Skip to Content

"ifu"

44 occurrences in ZUL

Yafika phakathi kwempi yaseGibithe nempi yakwa-Israyeli; kwakukhona ifu nobumnyama, noma ikhanya ebusuku , ukuze izimpi zingakwazi ukusondelana ubusuku bonke.

UMose wayesekhuphukela entabeni, ifu lasibekela intaba.

Inkazimulo kaJehova yahlala entabeni yaseSinayi , ifu layisibekela izinsuku eziyisithupha; ngosuku lwesikhombisa esefwini wambiza uMose.

Ifu lase lisibekela itende lokuhlangana , nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.

UMose wayengenakungena etendeni lokuhlangana , ngokuba ifu lahlala phezu kwalo, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.

Njalo lapho ifu lenyuswa etabernakele , abantwana bakwa -Israyeli baqhubekela phambili ezinkambeni zabo zonke.

Kepha uma ifu lingenyuswanga , babengaqhubeki kwaze kwafika usuku lokwenyuswa kwalo.

Ngokuba ifu likaJehova laliphezu kwetabernakele emini , nomlilo wawukulo ebusuku emehlweni ayo yonke indlu yakwa -Israyeli ezinkambeni zabo zonke. ULEVITIKUS

abeke impepho emlilweni phambi kukaJehova ukuba ifu lempepho lisibekele isihlalo somusa esiphezu kobufakazi, ukuze angafi;

Uma umfokazi egogobele phakathi kwenu , ethanda ukulenza iphasika kuJehova ngokwesimiso sephasika nangokomthetho walo , uyakwenze njalo; niyakuba nesimiso sinye kumfokazi nakowokuzalwa ezweni. Ifu elaliphezu kwetabernakele*

Ngosuku itabernakele elamiswa ngalo ifu lalisibekela itabernakele , itende lobufakazi; ngakusihlwa laliphezu kwetabernakele njengokubonakala komlilo kwaze kwaba sekuseni.

Kwakunjalo ngesikhathi sonke : ifu lalisibekela , kwabonakala umlilo ebusuku.

Nalapho ifu lenyuswa etendeni , base behamba abantwana bakwa -Israyeli, nasendaweni lapho ifu lalima khona, lapho abantwana bakwa-Israyeli bamisa khona.

Ngesiyalezo sikaJehova abantwana bakwa-Israyeli bahamba, nangesiyalezo sikaJehova bamisa ; ngesikhathi ifu lihlala phezu kwetabernakele bahlala ekamu.

Nalapho ifu lihlala phezu kwetabernakele izinsuku eziningi , abantwana bakwa-Israyeli bagcina isiyalezo sikaJehova, abahambanga.

Ngesinye isikhathi ifu laliphezu kwetabernakele izinsuku eziyingcosana nje; khona ngesiyalezo sikaJehova bahlala ekamu , nangesiyalezo sikaJehova bahamba.

Nangesinye isikhathi ifu lahlala kusihlwa kwaze kwaba sekuseni ; nalapho ifu lenyuswa ekusen i, bahamba; noma lahlala ubusuku nemini , bahamba lapho ifu lenyuswa.

Noma kwakuyizinsuku ezimbili , noma inyanga , noma isikhathi esingakanani ifu lisahlezi phezu kwetabernakele , abantwana bakwa-Israyeli bahlala ekamu, abahambanga; kepha lapho lenyuswa, bahamba.

Kwathi ngomnyaka wesibili ngeny anga yesibili ngolwamashumi amabili lwenyanga ifu lenyuswa etabernakele lobufakazi.

UJehova uyakudala phezu kwayo yonke indawo y entaba yaseSiyoni naphezu kwemihlangano yayo ifu nomusi emini nokukha nya kwelangabi lomlilo ebusuku, ngokuba phezu kwayo yonke inkazimulo kuyakuba khona isivikelo.

