U-Esteri Chapter 7
1
Yafika-ke inkosi noHamani edilini lika-Esteri inkosikazi.
2
Inkosi yabuye yathi ku -Esteri ngosuku lwesibili lwedili lewayini : Isicelo sakho siyini , nkosikazi Esteri , na? Uyakusenzelwa. Yini oyifunayo na ? Kuyakwenziwa kuze kube nenxenye yombuso.
3
Wayesephendula u-Esteri inkosikazi, ethi: Uma ngifumene umusa emehlweni akho, nkosi, noma kukuhle enkosini , mangiphiwe ukuphila kwami ngesicelo sami nokwesizwe sakithi ngokufuna kwami,
4
ngokuba kuthe ngisiwe ngathi , mina nesizwe sakithi , ukuba sichithwe , sibulawe, sibhubhe. Uma bekuthengisiwe ngathi sibe yizigqila nezigqilakazi kuphela, ngabe ngithulile , ngokuba usizi lwethu alwanele ukuba sisinde inkosi.
5
Yayisisho inkosi u-Ahashiveroshi, ithi ku-Esteri inkosikazi: Ngubani lo, uphi yena onesibindi sokwenza lokho na?
6
U-Esteri wathi : Ngumuntu omelene nathi , oyisitha, uHamani lo omubi . UHamani wayeseshaywa luvalo phambi kwenkosi nenkosikazi.
7
Yayisisukuma inkosi ngolaka lwayo edilini lewayini , yaya ensimini yendlu yenkosi; uHamani wasukuma ukunxusa u -Esteri inkosikazi ngokuphila kwakhe, ngokuba wabona ukuthi usenqunyelwe okubi yinkosi.
8
Inkosi isibuya ensimini yendlu yenkosi , ingene endlini yedili lewayini , uHamani wayesewele embhedeni u -Esteri ayekuwo . Yayisithi inkosi : Uyakuyiphoqa inkosikazi phambi kwami lapha endlini na ? Lapho liphuma leli zwi emlonyeni wenkosi, bamboza ubuso bukaHamani.
9
Wayesethi uHaribona , enye yezinduna ezaziphambi kwenkosi : Bheka, umuthi okuphakama kwawo kuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, uHamani ayewenzele uMoridekayi owakhuluma kahle ngenkosi , umi endlini kaHamani. Inkosi yathi: Mphanyekeni kuwo.
10
Base bemphanyeka -ke uHamani emthini ayewulungisele uMoridekayi . Yayisibohla intukuthelo yenkosi.