Skip to Content

"yizinsuku"

13 occurrences in ZUL

U-Abrahama wagqibuka wafa , esemdala egugile , esanelisiwe yizinsuku , wabuthelwa kubantu bakhe.

U-Isaka wagqibuka wafa , wabuthelwa kubantu bakhe , emdala esanelisiwe yizinsuku. O-Esawu noJakobe amadodana akhe bammbela.

Uyakwenze njalo ku-Aroni nakumadodana akhe , njengakho konke engikuyale ngakho; ukwahlukanisela kuyakuba yizinsuku eziyisikhombisa.

Niyakunikela kanjalo imihla yonke kube yizinsuku eziyisikhombisa, isinkwa somnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova ; kuyakunikelwa ngakho kanye nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwa.

UDavide wayesemdala , esanelisiwe yizinsuku ; wambeka uSolomoni indodana yakhe abe yinkosi kwa-Israyeli.

Wafa esemdala , esanelisiwe yizinsuku nen gcebo nodumo ; uSolomoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Lapho uJehoshafati nabantu bakhe befika ukuqoqa impango kubo , bafumanisa phakathi kwabo ubuningi bengcebo nezidumbu nezinto ezinxanelekayo, bazihlubulela zona , kwaze kwangabakho ongazithwala ; kwaba yizinsuku ezintathu beqoqa impango, ngokuba yayiningi kangaka.

Kodwa uJehoyada waguga , wafa esanelisiwe yizinsuku ; wayeneminyaka eyikhulu namashumi amathathu ekufeni kwakhe.

njengezinsuku abaJuda abathola ngazo ukuphumula ezitheni zabo nenyanga eyaguqulwa kubo osizini yaba ngeyokuthokoza nasekulilen i kwaba lusuku oluhle, bazenze zibe yizinsuku zedili nezokuthokoza nezokuthumelana izipho omunye komunye, kanye nezipho kwabampofu.

Wafa-ke uJobe esemdala, esanelisiwe yizinsuku.

Kusukela esikhathini sokususwa komnikelo oshiswa imihla yonke nokumiswa kwesinengiso esichithayo kuyakuba yizinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisishiyagalolunye.

UJona waqala ukungena emzini , uhambo losuku lwaba lunye , wamemeza wathi: Kusezakuba yizinsuku ezingamashumi amane, bese lichithwa iNineve.

Ngokuba uyakufikelwa yizinsuku, lapho izitha ziyakukukaka ngodonga lwempi, zikuhaqe, zikuvimbezele nxazonke,