Skip to Content

UJoshuwa Chapter 22

1 UJoshuwa wababiza abakwaRubeni , nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, 2 wathi kubo: Nigcinile konke uMose inceku kaJehova aniyala ngakho , nalalela izwi lami kukho konke enganiyala ngakho; 3 anishiyanga abafowenu lezi zinsuku eziningi kuze kube namuhla , kepha nigcinile imfanelo yomyalo kaJehova uNkulunkulu wenu. 4 Manje uJehova uNkulunkulu wenu ubanikile abafowenu ukuphumula njengalokho ebekhuluma kubo ; ngalokho buyani , niye e matendeni enu ezweni lefa lenu aninika lona uMose inceku kaJehova ngaphesheya kweJordani. 5 Qaphelisisani kuphela ukwenza imiyalo nomthetho aniyala ngakho uMose inceku kaJehova ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu , nihambe kuzo zonke izindlela zakhe , nigcine imiyalo yakhe , ninamathele kuye , nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu. 6 UJoshuwa wayesebabusisa, wabamukisa; baya ematendeni abo. 7 Inxenye yesizwe sakwaManase uMose wayeyabele izwe eBashani , kepha inxenye uJoshuwa way inika izwe phakathi kwabafowabo phesheya kweJordani ngasentshonalanga . Lapho uJoshuwa esebamukisa ukuba baye ematendeni abo, wababusisa, wakhuluma kubo, wathi: 8 Buyelani ematendeni enu nemfuyo eningi : izinkomo eziningi kakhulu , nesiliva, negolide, nethusi, nensimbi, nezingubo eziningi, nabelane impango yezitha zenu nabafowenu. 9 Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase babuya , bamuka kubantwana bakwa -Israyeli eShilo eliyizwe laseKhanani ukuba baye ezweni lakwaGileyadi, izwe lefa labo, ababelwa lona njengesiyalezo sikaJehova ngesandla sikaMose; 10 sebefike eziyingeni zamatshe ngaseJordani ezisezweni laseKhanani abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase bakha khona i -altare ngaseJordani , liyi-altare e likhulu ukubonakala kwalo. 11 Abantwana bakwa -Israyeli bezwa kuthiwa : Bhekani, abantwana bakwaRubeni nabantwana ba kwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase bakhile i -altare malungana nezwe laseKhanani eziyingeni zamatshe ngaseJordani ngaphesheya kwabantwana bakwa-Israyeli. 12 Abantwana bakwa-Israyeli sebezwile lokho , yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana ngaseShilo ukuba ikhuphuke ilwe nabo. 13 Abantwana bakwa -Israyeli bathuma kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakuyo inxenye yesizwe sakw aManase ezweni lakwaGileyadi uFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi, 14 nezikhulu eziyishumi kanye naye , isikhulu sibe sinye ngendlu kayise ezizweni zonke zakwa -Israyeli, yileso naleso siyinhloko yendlu kayise phakathi kwemindeni yakwa-Israyeli. 15 Bafika kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase ez weni lakwaGileyadi , bakhuluma kubo , bathi: 16 Isho kanje yonke inhlangano kaJehova , ithi: Isiphambeko sini enisenzile kuNkulunkulu ka -Israyeli ukuba nibuye namuhla ekumlande leni uJehova ngokuzakhela i-altare, nihlubuke namuhla uJehova. 17 Ububi basePeyori buncane yini kithi esingakazihlambululi kubo kuze kube namuhla, noma inhlangano kaJehova yehlelwa yisifo, 18 ukuba nibuye namuhla ekumlandeleni uJehova na ? Kuzakuthi uma nihlubuka namuhla uJehova , athukuthelele yonke inhlangano ka -Israyeli kusasa. 19 Kepha uma izwe lefa lenu lingcolile , welani, niye ezweni lefa likaJehova , lapho lihlala khona itabernakele likaJehova , nibe nefa phakathi kwethu ; kepha ningahlubuki uJehova , ningahlubuki futhi kithi ngokuzakhela i -altare ngaphandle kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu. 20 U-Akani indodana kaZera akenzanga yini isiphambeko kukho okuqalekisiweyo, yonke inhlangano yakwa -Israyeli yehlelwa yintukuthelo na? Futhi akafanga yedwa lowo muntu ebubini bakhe. 21 Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nenxenye yesizwe sakwaManase baphendula , bakhuluma kuzo izinhloko zemindeni yakwa - Israyeli, bathi: 22 UNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu , yebo, uNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu, uyakwazi, no-Israyeli futhi uyakukwazi ukuthi uma kwakungokuhlubuka noma kungokuphambuka kuJehova , ungasisindisi namuhla 23 ngokuthi sizakhele i -altare, sabuya ekumlandeleni uJehova ; futhi uma kwakungukuba sinikele phezu kwalo ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yempuphu, nokuba sinikele ngemihlatshelo ye minikelo yokuthula phezu kwalo, uJehova uqobo makakubize. 24 Qha, impela senzile lokho ngokunakekela nangesizathu, sathi: Ngesikhathi esizayo abantwana benu bangakhuluma kubantwana bethu ngokuthi : Ninamsebenzi muni noJehova uNkulunkulu ka-Israyeli na? 25 UJehova wenzile iJordani umkhawulo phakathi kwethu nani , nina bantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi ; aninasabelo kuJehova ; abantwana benu bese bebuyisela emuva abantwana bethu ukuba bangabe besamesaba uJehova. 26 Sase s ithi-ke: Masenze silakhe i -altare, lingabi ngelomnikelo wokushiswa nelomhlatshelo, 27 kepha libe ngufakazi phakathi kwethu nani naphakathi kwezizukulwane zethu emva kwethu , ukuze senze inkonzo kaJehova phambi kwakhe ngeminikelo yethu yokushiswa , nangemihlatshelo ye thu, nangeminikelo yethu yokuthula , ukuba abantwana benu bangasho kubantwana bethu ngesikhathi esizayo ukuthi: Aninasabelo kuJehova. 28 Sathi-ke: Kuyakuthi lapho besho kanjalo kithi nakuzo izizukulwane zethu ngesikhathi esizayo , sisho ukuthi : Bhekani isifanekiso se -altare likaJehova abalenzayo obaba , lingabi ngeleminikelo yokushiswa nelemihlatshelo ; lingufakazi phakathi kwethu nani. 29 Makube kude nathi ukuba sihlubuke uJehova , sibuye namuhla ekumlandeleni uJehova ngokwakha i -altare leminikelo yo kushiswa, neleminikelo yempuphu, nelemihlatshelo, ngaphandle kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wethu eliphambi kwetabernakele lakhe. 30 Kuthe uFinehasi umpristi , nezikhulu zenhlangano , izinhloko zemindeni yakwa-Israyeli ezazinaye sezizwile amaz wi akhulunywa ngabantwana bakwaRubeni, nangabantwana bakwaGadi , nangabantwana bakwaManase , kwaba kuhle emehlweni abo. 31 UFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi wathi kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakubantwana bakwaManase : Namuhla siyazi ukuthi uJehova uphakathi kwethu , ngokuba anenzanga lesi siphambeko kuJehova; manje senophulile abantwana bakwa -Israyeli esandleni sikaJehova. 32 UFinehasi indodana ka -Eleyazare umpristi nezikhulu babuya kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi e zweni lakwaGileyadi , bebuyela ezweni laseKhanani kubantwana bakwa-Israyeli, bababuyisela izwi. 33 Leyo nto yaba nhle emehlweni abantwana bakwa -Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli bambonga uNkulunkulu , ababe besasho ukuthi bayakukhuphuka babahlasele, bachithe izwe ababehlala kulo abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi. 34 Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi balibiza i -altare ngokuthi: Lingufakazi phakathi kwethu wokuthi uJehova unguNkulunkulu.