KuThithu Chapter 3
1
Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla , balalele, balungele imisebenzi yonke emihle,
2
bangahlambalazi muntu , bangabi yizilwi , babe ngabavileyo , bebonakalisa ubumnene obukhulu kubantu bonke.
3
Ngokuba nathi kade sasiyiziwula , abangalaleliyo, abadukiswayo, sikhonza izinkanuko nokutamasa okuyizinhlobonhlobo, sihlezi ebubini nangomhawu , sizondekile sizondana.
4
Kepha lapho sekubonakalisiwe ububele bukaNkulunkulu uMsindisi wethu nothando lwakhe kubantu,
5
wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesige zo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele,
6
amthelayo kakhulu phezu kwethu ngaye uJesu Kristu uMsindisi wethu,
7
ukuze silungisiswe ngomusa wakhe, sibe yizindlalifa zokuphila okuphakade ngokwethemba. Xwaya izifundiso zamanga
8
Lithembekile leli zwi. Ngithanda ukuba uqinise impela ngalezo zinto, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle . Lezo zinto zinhle, zinosizo kubantu;
9
kepha gwema imibuzo yobuwula , nezindaba zolibo lokuzalana, nokubanga nokuphikisana ngomthetho; ngokuba lokho akusizi, kuyize.
10
Umuntu onezifundiso ezidukisayo, eselulekwe kanye nakabili male,
11
wazi ukuthi onjalo uphambukile, uyona, ezahlulela yena. Isigcino
12
Nxa sengithuma u-Arethema noma uThikhiku kuwe , woshesha ukuza kimi eNikopholi; ngokuba nginqumile ukuthi ngizakuhlala lapho ubusika.
13
UZena, ummeli, no-Apholo wobahambisa ngokunakekela , bangasweli lutho.
14
Nabakithi mabafunde ukukhuthalela imisebenzi emihle njengokuswelekileyo, ukuze bangabi ngabangenazithelo.
15
Bonke abanami bayakhonza kuwe . Khonza kwabasithandayo ekukholweni. Umusa mawube nani nonke.