UDaniyeli Isahluko 11
1
Mina-ke, ngomnyaka wokuqala kaDariyu umM ede, ngema ukumqinisa ukuba abe namandla.
2
Kalokhu ngiyakukutshela iqiniso. Bheka, kusezakuvela amakhosi amathathu ePheresiya; eyesine iyakunotha kunawo onke ; isiqinile ngengcebo yayo iyakuvusa bonke ukulwa nombuso waseJavani.
3
Kuyakuvela inkosi enamandla eyakubusa ngokubusa okukhulu , yenze njengentando yayo.
4
Iyakwanele ukuvela nje , umbuso wayo uyakufohlozwa, wahlukaniselwe emimoyeni yomine yezulu , ungabi ngowenzalo yayo , ungabi njengasekubuseni kwayo eyabusa ngakho , ngokuba umbuso wayo uyakusishulwa, ube ngowabanye ngaphandle kwalaba.
5
Inkosi yaseningizimu iyakuba namandla , kanjalo esinye sezikhulu zayo , yebo, sibe namandla kunayo , sibuse, nokubusa kwaso kuyakuba ngukubusa okukhulu.
6
Ngasekupheleni kweminyaka bayakuhlangana , kufike indodakazi yenkosi yaseningizimu enkosini yasenyakatho ukwenza isivumelwano ; kepha ayiyikugcina amandla engalo, nayo inkosi ayiyikuma nengalo yayo , kodwa iyakunikelwa nabayilethayo, nowayizalayo, nowayisizayo ngalezo zikhathi.
7
Kepha ehlumeleni lezimpande zayo kuyakuvela omun ye esikhundleni sayo oyakuya empini , angene enqabeni yenkosi yasenyakatho , amelane nabo, ahlule.
8
Nawonkulunkulu babo kanye nezithombe zabo ezibunjiweyo nezitsha zabo ezinxanelekayo zesiliva nezegolide uyakukuthumba , akuyise eGibithe , ayiyeke inkosi yasenyakatho iminyaka ethile.
9
Kepha yona iyakungena embusweni wenkosi yaseningizimu, kodwa iyakubuyela ezweni lakubo.
10
Amadodana ayo ayakuhloma , abuthe isixuku sezimpi eziningi ; ziyakufika nokufika, zikhukhule, zidlule; ziyakubuya, zilwe kuze kube senqabeni yayo.
11
Inkosi yaseningizimu iyakubaba , iphume, ilwe nenkosi yasenyakatho ; iyakuveza isixuku esikhulu, isixuku sinikelwe esandleni sayo.
12
Kepha isixuku sesisusiwe , inhliziyo yayo iyakuziphakamisa , iwise phansi izinkulungwane ezingamashumi amaningi, kepha ayiyikuba namandla.
13
Inkosi yasenyakatho iyakubuya, iveze isixuku esikhulu kunesokuqala , ifike nokufika ngasekupheleni kwezikhathi eziyiminyaka nempi enkulu nempahla eningi.
14
Ngalezo zikhathi abaningi bayakuyisukela inkosi yaseningizimu , nabaphangi babantu bakho bayakuziphakamisa ukuwuqinisa umbono, kepha bayakuwa.
15
Iyakufika inkosi yasenyakatho, inqwabele iduli, ithathe umuzi obiyelweyo; izingalo zaseningizimu aziyikuma , nabantu bayo abakhethiweyo abayikuba namandla okuma.
16
Kepha omsukelayo uyakwenza njengentando yakhe , akakho oyakuma phambi kwakhe; uyakuma ezweni elihle, abhubhise ngesandla sakhe.
17
Uyakubhekisa ubuso bakhe ukufika namandla ombuso wakhe wonke kanye nezivumelwano, azenze; uyakumnika indodakazi yabesifazane , ayonakalise, kepha ayiyikuma, ingabi ngowakhe.
18
Useyakubuphendulela ubuso bakhe eziqhingini , athathe eziningi , kepha isikhulu siyakuqeda ihlazo elenziwa nguye, futhi sibuyisele ihlazo lakhe kuye.
19
Useyakubuphendulela ubuso bakhe ezinqabeni zezwe lakubo , kepha uyakukhubeka, awe, angabe esafunyanwa.
20
Bese kuvela esikhundleni sakhe oyakudlulisa umthelisi emhlobisweni wombuso, kepha ngezinsuku eziyingcosana uyakubhujiswa , kungabi ngolaka nangokulwa kodwa.
21
Esikhundleni sakhe kuyakuvela odelelekileyo abangamnikanga udumo lobukhosi; uyakufika ngesikhathi sokuthula, athathe umbuso ngobushelezi.
