UJobe Chapter 22
1
Wayesethatha u-Elifazi umThemani, wathi:
2
Umuntu angaba yinsizakalo kuNkulunkul u ukuba ohlakaniphileyo abe nosizo kuye na?
3
Kuyintokozo yini kuSomandla , uma ulungile, kuyinzuzo kuye, uma wenza izindlela zakho ziphelele, na?
4
Kungokumesaba kwakho akusolayo, angene nawe ekwahlulelweni, na?
5
Ububi bakho abubukhulu yini? Izono zakho azinakuphela.
6
Ngokuba uthathe ngeze izibambiso kumfowenu , wahlubula abampofu izingubo zabo.
7
Awumphuzisanga owomileyo amanzi, wamgodlela olambileyo ukudla.
8
Umuntu onamandla, izwe lingelakhe; onodumo uyahlala kulo.
9
Umukisile abafelokazi bengenalutho; izingalo zezintandane zaphuliwe.
10
Ngalokho izingibe ziyakuhaqa; uvalo oluzumayo luyakwethusa.
11
Ukukhanya kwakho kuphenduke ubumnyama , ukuze ungaboni , nesikhukhula samanzi siyakusibekela.
12
UNkulunkulu akakho ekuphakameni kwezulu na ? Bheka inhloko yezinkanyezi ukuthi iphakeme kangaka.
13
Uthi wena : U Nkulunkulu wazini na ? Angahlulela en gale kwesigayegaye na?
14
Amafu ayamsibekela ukuze angaboni; uyahamba esiyingelezini sezulu.
15
Uyakugcina indlela yamandulo eyahanjwa yizoni na?
16
Yizo ezahlwitha kungakabi yisikhathi , ezisisekelo sazo sathululwa njengomfula,
17
nezathi kuNkulunkulu: Suka kithina, ngokuba uSomandla ubeyakwenzani kubo na?
18
Kepha nguye owayegcwalisa izindlu zabo ngokuhle . Amasu ababi akude nami.
19
Abalungileyo bayakukubona , bathokoze; abangenasici bayabaklododela ngokuthi:
20
Impela ababesivukela sebechithiwe, nabakushiyileyo umlilo ukuqedile.
21
Mawujwayelane naye, ube nokuthula; ngalokho okuhle kuyakufika kuwe.
22
Mawamukele umthetho emlonyeni wakhe , ubeke amazwi akhe enhliziyweni yakho.
23
Uma ubuyela kuSomandla , uyakwakhiwa, uma udedisa okubi kude etendeni lakho,
24
ubeke igolide lakho othulini, nelase-Ofiri phakathi kwamatshe eminonjana.
25
USomandla uyakuba yigugu lakho, nesiliva elikhazimulayo kuwe,
26
ngokuba lapho uyakuthokoza ngoSomandla , uphakamisele kuNkulunkulu ubuso bakho.
27
Uyakukhuleka kuye, akuzwe, wena ugcwalise izithembiso zakho.
28
Uma unquma indaba , uyakuyenzelwa, ukukhanya kukhanye ezindleleni zakho.
29
Uma zehla, uyakuthi: Phezulu! abesephakanyiswa ozithobileyo.
30
Abantu abangemsulwa uyakubakhulula nabo , bakhululwe ngobumhlophe bezandla zakho.