NgokukaMarku Chapter 9
1
Wayesethi kubo : Ngiqinisile ngithi kini : Bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa , baze babone umbuso kaNkulunkulu ufikile ngamandla. Ukukhazimuliswa kukaJesu entabeni (Math. 17:1; Luk. 9:28)
2
Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha oPetru , noJakobe, noJohane, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa ; waphenduka esinye isimo phambi kwabo.
3
Izingubo zakhe zacwazimula zaba mhlophe qw a, ngangokuba umhlanzi wasemhlabeni angezenze zibe mhlophe kangaka.
4
Kwabonakala kubo u-Eliya enoMose; babekhuluma noJesu.
5
Wathatha uPetru , wathi kuJesu : Rabi, kuhle ukuba silapha ; masakhe amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.
6
Wayengazi ukuthi uzakuphendula ngokuthini, ngokuba babesaba kakhulu.
7
Kwase kufika ifu , libasithibeza; kwavela izwi efwini , lithi: Lo uyiNdodana yami ethandekayo; yizweni.
8
Kwathi masinyane beqalaza , ababe besabona muntu , kuphela uJesu yedwa enabo.
9
Besehla entabeni , wabayala ukuba bangatsheli muntu abakubonileyo , iNdodana yomuntu ingakavuki kwabafileyo.
10
Bazigcinela lelo zwi bebuzana ngokuthi kuyini lokho ukuvuka kwabafileyo.
11
Base bembuza , bethi: Basholoni ababhali ukuthi u-Eliya umelwe ukufika kuqala na?
12
Wayesethi kubo : Nempela u -Eliya uyeza kuqala ukuba abuyisele konke ; kepha kulotshiwe kanjani ngeNdodana yomuntu ukuthi izakuhlupheka ngokuningi, idelelwe, na?
13
Kodwa ngithi kini : U-Eliya sewafika , benza kuye abakutha ndayo, njengalokho kulotshiwe ngaye. Ukuphulukiswa komfana onesithuthwane (Math. 17:14; Luk. 9:37)
14
Kwathi sebeza kubafundi , babona isixuku esikhulu sibahaqile nababhali bebuzana nabo.
15
Isixuku sonke sambona qede sashaywa luvalo , sagijimela kuye , sambingelela.
16
Wayesebabuza ethi: Nibuzana nabo ngantoni na?
17
Omunye wesixuku wamphendula wathi : Mfundisi, ngilethe kuwe indodana yami enomoya oyisimungulu.
18
Kuthi lapho eyibambayo , uyidonsela phansi , ikhihlize amagwebu , igedle amazinyo, iphele amandla. Ngikhulume nabafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka.
19
Waphendula wathi: O sizukulwane esingakholwayo, koze kube nini nginani na? Koze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.
20
Bayiletha kuye . Kwathi umoya embona , wayihlukumeza kakhulu masinyane, yawa phansi emhlabathini, yazigingqa ikhihliza amagwebu.
21
Wayesebuza kuyise ukuthi isikhathi sesingakanani ifikelwe yilokhu na ? Wathi: Kwasebuntwaneni.
22
Uyiphonsile kaningi emlilweni nasemanzini ukuba ayibhubhise; kodwa uma unamandla okwenza utho, sihawukele, usisize.
23
UJesu wayesethi kuye: Uma unamandla! Konke kungenzeka kokholwayo.
24
Uyise womntwana wayesememeza masinyane , wathi: Ngiyakholwa, siza ukungakholwa kwami.
25
UJesu esebona ukuthi isixuku sigijimela ndawonye , wamkhuza umoya ongcolileyo, wathi kuye: Wena moya oyisimungulu nesithulu ngiyakuyala mina, ngithi: Phuma kuye, ungabe usangena kuye.
26
Wamemeza, wamhlukumeza kakhulu, waphuma; waba njengofileyo , baze bathi abaningi: Usefile.
27
Kepha uJesu wambamba ngesandla, wamvusa; wasukuma.
28
Kuthe esengenile endlini, abafundi bakhe bambuza bebodwa , bathi: Thina besingemkhiphe ngani na?
29
Wayesethi kubo: Lolu hlobo lungephume ngalutho , kuphela ngokukhuleka nangokuzila ukudla. UJesu ukhuluma futhi ngokuhlupheka kwakhe (Math. 17:22; Luk. 9:43)
30
Bamuka lapho, badabula iGalile, wayengathandi ukuba kwaziwe muntu,
31
ngokuba wabafundisa abafundi bakhe , wathi kubo : INdodana yomuntu ikhashelwa ezandleni zabantu , bazakuyibulala; kuthi isibulewe , izakuvuka emva kwezinsuku ezintathu.
32
Kepha abakuzwisisanga lokho kusho, besaba nokumbuza. Ubukhulu obuyibo nezikhubekiso (Math. 18:1; Luk. 9:46)
33
Base beza eKapernawume . Kwathi esengene endlini , wababuza wathi : Beniphendulana ngantoni endleleni na?
34
Kepha bathula, ngokuba bebekhulumisene endleleni ngokuthi ngubani omkhulu.
35
Wayesehlala phansi , wababiza abayishumi nambili , wathi kubo : Uma umuntu ethanda ukuba ngowokuqala , makabe ngowokugcina kubo bonke nesikhonzi sabo bonke.
36
Wayesethatha umntwana , wammisa phakathi kwabo , wamgona, wathi kubo:
37
Yilowo nalowo oyakwam ukela abe munye kubantwana abanje ngegama lami uyangamukela mina , ongamukela mina akamukeli mina kodwa ongithumileyo.
38
UJohane wayesethi kuye: Mfundisi, sabona umuntu ongasilandeli ekhipha amademoni ngegama lakho; samnqabela ngokuba engasilandeli.
39
Kepha uJesu wathi : Ningamnqabeli, ngokuba akakho owenza umsebenzi wamandla ngegama lami ongasuka masinyane, akhulume kabi ngami.
40
Ngokuba ongamelene nathi ungakithi.
41
Yilowo nalowo oniphuzisa inkezo yamanzi ngegama lami ngokuba ningabakaKristu, ngiqinisile n githi kini : Akasoze alahlekelwa ngumvuzo wakhe.
42
Nalowo okhubekisa abe munye kulaba abancinyane abakholwayo kungangcono kuye ukuba itshe lokusila ligaxwe entanyeni yakhe , aphonswe elwandle.
43
Uma isandla sakho sikukhubekisa , sinqume; kungcono ungene ekuph ileni uyingini kunokuba uye esihogweni , emlilweni ongacimekiyo , unezandla zombili,
44
lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi.
45
Uma unyawo lwakho lukukhubekisa , lunqume; kungcono ungene ekuphileni ulunyonga kunokuba uphonswe esihogweni , emlilweni ongacimekiyo, unezinyawo zombili,
46
lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi.
47
Uma iso lakho likukhubekisa , likhiphe; kungcono ungene embusweni kaNkulunkulu uneso linye kunokuba uphonswe esihogweni unamehlo omabili,
48
lapho impethu yabo ingafi, nomlilo ungacimi.
49
Ngokuba bonke bazakugqunyiswa ngomlilo.
50
Usawoti muhle , kepha uma usawoti engasenabusawoti , niyakumhlaziya ngani na? Yibani nosawoti phakathi kwenu, nihlalisane ngokuthula.