22
Ngengalo yesifufula bayakukhukhulwa ebusweni bakhe , babhujiswe, yebo, nesikhulu sesivumelwano.
23
Emva kokuvumelana naye uyakusebenza ngenkohliso, ngokuba uyakukhuphuka, abe namandla enesizwe esincane nje.
24
Ngesikhathi sokuthula uyakusukela izindawo ezinonileyo zesifunda , akwenze okungenziwanga ngoyise nangoyisemkhulu : uyakuhlakaza phakathi kwabo impango , nengcugco, nempahla, acebe amacebo ngezinqaba kube yisikhathi.
25
Uyakuvusela inkosi yasenin gizimu amandla akhe nesibindi sakhe ngempi enkulu, inempi enkulu enamandla impela ; kepha ayiyikuma , ngokuba bayakuceba amacebo ngayo.
26
Abadla ukudla kwayo okumnandi bayakuyibhubhisa, impi yayo ikhukhulwe; abaningi bayakuwa phansi begwaziwe.
27
Amakhosi-ke omabili, izinhliziyo zawo ziyakuba ngezokwenza okubi ; ayakukhuluma amanga esetafuleni linye , kepha akuyikuphumelela, ngokuba ukuphela kusezakuba sesikhathini esimisiweyo.
28
Bese ibuyela ezweni lakubo inempahla enkulu , inhliziyo yayo imelane nesivumelwano esingcwele; isikwenzile iyakubuyela ezweni lakubo.
29
Ngesikhathi esinqunyiweyo iyakubuya , iye eningizimu; kepha akuyikuba sekugcineni njengasekuqaleni.
30
Imikhumbi yaseKitimi iyakuyisukela ; bese idabuka , ibuye ithukuthelele isivumelwano esingcwele, ifeze; iyakubuya, inake abasishiyile isivumelwano esingcwele.
31
Izimpi ziyakuvela nayo, zingcolise indlu engcwele, inqaba, zisuse umnikelo oshiswa imihla yonke, zimise isinengiso esichithayo.
32
Iyakonakalisa ngokuthopha abaphatha kabi isivumelwano , kepha abantu abamaziyo uNkulunkulu wabo bayakuba namandla, baphikelele.
33
Abahlakaniphileyo babantu bayakuqondisa abaningi ; kepha bayakuwa ngenkemba, nangelangabi, nangokuthunjwa, nangokuphangwa izinsuku eziningi.
34
Ekuweni kwabo bayakusizwa ngokusizwa okuncane , bese bebambelela kubo abaningi ngokuthopha.
35
Abanye kwabahlakaniphileyo bayakuwa ukuba bacwengisiswe, bahlanzwe, benziwe mhlophe kuze kube sesikhathini sokuphela , ngokuba kusezakuba sesikhathini esimisiweyo.
36
Inkosi iyakwenza njengentando yayo , iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu , ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa.
37
Ayiyikunakekela onkulunkulu bawoyise nofiswa yisifazane , inganaki nonkulunkulu oyedwa, ngokuba iyakuzikhulisa phezu kwabo bonke.
38
Kepha unkulunkulu wezinqaba uyakumdumisa esikhundleni sabo , nonkulunkulu ababengamazi oyise uyakumdumisa ngegolide , nangesiliva, nangamatshe anqabileyo nangokunye okuthandiweyo.
39
Iyakwenze njalo ezinqabeni ez inamandla inonkulunkulu ongowabezizwe ; omvumayo iyakumandisela udumo , imenze ukuba abuse abaningi , imahlukanisele izwe libe ngumvuzo wakhe.
40
Ngesikhathi sokuphela inkosi yaseningizimu iyakuqhubukushana nayo ; inkosi yasenyakatho isiyakuvunguzela yona ngez inqola, nangabamahhashi, nangemikhumbi eminingi, ingene emazweni amaningi, ikhukhule, idlule.
41
Iyakungena nasezweni elihle , namanye amaningi ayakukhubeka , kepha lana ayakophulwa esandleni sayo : o-Edomi, noMowabi, nemvama yabantwana bakwa-Amoni.
42
Iyakwelulela isandla emazweni, nezwe laseGibithe aliyikubaleka.
43
Iyakubusa phezu kwengcebo yegolide nesiliva , naphezu kwakho konke okuthandiweyo kwaseGibithe; amaLubi namaKushe ayakuba sezinyathelweni zayo.
44
Iyakwethuswa yimibiko evela empumalanga nasenyakatho ; iyakuphuma ngokufutheka okukhulu ukuchitha nokubhubhisa abaningi.
45
Iyakumisa itende lendlu yayo yobukhosi phakathi kolwandle nentaba enhle engcwele; kepha iya nokho ekupheleni kwayo, akakho ongayisiza.