EkaJakobe Chapter 4
1
Zivelaphi izimpi , nokulwa kuvelaphi phakathi kwenu na ? Akuveli yini lapho ezinkanukweni zenu ezilwayo ezithweni zenu na?
2
Niyafisa, nokho aninalutho ; niyabulala ninomhawu , nokho anizuzi lutho ; niyalwa nenza impi. Aninalutho, ngokuba ningaceli;
3
niyacela, nokho anamukeliswa , ngokuba nicela kabi , ukuze nikuchithele ezinkanukweni zenu.
4
Ziphingi, anazi yini ukuthi ukuthanda izwe kungubutha kuNkulunkulu na ? Ngakho lowo othanda ukuba ngumhlobo wezwe , umi eyisitha sikaNkulunkulu.
5
Niyacabanga yini ukuthi umbhalo usho ngeze ukuthi : Umoya awuhlalisa kithi unxanela ngokomhawu, na?
6
Kodwa unika umusa ngokwenezela ; ngakho uthi : UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.
7
Ngakho thobelani uNkulunkulu , kepha nimelane noSathane , khona uyakunibalekela;
8
sondelani kuNkulunkulu, khona uyakusondela kinina. Hlanzani izandla nina zoni, nihlambulule izinhliziyo nina bonhliziyombili.
9
Yibani lusizi , nidabuke, nikhale; ukuhleka kwenu makuphenduke ukudabuka, nokujabula kube ngukujabha.
10
Zithobeni ebusweni beNkosi, khona iyakuniphakamisa.
11
Ningahlebani, bazalwane. Ohleba umzalwane , noma ahlulele umzalwane wakhe, uhleba umthetho, ahlulele umthetho; kepha uma wahlulela umthetho, awusiye owenza okomthetho kodwa ungumahluleli.
12
Munye ongummisimthetho nomahluleli ; nguyena onamandla okusindisa nokubhubhisa; kepha ungubani wena omahlulelayo umakhelwane na? Umuntu akakwazi okuzakumvelela ngomuso
13
Minani nina enithi: Namuhla noma ngomuso siyakuya kulona noma kulowaya muzi, siqede khona umnyaka, sithengiselane, sizuze,
14
anikwazi okwangomuso; kuyini ukuphila kwenu na ? Ngokuba niyinkungu ebonakala isikhashana, ibisinyamalala.
15
Nga nisho nithi: Uma iNkosi ithanda, siphila, siyakwenza lokhu nalokho.
16
Kepha manje niyazibonga ngokuzigabisa kwenu ; konke ukuzigabisa okunjalo kubi.
17
Ngakho owaziyo ukwenza okuhle engakwenzi kuyisono kuye.