Skip to Content

"oyifunayo"

5 occurrences in ZUL

uthenge ngaleyo mali noma intoni umphefumulo wakho oyithandayo , izinkabi, noma izimvu, noma iwayini , noma uphuzo olunamandla , noma intoni umphefumulo wakho oyifunayo , udle khona phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, wename, wena nabendlu yakho;

Yayisithi inkosi kuye : Ukhala ngani , nkosikazi Esteri , na? Yini oyifunayo na? Uyakunikwa kuze kube nenxenye yombuso.

Inkosi yathi ku -Esteri ngasedilini lewayini : Isicelo sakho siyini na ? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na ? Kuyakwenziwa kuze kube nenxenye yombuso.

Inkosi yabuye yathi ku -Esteri ngosuku lwesibili lwedili lewayini : Isicelo sakho siyini , nkosikazi Esteri , na? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na ? Kuyakwenziwa kuze kube nenxenye yombuso.

Inkosi yayisithi ku -Esteri inkosikazi : AbaJuda babulele bac hitha abantu abangamakhulu ayisihlanu eShushani endlini yenkosi namadodana ayishumi kaHamani; pho, benzeni kwezinye izifunda zenkosi ? Isicelo sakho siyini ? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na? Kuyakwenziwa.