UJobe Chapter 21
1
Wayesephendula uJobe, wathi:
2
Yizwani nokuzwa amazwi ami; lokhu makube yinduduzo evela kini.
3
Ngivumeleni ukuba nami ngikhulume; nalapho sengikhulumile, klolodani.
4
Mina-ke, ukukhala kwami kungomuntu na? Ngingekhathazeke na?
5
Ngibukeni, nimangale, nibeke izandla emilonyeni yenu.
6
Lapho ngikhumbula nje , ngishaywa luvalo ; ukwesaba kubamba inyama yami.
7
Ababi baphilelani, baze babe badala, yebo, bakhule emandleni, na?
8
Inzalo yabo iyema phambi kwabo kanye nabo , nabantwana babo phambi kwamehlo abo.
9
Izindlu zabo zinokuthula , azinangebhe; uswazi lukaNkulunkulu aluphezu kwabo.
10
Inkunzi yabo iyakhwela, kayiphuthi; inkomo yabo iyazala, kayiphunzi.
11
Bakhipha izingane zabo njengomhlambi; abantwana babo bayagida.
12
Bahlabelela ngesigubhu nangehabhu, bathokoza ngezwi lomtshingo.
13
Baqeda imihla yabo ngokuhle, behlela endaweni yabafileyo ngokuthula.
14
Nokho bathi kuNkulunkulu: Suka kithi, asifuni ukwazi izindlela zakho.
15
USomandla uyini ukuba simkhonze na? Siyakuzuzani, uma sikhuleka kuye, na?
16
Bhekani, inhlanhla yabo ayisesandleni sabo ; icebo lababi malibe kude nami.
17
Kukangaki isibani sababi sicimeka , nengozi ibehlela , babelwe izabelo ngentukuthelo, na?
18
Babeyakuba njengezibi phambi k omoya, nanjengamakhoba aphephethwa yisiphepho.
19
UNkulunkulu ubekela abantwana babo ububi babo ; yebo, kodwa makabuphindisele kubo uqobo ukuba babazi.
20
Awabo amehlo mawabone ukuchithwa kwabo , bona baphuze ukufutheka kukaSomandla.
21
Banokujabula kuni endl ini yabo emva kwabo , lapho umumo wezinyanga zabo usunqunyiwe, na?
22
UNkulunkulu uyakufundiswa ukwazi, yena owahlulela abaphakemeyo, na?
23
Omunye ufa esemi kahle kukho konke, ezinzile, enokuthula.
24
Izinhlangothi zakhe zigcwele amafutha ; umnkantsha wamath ambo akhe umanzi.
25
Omunye ufa enomphefumulo onomunyu, engazange adle okuhle.
26
Balala phansi othulini kanyekanye; izimpethu ziyabasibekela.
27
Bhekani, ngiyazi imicabango yenu, namacebo enu eniyakungona ngawo.
28
Nithi: Iphi indlu yezikhulu, liphi itende lokuhlala kwababi, na?
29
Anibuzanga abadlula endleleni, nibazi ubufakazi babo
30
bokuthi omubi ugodlelwa usuku lokubhujisw a nokuthi bayamukiswa ngosuku lwentukuthelo, na?
31
Ngubani oyakumtshela indlela yakhe ebusweni bakhe ? Ngubani oyakumphindisela ngalokho akwenzileyo na?
32
Uyayiswa ethuneni, kulindwe elibeni.
33
Amagabade asesigodini ayakuba mnandi kuye ; bonke abantu bayakudonswa emva kwakhe , njengokuba bengenakubalwa nababe phambi kwakhe.
34
Pho, ningiduduzelani ngeze, lokhu ezimpendulweni zenu kusele inkoh liso nje, na?