Skip to Content

UDaniyeli Chapter 12

1 Ngaleso sikhathi uMikayeli uyakuvela , isikhulu esigqamileyo esimela abantwana babantu bakho ; kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi ; ngaleso sikhathi abantu bakho bayakukhululwa , bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini. 2 Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ihlazo nokunengwa okuphakade. 3 Abahlakaniphileyo bayakukhanya njengokukhazimula kwesibhakabhaka , nabaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube pha kade naphakade. 4 Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi , unamathelise incwadi kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kube kuningi. 5 Ngase ngibona mina Daniyeli ; bheka, kwakumi abanye ababili , omunye ogwini lomfula nganeno, omunye ogwini lomfula ngaphesheya. 6 Omunye wathi kumuntu owembethe ilineni, owayephezu kwamanzi omfula: Kuyakuba nini ukuphela kwalezi zimangaliso na? 7 Ngezwa umuntu owembethe ilineni , owayephezu kwamanzi omfula ; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sa khe sokhohlo ezulwini , wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi , nezikhathi, nenxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa. 8 Ngakuzwa, kepha angiqondanga ; bese ngithi : Nkosi yami , ukuphela kwalokho kuyakuba yini na? 9 Wathi: Hamba, Daniyeli, ngokuba amazwi avalelwe , anamathelisiwe kuze kube sesikhathini sokugcina. 10 Abaningi bayakuzihlanza, bazenze mhlophe, bacwengisiswe, kepha ababi bayakwenza kabi , kodwa akayikuqonda noyedwa omubi ; nokho abahlakaniphileyo bayakuqonda. 11 Kusukela esikhathini sokususwa komnikelo oshiswa imihla yonke nokumiswa kwesinengiso esichithayo kuyakuba yizinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisishiyagalolunye. 12 Ubusisiwe olindayo afinyelele e zinsukwini eziyinkulungwane namakhulu amathathu namashumi amathathu nanhlanu. 13 Kepha hamba wena kuze kube sekupheleni ; usuphumulile uyakuma esabelweni sakho ngasekupheleni kwezinsuku.