Abamesabayo ubapha ukudla; ukhumbula njalo isivumelwano sakhe.
Izideleli uyazidelela, kepha abathobekileyo ubapha umusa.
Kodwa unika umusa ngokwenezela ; ngakho uthi : UNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.
Ngokunjalo, nina basha , thobelani amalunga ; kepha nonke yembathani ukuthobeka, nithobelane, ngokuba uNkulunkulu umelana nabazidlayo, kepha abathobekileyo ubapha umusa.