Kuthe engena ethempelini, kweza kuye abapristi abakhulu namalunga esizwe, esafundisa, bathi: Ukwenza lokhu ngagunya lini na ? Futhi ngubani okunike leli gunya na?
bathi kuye: Lokhu ukwenza ngagunya lini na ? Ngubani okunike leli gunya ukuze wenze lokhu na?
Bakhuluma, bathi kuye : Sitshele ukuthi lokhu ukwenza ngagunya lini , nokuba ngubani okunike leli gunya na?
Uma abanye behlanganyela lawo mandla phezu kwenu , kungebe yithi kakhulu na ? Nokho asilisebenzisanga lelo gunya , kepha sibekezela ngakho konke, ukuze singalithiyi ivangeli likaKristu.