelo zwi.
14
Futhi kusukela osukwini engamiswa ngalo ukuba ngibe ngumbusi wabo ezweni lakwaJuda , kwasemnyakeni wamashumi amabili kuze kube semnyakeni wamashumi amathathu nambili ka -Aritahishashita inkosi , iminyaka eyishumi nabili, mina nabafowethu asidlanga isinkwa sombusi.
15
Kepha ababusi bokuqala ababe phambi kw ami babebathwesile abantu , bathatha kubo isinkwa n ewayini kanye namashekeli angamashumi amane esiliva; nezinceku zachachaza phezu kwabantu ; kepha mina angenzanga kanjalo ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.
16
Phezu kwalokho ngabambelela emsebenzini wogange, asithenganga zwe ; zonke izinceku zami zabuthana khona emsebenzini.
17
AbaJuda nababusi , abantu abayikhulu namashumi ayisihlanu , badla etafuleni lami, kanye nabafika kithi bevela kwabezizwe abasizungezayo.
18
Okwalungiselwa usuku lwaba lunye nje kwakuyinkabi nezimvu eziyisithupha ezikhethekileyo ; ngalungiselwa nezinyoni newayini eliningi lezinhlobo zonke kanye ngezinsuku eziyishumi ; nokho angicelanga isinkwa sombusi, ngokuba ubugqila babusinda phezu kwalaba bantu.
19
Ngikhumbulele, Nkulunkulu wami, ngenxa yakho konke engikwenzele laba bantu, kube kuhle kimi.