Skip to Content

1 kwabaseKorinte Chapter 9

1 Angikhululekile na? Angisiye umphostoli na ? Angimbonanga uJesu iNkosi yethu na? Nina anisiwo umsebenzi wami eNkosini na? 2 Noma ngingesiye umphostoli kwabanye , nokho kinina nginguye , ngokuba uphawu lobuphostoli bami eNkosini yinina. 3 Lokhu kungukuziphendulela kwami kwabangisolayo. 4 Asinalungelo yini lokudla nokuphuza na? 5 Asinalungelo yini lokuhamba nomzalwanekazi ongumkethu njengabanye abaphostoli, nabafowabo beNkosi, noKhefase, na? 6 Kanti yimi kuphela noBarnaba esingenalungelo lokuyeka ukusebenza na? 7 Ngubani oke aye empini ngezakhe izindleko na ? Ngubani otshala isivini , angazidli izithelo zaso , na? Ngubani owalusa umhlambi , angadli ubisi lomhlambi, na? 8 Lokho ngikusho ngokwabantu nje na ? Nomthetho kambe kawusho khona lokho na? 9 Ngokuba kulotshiwe emthethweni kaMose ukuthi : Ungayifaki inkabi isifonyo, nxa ibhula amabele. Konje uNkulunkulu ukhathalela izinkabi na? 10 Noma ukusho ngenxa yethu impela na ? Yebo, kwalotshwa ngenxa yethu , ngokuba olimayo kufanele alime enethemba , nobhulayo abhule enethemba lokwabelwa naye. 11 Uma thina sihlwanyele kini okomoya , kuyinto enkulu yini , uma sizovuna okwenu kwenyama na? 12 Uma abanye behlanganyela lawo mandla phezu kwenu , kungebe yithi kakhulu na ? Nokho asilisebenzisanga lelo gunya , kepha sibekezela ngakho konke, ukuze singalithiyi ivangeli likaKristu. 13 Anazi yini ukuthi abaphethe imisebenzi yethempeli badla okwethempeli nokuthi abakhonza e-altare bahlanganyela ne-altare na? 14 Ngokunjalo iNkosi imisile ukuba abamemezela ivangeli baphile ngevangeli. 15 Kepha mina angisebenzisanga lutho lwalezo zinto ; futhi lokho angikulobanga ukuba kwenziwe kanjalo kimi; ngokuba kungaba ngcono kimi ukuba ngife kunokuba umuntu alwenz ize udumo lwami. 16 Ngokuba noma ngishumayela ivangeli , anginaludumo ngalok ho, ngokuba ngimelwe ukwenze njalo ; ngokuba maye kimina uma ngingalishumayeli ivangeli! 17 Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuzithandela kwami , nginomvuzo; kepha uma kungengakho ukuzithandela kwami , khona-ke kungumsebenzi engiwuphathisiweyo. 18 Pho, uyini umvuzo wami na ? Uyilokhu ukuba nxa ngishumayela ivangeli , ngikwenze ukuba ivangeli lingabizi lutho , ukuze ngingasebenzisi ilungelo lami enginalo evangelini. UPawulu uyisigqila sabo bonke 19 Ngokuba noma ngikhululekile kubo bonke , ngazenza isigqila sabo bonke , ukuze ngizuze abaningi. 20 KubaJuda ngaba njengomJuda , ukuze ngizuze abaJuda ; kwabaphansi komthetho ngaba njengophansi komthetho , noma ngingephansi komthetho mina, ukuze ngizuze abaphansi komthetho; 21 kwabangenamthetho ngaba njengongenamthetho , ngingesiye ongenamthetho kuNkulunkulu kepha ngiphansi komthetho kaKristu , ukuze ngizuze abangenamthetho; 22 kwababuthakathaka ngaba buthakathaka, ukuze ngizuze ababuthakathaka; sengaba yikho konke kubo bonke, ukuze ngakho konke ngisindise abanye. 23 Ngikwenza konke ngenxa yevangeli , ukuze nami ngibe ngumhlanganyeli kulona. Isigijimi senkolo 24 Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo? Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole. 25 Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni z onke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo. 26 Ngakho-ke mina ngiyagijima kungengokungathi kangiqondi ; ngiyagadla kungengokungathi ngishaya umoya. 27 Kodwa ngiyawutuba umzimba wami , ngiwenza isigqila , ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.