Labo abanye baphuma emzini ukuba babahlasele baze babe phakathi kuka- Israyeli, abanye ngalapha, abanye ngalapha, bababulala, kwaze kwangasala muntu owaphunyuka, wabaleka.
Leyo nto yaba nhle emehlweni abantwana bakwa -Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli bambonga uNkulunkulu , ababe besasho ukuthi bayakukhuphuka babahlasele, bachithe izwe ababehlala kulo abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi.