Skip to Content

UJoshuwa Chapter 10

1 Kwathi lapho u -Adoni Sedeki inkosi yaseJerusalema esezwile ukuthi uJoshuwa uthathile i -Ayi, waliqeda nya njengalokho ebenzile kulo iJeriko nenkosi yalo , wayenze njalo kulo i -Ayi nenkosi yalo no kuthi abakhileyo eGibeyoni benzile ukuthula no-Israyeli, baba phakathi kwabo, 2 besaba kakhulu , ngokuba iGibeyoni lalingumuzi omkhulu njengomunye wemizi yamakhosi nangokuba lalilikhulu kune -Ayi, onke amadoda alo engamaqhawe. 3 Ngalokho u -Adoni Sedeki inkosi yaseJerusalema wathumela kuHohamu inkosi yaseHebroni, nakuPiramu inkosi yaseJarimuthi , nakuJafiya inkosi yaseLakishi, nakuDebiri inkosi yase-Egiloni, wathi: 4 Khuphukelani kimi, ningisize sichithe iGibeyoni , ngokuba lenzile ukuthula noJoshuwa nabantwana bakwa-Israyeli. 5 Ngalokho amakhosi ayisihlanu ama -Amori, inkosi yaseJerusalema, nenkosi yaseHebroni, nenkosi yaseJarimuthi , nenkosi yaseLakishi , nenkosi yase - Egiloni, ahlangana, akhuphuka, wona nawo onke amabandla awo , amisa malungana neGibeyoni, alwa nalo. 6 Amadoda aseGibeyoni athumela kuJoshuwa ekamu laseGiligali , athi: Ungayekethisi isandla sakho ezincekwini zakho ; shesha ukhuphukele kithi usisindise, usisize, ngokuba onke amakhosi ama -Amori akhile ezintabeni asihlanganyele. 7 UJoshuwa wayesekhuphuka eGiligali, yena nabo bonke abantu bempi kanye naye, nawo onke amaqhawe anamandla. 8 UJehova wathi kuJoshuwa : Ungabesabi, ngokuba ngibanikele ezandleni zakho; akuyikubakho muntu wabo ongema phambi kwakho. 9 UJoshuwa wabafikela ngokuzumayo; wakhuphuka eGiligali ubusuku bonke. 10 UJehova wabangquzula ngaphambi kuka -Israyeli, wabaceka ngokuceka okukhulu ngaseGibeyoni , wabaxosha ngendlela ekhuphukela eBeti Horoni , wababulala kwaze kwaba se-Azeka naseMakheda. 11 Kwathi besabalekela u -Israyeli behla eBeti Horoni , uJehova wawisa phezu kwabo amatshe amakhulu , ehla ezulwini , baze bafika e -Azeka, bafa; babe baningi abafa ngesichotho kunababulawa ngu-Israyeli ngenkemba. 12 UJoshuwa wayesekhuluma kuJehova mhla uJehova enikela ama -Amori phambi kwabantwana bakwa -Israyeli, wathi eb usweni babakwa-Israyeli: Langa, yima eGibeyoni, nawe nyanga, esigodini sase-Ajaloni. 13 Lase lima ilanga , nenyanga yahlala , abantu baze baziphindisela ezitheni zabo. Akulotshiwe yini lokho eNcwadini Yolungileyo na ? Ilanga lema phakathi nomkhathi, alisheshanga ukushona kungathi usuku lonke. 14 Aluzange lube khona usuku olunjengalo ngaphambi kwalo noma ngasemva kwalo lokuba uJehova alilalele izwi lomuntu, ngokuba uJehova wamlwela u- Israyeli. 15 UJoshuwa wabuyela ekamu laseGiligali, bonke abakwa-Israyeli benaye. 16 Lawo makhosi omahlanu abaleka, acasha emhumeni waseMakheda. 17 Kwabikwa kuJoshuwa ukuthi : Lawo makhosi omahlanu afunyanisiwe ecashile emhumeni waseMakheda. 18 UJoshuwa wathi : Gingqelani amatshe amakhulu emlonyeni womhume , nibeke amadoda ngakuwo ukuba awalinde; 19 kepha ningemi nina ; xoshani izitha zenu , nibulale ezingasemuva , ningazivumeli ukuba zingene emizini yazo , ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu uzinikele esandleni senu. 20 Kwathi lapho uJoshuwa nabantwana bakwa-Israyeli sebeqedile ukubaceka ngokuceka ok ukhulu kakhulu baze baqedwa , insali yabo nokho isingenile emizini ebiyelweyo, 21 bonke abantu babuyela ekamu kuJoshuwa eMakheda ngokuthula , akwabakho onyakazisa ulimi lwakhe ngomuntu wabantwana bakwa-Israyeli. 22 Wayesethi uJoshuwa : Vulani umlomo womhume , nikhiphele kimi lawo makhosi omahlanu emhumeni. 23 Benze njalo -ke; bawakhiphela kuye lawo makhosi omahlanu emhumeni : inkosi yaseJerusalema, nenkosi yaseHebroni, nenkosi yaseJarimuthi, nenkosi yaseLakishi, nenkosi yase-Egiloni. 24 Kwathi lapho bekhiphela kuJoshuwa lawo makhosi, uJoshuwa wabiza onke amadoda akwa-Israyeli, wathi ezinduneni zamadoda empi ezazihamba naye : Sondelani, nibeke izinyawo zenu ezintanyeni zalawa makhosi . Zasondela-ke, zabeka izinyawo zazo ezintanyeni zawo. 25 UJoshuwa wathi kuzo : Ningesabi, ningabi naluvalo; qinani, nime isibindi, ngokuba uJehova uyakwenza kanjalo kuzo zonke izitha zenu enilwa nazo. 26 Ngasemuva uJoshuwa wawagenca , wawabulala, wawaphanyeka emithini eyisihlanu, alenga emithini kwaze kwahlwa. 27 Kwathi ngesikhathi sokushona kwe langa uJoshuwa wayala , bawehlisa emithini, bawaphonsa emhumeni lapho ebecashe khona , babeka amatshe amakhulu emlonyeni womhume; akhona nanamuhla. Ukunqotshwa kwemizi ngaseningizimu yaseKhanani 28 UJoshuwa wathatha iMakheda ngalolo suku , walichitha ngosiko lwenkemba kanye nenkosi yalo , wabaqothula nabo bonke abakulo , akashiyanga noyedwa owasalayo ; wenza-ke kuyo inkosi yaseMakheda njengalokho ebenzile kuyo inkosi yaseJeriko. 29 UJoshuwa wasuka eMakheda nabo bonke abakwa -Israyeli benaye , waya eLibina, walwa neLibina; 30 uJehova walinikela nalo nenkosi yalo esandleni sakwa -Israyeli, walichitha ngosiko lwenkemba nabo bonke abakulo , akashiyanga noyedwa owasala phakathi kwalo; wenza-ke kuyo inkosi yalo njengalokho ebenzile kuyo inkosi yaseJeriko. 31 UJoshuwa wasuka eLi bina nabo bonke abakwa -Israyeli benaye , waya eLakishi, wamisa malungana nalo, walwa nalo; 32 uJehova wanikela iLakishi esandleni sakwa -Israyeli, walithatha ngosuku lwesibili, walichitha ngosiko lwenkemba kanye nabo bonke ababekulo njengakho konke abekwenzile kulo iLibina. 33 Khona kwakhuphuka uHoramu inkosi yaseGezeri ukuba asize iLakishi ; kepha uJoshuwa wambulala nabantu bakhe , akaze amshiyela noyedwa owasalayo. 34 UJoshuwa wasuka eLakishi, bonke abakwa-Israyeli benaye, waya e-Egiloni; bamisa malungana nalo, balwa nalo. 35 Balithatha ngalolo suku , balichitha ngosiko lwenkemba ; nabo bonke ababekulo wabaqothula ngalolo suku njengakho konke abekwenzile kulo iLakishi. 36 UJoshuwa wakhuphuka e -Egiloni, bonke abakwa -Israyeli benaye , waya eHebroni, balwa nalo. 37 Balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba kanye nenkosi yalo , nayo yonke imizi yalo , nabo bonke ababekulo ; akashiyanga noyedwa owasalayo njengakho konke abekwenzile kulo i -Egiloni, waliqothula nabo bonke abakulo. 38 UJoshuwa wabuyela nabo bonke abakwa-Israyeli eDebiri, walwa nalo; 39 walithatha kanye nenkosi yalo nayo yonke imizi yalo , bayichitha ngosiko lwenkemba. Baqothula bonke ababekulo , akashiyanga noyedwa owasalayo ; njengalokho ebenzile kulo iHebroni , wenze njalo kulo iDebiri nakuyo inkosi yalo, njengalokho ebenzile nakulo iLibina nakuyo inkosi yalo. 40 Wachitha-ke uJoshuwa izwe lonke , izintaba, neNingizimu, namathafa, nemithambeka, namakhosi onke alo; akashiyanga noyedwa owasalayo, kepha waqothula konke okuphefumulayo njengokuyala kukaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli. 41 UJoshuwa wabachitha kusukela eKadeshi Barineya kuze kufike eGaza , nezwe lonke laseGosheni kuze kufike eGibeyoni. 42 Onke lawo makhosi nezwe lawo uJoshuwa wakuthatha ngasikhathi sinye , ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli walwela u-Israyeli. 43 UJoshuwa wabuyela ekamu laseGiligali, bonke abakwa-Israyeli benaye.