Kwathi inhlangano isibahlanganyele oMose no-Aroni, babheka ngasetendeni lokuhlangana; bheka, ifu lalisibekela, inkazimulo kaJehova yabonakala.

Abantwana bakwa -Israyeli basu ka ehlane laseSinayi amabanga ngamabanga; ifu lema ehlane lasePharanu.

Ifu likaJehova laliphezu kwabo emini, lapho besuka ekamu. Umkhuleko kaMose

Ifu lasuka phezu kwetende ; bheka, uMiriyamu wayesenochoko , enjengeqhwa; u-Aroni wambheka uMiriyamu; bheka, wayenochoko.

babatshele abakhe kuleli zwe ; bezwile ukuthi wena Jehova uphakathi kwalaba bantu, babonane nawe Jehova ubuso nobuso ; ifu lakho limi phezu kwabo, wena uhamba phambi kwabo usensikeni yefu emini nasensikeni yomlilo ebusuku.

Wazembesa ifu, ukuze imikhuleko yethu ingafinyeleli.

Kwathi lapho abapristi sebephumile enda weni engcwele , ifu lagcwalisa indlu kaJehova,

Kwathi ngokwesikhombisa yath i: Bheka, kukhuphuka ifu elwandle, lingangesandla somuntu . Wayesethi: Khuphuka, umtshele u -Ahabi ukuthi : Bophela, wehle, funa uvinjelwe yimvula.

Ubumnyama nethunzi lokufa maluphiwe khona , kuhlale ifu phezu kwalo ; okwenza mnyama usuku makulwesabise.

Ifu liphela lihamba ; kanjalo owehlele endaweni yabafileyo akasayikukhuphuka.

Ubopha amanzi emafwini akhe; ifu alidabuki phansi kwawo.

Uyasibekela ubuso besihlalo sakhe sobukhosi ; uyeneka ifu lakhe phezu kwaso.

Wendlala ifu lokubasibekela, nomlilo wokukhanyisa ebusuku.

Ngabona, bheka, kwavela umoya wesivun guvungu enyakatho, ifu elikhulu elinomlilo ovuthayo nokukhanya nxazonke zalo , kuphuma phakathi kwalo kungathi ithusi elikhazimulayo, kuvela emlilweni.

Amakherubi ayemi ngakwesokunene kwendlu ekungeneni kwendoda , ifu lagcwalisa igceke elingaphakathi.

Inkazimulo kaJehova yenyuka ekherubini, yaya embundwini wendlu; indlu yagcwala ifu, igceke lagcwala ukumenyezela kwenkazimulo kaJehova.

EThehafenehesi usuku luyakuba mnyama , lapho ngaphula khona amajoka aseGibithe, nokukhukhumala kwamandla kuyakuphela kulo ; lona-ke, ifu liyakulisibekela, namadodakazi alo ayakuya ekuthunjweni.

Esakhuluma, bheka ifu elikhanyayo labasithibeza ; bheka, kwavela izw i efwini, lathi: Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo; yizweni.

Kwase kufika ifu , libasithibeza; kwavela izwi efwini , lithi: Lo uyiNdodana yami ethandekayo; yizweni.

Esakhuluma lokhu , kwafika ifu , labasithibeza; besaba ekungeneni kwabo efwini.

Wayesethi nakuzo izixuku : Nxa nibona ifu likhuphuka entshonalanga , masinyane nithi: Iyeza imvula, kube njalo.

Kwathi eseshilo lokho, wakhushulwa bebuka; ifu lamsusa emehlweni abo.

Ngase ngibona enye ingelosi enamandla yehla ezulwini yembethe ifu , nothingo lwenkosikazi lwaluphezu kwekhanda layo , nobuso bayo babunjengelanga, nezinyawo zayo zinjengezinsika zomlilo,

Ngase ngibona; bheka, nanto ifu elimhlophe, naphezu kwefu kuhlezi ofana nendodana yomuntu enomqhele wegolide ekhanda lakhe nasesandleni sakhe enesikela elibukhali.