Kwathi lapho bekhiphela kuJoshuwa lawo makhosi, uJoshuwa wabiza onke amadoda akwa-Israyeli, wathi ezinduneni zamadoda empi ezazihamba naye : Sondelani, nibeke izinyawo zenu ezintanyeni zalawa makhosi . Zasondela-ke, zabeka izinyawo zazo ezintanyeni zawo.